IZaziso
◼ Isipho ngo-July nango-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi yalezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Hambisa incwadi Ulwazi. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswa isithakazelo, hambisani incwajana ethi Yini uNkulunkulu Ayifunayo?, nenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli.
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi bezifunda bazonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Kungani Kufanele Umesabe UNkulunkulu Weqiniso?”
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-2004 e-odeni lawo lezincwadi lango-July. Lokhu okulandelayo akufanele ku-odwe njengoba kufakiwe emafomini ebandla onyaka wonke: Umbiko Webandla (S-1), Izimvilophu Zamakhadi Ombiko (rce), IFomu Lokuthumela Iminikelo (S-20), Umbiko Wokubalwa Kwezimali Zebandla (S-25), Iphepha Lemali (S-26) noMbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30). Sicela niwasebenzise ngokuhlakanipha wonke amafomu. Kufanele asetshenziselwe injongo yawo kuphela.
◼ SIZA UPHAWULE: Kunoshintsho emihlanganweni yezizwe elandelayo:
December 4-7:
EThekwini (isiNgisi, uLimi Lwezandla; awusekho ngesiBhunu)
EThekwini (isiZulu; umhlangano omusha)
◼ Abamemezeli abakhuluma isiZulu nabathakazelayo bakhuthazwa ukuba baye emhlanganweni wezizwe eThekwini, njengoba kuyobe kunendawo yokuhlala eyanele, kanti eGoli nasePitoli kuyoba nendawo yokuhlala elinganiselwe kuphela.