IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Ngo-February nango-March kwanikezelwa amaHholo OMbuso amane. Sijabula kanye nala mabandla alandelayo: ElaseBaziya nelaseMount Ayliff (eMpumalanga Kapa), elaseWinterveldt North (ePitoli), nelaseKgotsong (eBothaville, eFree State). Kwangathi bonke abasebenza ngokuzithandela ekwakheni amaHholo OMbuso bangaqhubeka bejabulela isibusiso sikaJehova.
Siyajabula ukunazisa ukuthi eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’ Ka-2002 kwakunengqikithi yabangu-158 142 nokuthi kwabhapathizwa abangu-2 318. Uma kuqhathaniswa, ingqikithi yababekhona ngoLwesihlanu yayingu-116 619 kuphela. Singathanda ukukhuthaza bonke abamemezeli ukuba bakhulume kusemanje nabaqashi babo bacele ukungezi emsebenzini ukuze babe khona zonke izinsuku zomhlangano. Khumbulani ukuthi umhlangano wezizwe uzoba izinsuku ezine kanti owesigodi uzoba izinsuku ezintathu.