Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/03 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 5/03 k. 7

IZaziso

◼ Isipho ngo-May: Hambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokwahlukana. Lapho uphindela kubantu abanesithakazelo, abahlanganisa nalabo ababe khona eSikhumbuzweni noma kwezinye izenzakalo ezingokwasezulwini kodwa abangahlanganyeli emisebenzini yebandla, gxila ekuhambiseni incwadi ethi Khulekela UNkulunkulu. Kufanele kwenziwe yonke imizamo yokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya, ikakhulukazi nabantu asebeyifundile kakade incwadi ethi Ulwazi nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ngo-June: Hambisa incwadi ethi Ulwazi noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Uma abaninikhaya sebenazo kakade lezi zincwadi, sebenzisa enye incwajana efanelekayo ibandla elinayo esitokweni. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila?—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, kungafaneleka ukuhambisa lezi zincwajana ezilandelayo: A Satisfying Life—How to Attain It, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? nethi Will There Ever Be a World Without War?

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisa ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.

◼ Kulo nyaka eNingizimu Afrika kuzoba nemihlangano emine yezizwe okuzobe kukhona kuyo izihambeli ezivela phesheya. Le mihlangano iyoba ngempela-sonto eyodwa, ngo-December 4-7, eGoli, ePitoli, eThekwini, naseKapa. Kuyobe kuqhutshwa ISIMISO ESIFANAYO ESINGOKOMOYA kuyo yomibili imihlangano yezizwe neyesigodi. Umahluko ukuthi nje emihlanganweni yezizwe, izihambeli zaphesheya ziyokwethula imibiko ngamazwe azo. Ngenxa yezindawo zokuhlala nezokulala ezilinganiselwe, ikakhulukazi emihlanganweni eseGoli naseKapa, asikukhuthazi ukuba amanani amakhulu abazalwane aye kule mihlangano yezizwe uma bengabelwe ukuya kuyo. Nokho, uma ibandla okulo labelwe ukuya emhlanganweni wolimi okungelona olwakho khululeka uye kulowo wolimi lwakho.

◼ Amabandla asengaqala uku-oda i-Watchtower Library—2001 Edition. Le compact disc izotholakala ngesiFulentshi, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane nangesiPutukezi. Sizani nikhumbule ukuthi lokhu kuyinto e-odwa ngokukhethekile. Akufanele ihanjiselwe umphakathi, igcinwe emitatsheni yezincwadi yesikole, noma inikezwe abantu abanesithakazelo nje koFakazi BakaJehova. I-Watchtower Library ilungiselelwe amalungu ebandla futhi itholakala ngebandla kuphela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela