IBhokisi Lemibuzo
◼ Lapho sifakaza ngocingo, kufanele yini sikhulume ngelungiselelo lomnikelo?
Lapho sifakaza bukhoma, singakwazi ukuchaza ukuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova wokufundisa ngeBhayibheli emhlabeni wonke usekelwa ngokuphelele ngeminikelo yokuzithandela nokuthi siyakujabulela ukuthola iminikelo enjalo. Nokho, akufanele kukhulunywe ngeminikelo noma ilungiselelo leminikelo lapho kufakazwa ngocingo, ngoba lokhu kungase kuqondwe kabi njengendlela yokucela inkongozelo ngocingo. Inkonzo yoFakazi BakaJehova ayiyona neze indlela yokwenza imali.—2 Kor. 2:17.
◼ Lapho sifakaza ngocingo, kufanele senzeni uma umuntu ecela ukuba oFakazi BakaJehova bangaphinde bamshayele ucingo?
Izifiso zomuntu kufanele zihlonishwe. Kufanele kubhalwe ipheshana elinosuku lowo muntu asho ngalo kanye negama lakhe bese lifakwa emvilophini yensimu yebandla ukuze abamemezeli bangayishayeli leyo nombolo esikhathini esizayo. Kanye ngonyaka, kufanele kubukezwe uhlu lwamagama abantu abacela ukuba bangashayelwa ucingo. Ngaphansi kokuqondisa kombonisi wenkonzo, kungabelwa abamemezeli abangomakad’ ebona, abanekhono lokukhuluma ngokungacunuli ukuba baxhumane nalabo bantu ukuze bathole indlela abazizwa ngayo ngaleso sikhathi.—Bheka iBhokisi Lemibuzo elikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1994.