ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-July 14
INgoma 56
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Umbonisi wenkonzo uxoxa ngamalungiselelo ensimu engabelwe. Bukeza incwadi ephathelene nensimu engabelwe, yango-May 30, 2003, isipho sencwadi, izinsuku, indawo ezosetshenzwa namalungiselelo endawo yokulala nawezinto zokuhamba. Bakhona abangaba amaphayona asizayo? Amabandla angayi ensimini engabelwe kufanele axoxe ngamalungiselelo okusebenza insimu engasetshenzwa njalo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso emibili ebonisa isimo esingokoqobo yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-July 15 ne-Phaphama! ka-August 8 ensimini yebandla. Embonisweni ngamunye, kufanele bahanjiswe bobabili omagazini, nakuba kukhulunyelwe owodwa kuphela.
15 imiz: Ukukhulekela UJehova Kukucebisa Kanjani Ukuphila Kwethu? Ingxoxo nezilaleli. Ukukhulekela kweqiniso kuyisihluthulelo sokuphila okujabulisayo nokunenjongo. (1) Kusisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga kanye nezinkathazo zokuphila. (Flp. 4:6, 7) (2) Kusikhuthaza ukuba sihlakulele izimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu. (2 Pet. 1:5-8) (3) Kusisiza sisebenzise isikhathi nezinto zethu ngendlela engcono kakhulu. (1 Thim. 6:17-19) (4) Kunikeza ithemba eliqinisekile lesikhathi esizayo. (2 Pet. 3:13) (5) Kusenza sikwazi ukwakha ubuhlobo obuseduze noJehova. (Jak. 4:8) Qhathanisa nendlela ezintuleka ngayo lezi zinto kulabo abangamazi noma abangamkhonzi uJehova.
20 imiz: “Ukubonga Ngesihe SikaNkulunkulu.”a Lapho nixoxa ngesigaba 3, sikisela izindlela zokuqala umzila kamagazini, ezisekelwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1998, ikhasi 12. Buza ummemezeli oyedwa noma ababili abanekhono ukuthi iyiphi indlela abayithole iphumelela ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Bakhuthaze bonke ukuba bazibekele umgomo wokuqala nokuqhuba isifundo seBhayibheli.—om-ZU k. 91.
INgoma 176 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 21
INgoma 184
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
10 imiz: “Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Memezela usuku lomhlangano wesifunda olandelayo. Uma ibandla lizoya emhlanganweni wesifunda ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, yisho ukuthi labo abafisa ukubhapathizwa kufanele bazise umbonisi owengamele. Bakhuthaze bonke ukuba benze umzamo okhethekile wokumema abafunda nabo iBhayibheli nokuba babe khona kuso sonke isimiso.
25 imiz: Lingisa Isibindi Sabo Lapho Ushumayela. Ingxoxo nezilaleli, esekelwe encwadini ethi Khulekela UNkulunkulu, amakhasi 170-1. Cela izilaleli ukuba ziphendule imibuzo ebuzwe esigabeni 7 nokuba zihlanganise nemiBhalo ekhonjiwe ezimpendulweni zazo. Khetha imiBhalo ozoyifunda. Qokomisa izifundo esizifundayo kulokhu kulandisa nokuthi zisisiza kanjani ukuba sibe nombono oqondile ngesabelo sethu sokushumayela.
INgoma 201 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 28
INgoma 45
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-July. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso emibili yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-August 1 ne-Phaphama! ka-August 8. Embonisweni ngamunye, kufanele bahanjiswe bobabili omagazini, nakuba kukhulunyelwe owodwa kuphela. Omunye wale miboniso, makube ngowommemezeli ofakaza ngokwethukela.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Ukufakaza Njengeqembu Kuletha Injabulo.”b Lapho nixoxa ngesigaba 3, hlanganisa nalokho okwashiwo eBhokisini Lemibuzo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2001. Xoxa kafushane nombonisi weSifundo Sencwadi Sebandla. Mbuze ngamalungiselelo enkonzo yasensimini awenzele iqembu lakhe lesifundo sencwadi nokuthi iqembu lizuza kanjani ngokufakaza ndawonye.
INgoma 36 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 4
INgoma 178
10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho isipho sencwadi sale nyanga. Yenza umboniso owodwa noma emibili yezintshumayelo ezimfushane ezingasetshenziswa.
20 imiz: “Ukuhambisa Izincwadi Ensimini Enezilimi Eziningi.”c Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Lapho nixoxa ngesigaba 3, yiba nomboniso wentshumayelo emfushane yolimi lwakwelinye izwe olukhulunywa ensimini yebandla okungekho bandla elilukhulumayo.—km-ZU 7/02 k. 1 isig. 4.
15 imiz: Intsha Idumisa UJehova! Inkulumo ehlanganisa ingxoxo nezilaleli kanye nezingxoxo nabathile. Kuyasijabulisa ukuzwa intsha inikeza izimpendulo ezilungiselelwe kahle emihlanganweni. Inkuthalo nentuthuko yayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini iyajabulisa. Ibonisa ukholo lwangempela njengoba inikeza ubufakazi obuhle enkonzweni. Ukuziphatha kwayo kokuhlonipha uNkulunkulu kudumisa uJehova. (yb88 kk. 53-4) Intuthuko yayo engokomoya ibeka isisekelo sokuthola amalungelo esikhathini esizayo. Xoxa kafushane nabasha abangamaKristu ababili noma abathathu abahlanganyela njalo emisebenzini yebandla. Ncoma ngobuqotho intsha ebandleni ngemizamo yayo yokudumisa uJehova.
INgoma 49 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.