UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Inani ‘Lezinhlamvu Zemali Ezimbili Ezincane’
Wawungeke uthenge ngisho nento encane edliwayo ngomnikelo owawenziwe umfelokazi. (Bheka iphuzu lokucwaninga likaLuka 21:4.) Nokho, umnikelo wakhe wawubonisa indlela ayewathanda futhi ayewazisa ngayo amalungiselelo kaJehova okumkhonza. Ngenxa yalokho, wawubaluleke kakhulu emehlweni kaYise osezulwini.—Mar 12:43.
BUKELA IVIDIYO ETHI ‘ISIPHO SIKAJEHOVA,’ BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yiziphi ezinye zezinto ezenziwayo ngeminikelo yethu?
Kungani iminikelo yethu ibalulekile ngisho noma sinikela ngemali ebonakala incane?
Singaluthola kanjani ulwazi olwengeziwe lwezindlela esinganikela ngazo endaweni esihlala kuyo?—Bheka ibhokisi elithi “Usizo Olusengosini”