Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso Kwamanye Amazwe AseYurophu
1 Emashumini eminyaka amuva umsebenzi woFakazi BakaJehova ubuvinjelwe emazweni amaningana aseYurophu, kuhlanganise neMpumalanga Yurophu. Ezimweni eziningi, ukuvinjelwa kwakuqine kakhulu. Kwakunzima ukuqhuba imihlangano obala, futhi ukuba neHholo LoMbuso kuyinto ecishe ingabi nakwenzeka. Nokho, eminyakeni yamuva, “uJehova wenze into enkulu ngakwenzile kithi. Sijabulile.”—IHu. 126:3.
2 Kusukela ngo-1983, isandla esiqinile phezu koFakazi BakaJehova saqala ukuthamba. Ngo-1989, izwe lasePoland nelaseHungary ayesebaqaphela ngokomthetho oFakazi BakaJehova. Ngo-1991, oFakazi BakaJehova bavunyelwa ukuba babhalise ngokomthetho eRussia. Kusukela ngaleso sikhathi, umsebenzi uye wachuma eRussia nasemazweni ayengama-republic aseSoviet Union. Phakathi kuka-March 1996 no-October 1998, iNdikimba Ebusayo yavuma izicelo ezingu-359 zokuboleka imali yokwakha amaHholo OMbuso ezivela emahhovisi amagatsha engamele umsebenzi emazweni aseYurophu angu-11.
3 Buka izithombe ezikulesi senezelo bese uzindla ngezinto ezinkulu nezimangalisayo uJehova azenzele abantu bakhe. (IHu. 136:4) Jabula ngokwazi ukuthi iminikelo yabafowethu emhlabeni wonke isetshenziswa kahle kakhulu, okubonisa lokho uJesu akusho, njengoba kulotshwe kuJohane 13:35: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”
4 Phakathi kwamazwe aseYurophu azuzayo elungiselelweni lokusiza ekwakheni amaHholo OMbuso emazweni angenazo izimali ezanele yiRomania, lapho sekwakhiwe khona amaHholo OMbuso angu-36 kusukela ngo-July 2000. Ngokusebenzisa ipulani eyodwa cishe kuwo wonke amaHholo OMbuso akhona e-Ukraine, kwakhiwe amaHholo OMbuso angu-61 ngonyaka ka-2001, namanye angu-76 ngo-2002. Ngezimali ezinikelelwe iSikhwama SamaHholo OMbuso, kuye kwakhiwa amakhulukhulu amaHholo OMbuso eBulgaria, eCroatia, eMacedonia, eMoldova, eRussia naseYugoslavia.
5 Ukwakha amaHholo OMbuso kwamanye amazwe akulula, futhi mkhulu umsebenzi okumelwe wenziwe ngaphambi kokuba kuqalwe ukwakha. Ngokuvamile lokhu kudla isikhathi. Ngaphezu kwalokho, izindleko zokwakha iHholo LoMbuso kuleyo ngxenye yeYurophu zinkulu kakhulu kunasezindaweni eziningi e-Afrika noma eNingizimu Melika. Nokho, ngenxa yokwanda okukhulu kwenani labantu abakhulekela uJehova, kusadingeka amakhulukhulu amaHholo OMbuso emazweni aseYurophu angenazo izimali ezanele!
6 Akuve kumangalisa ukubona ukwanda okushesha kangaka ekwakhiweni kwala maHholo OMbuso! Kunikezwe ubufakazi obuhle kakhulu emiphakathini akhiwe kuyo, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okuningi. Kwezinye izindawo, iziphathimandla zendawo zihlatshwa umxhwele umoya wokubambisana obonakala ekulandeleni iziqondiso zokwakha.
7 U-Isaya waprofetha ngokufanele ngokwanda ekukhulekeleni kweqiniso kulesi sikhathi. Ngalowo mprofethi uNkulunkulu wabikezela wathi: “Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.” (Isaya 60:22) Ngempela, ishumi leminyaka elidlule libe isikhathi sikaJehova sokwandisa eMpumalanga Yurophu. Sengathi uJehova angaqhubeka eyibusisa imizamo yethu yokusheshisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso emazweni amaningi njengoba siqhubeka sisekela iSikhwama SamaHholo OMbuso! Umphumela walokhu uzoba ukwakhiwa kwamanye amaHholo OMbuso amaningi emazweni angenazo izimali ezanele. Kuzoba nomthelela ekwandeni kokukhulekela okuhlanzekile ezingxenyeni eziningi zeYurophu nasekunikezweni kobufakazi obengeziwe ‘emkhawulweni womhlaba.’—IzE. 13:47.
[Izithombe ekhasini 3]
IZakhiwo ZamaHholo OMbuso eMoscow, eRussia
[Izithombe ekhasini 4-6]
AmaHholo OMbuso Amasha EMpumalanga Yurophu
EStrumica, eMacedonia
EDaruvar, eCroatia
EBitola, eMacedonia
ESokal, esiFundeni SaseLviv, e-Ukraine
EMladost, eBulgaria
EKurdzhipskoye, eMaykop, eRussia
EBački Petrovac, eYugoslavia
EPlovdiv, eBulgaria
ETlumach, esiFundeni Sase-Ivano-Frankivsk, e-Ukraine
ERava-Ruska, esiFundeni SaseLviv, e-Ukraine
EStara Pazova, eYugoslavia
EZenica, eBosnia naseHerzegovina
ESokal, esiFundeni SaseLviv, e-Ukraine
EZhydachiv, esiFundeni SaseLviv, e-Ukraine