ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-January 13
INgoma 69
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso emibili ebonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-January 15 ne-Phaphama! ka-January 8. Embonisweni ngamunye, kufanele bahanjiswe bobabili labo magazini, nakuba kukhulunyelwa owodwa.
15 imiz: Ingabe Uyayihlola ImiBhalo Nsuku Zonke? Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Khuthaza bonke ukuba bayisebenzise ngokunenzuzo incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2003. Xoxa nezilaleli ngamazwi esandulela, asemakhasini 3-4. Nikeza izindlela imikhaya engaxoxa ngazo ndawonye ngombhalo wosuku. Ukuze ubonise izinzuzo zokuhlola umbhalo wosuku ngalunye, xoxa ngezibonelo ezimbili noma ezintathu zemibhalo yangenyanga elandelayo nokukhulunyelwa kwayo. Yiba nomboniso omfushane wendoda nomkayo bexoxa ngombhalo wangalolo suku nokukhulunyelwa kwawo.
20 imiz: “Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwethu.”a Ngemva kokuxoxa ngesigaba 3, yiba nengxoxo emfushane nosemusha noma osanda kweva eshumini elinambili obhapathiziwe. Iziphi izinselele abhekane nazo kusukela ebhapathiziwe? Yini emsizile wabhekana nazo ngokuphumelelayo? Kumzuzise kanjani ukunikezela ukuphila kwakhe kuJehova?
INgoma 22 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 20
INgoma 44
8 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
22 imiz: “Fundisa Abanye Ulimi Oluhlanzekile.”b Ngemva kokuxoxa ngesigaba 6, yiba nomboniso wommemezeli onekhono ebonisa indlela yokuqala isifundo seBhayibheli emi emnyango lapho enza impindelo, esebenzisa enye yezintshumayelo ezisesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002, ikhasi 4. Hlanganisa nengxoxo ngesigaba esisodwa esisencwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ummemezeli makaphethe ngokubuza umbuzo ngesigaba esilandelayo futhi ahlele ukuwuphendula ngokuzayo. Bakhuthaze bonke ukuba babheke ukuthi kulabo ababahambelayo akekho yini ongathanda ukutadisha iBhayibheli ngale ndlela.
15 imiz: Usizo Ekulaleleni Umthetho KaNkulunkulu Ngegazi. Inkulumo enikezwa umdala ofanelekayo, esekelwe ohlakeni oluvela ehhovisi legatsha. Unobhala kufanele abe nama-Advance Medical Directive/Release card nama-Identity Card anele azonikwa ibandla. La makhadi azonikwa abamemezeli ababhapathiziwe ngemva komhlangano, kodwa AKUFANELE agcwaliswe namhlanje. Ukulisayina, ukusayinisa ofakazi nokubhala usuku emakhadini kungenziwa eSifundweni Sencwadi Sebandla esilandelayo, umbonisi wesifundo sencwadi esiza lapho kudingeka khona. Labo abasayina njengofakazi kufanele bambone ngokoqobo umuntu elisayina ikhadi. Abamemezeli abangabhapathiziwe bangazibhalela awabo amakhadi nawezingane zabo ngokusebenzisa amazwi akula makhadi ngokuvumelana nezimo nezinkolelo zabo.
INgoma 68 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 27
INgoma 92
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba banike ababonisi babo bezifundo zencwadi imibiko yenkonzo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso emibili ebonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-February 1 ne-Phaphama! ka-February 8. Embonisweni ngamunye, ummemezeli makaphethe ngokuhambisa ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli? kumninikhaya ongabamukeli omagazini nakobamukelayo. Chaza kafushane ukuthi singaphindela kanjani kubantu esibahambisele omagazini sase sishiya ipheshana.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2001, k. 4, isig. 10.
15 imiz: Bazuzwa Ngaphandle Kwezwi. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Ukuziphatha okuhle kobuKristu kuwubufakazi obunamandla. Kuye kwabangela abangane bomshado abangakholwa ukuba babe abakhulekeli baJehova. (1 Pet. 3:1, 2) Landisa ngokuhlangenwe nakho okukuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 1999, ikhasi 4; INqabayokulinda ka-October 1, 1995, amakhasi 10-11; ne-Ncwadi Yonyaka Ka-1995, ikhasi 46. Hlela kusengaphambili ukuba nababili noma abathathu abazokhuluma ngemiphumela emihle abayibonile yokulandela iseluleko seBhayibheli kulesi sici.
20 imiz: Izidingo zebandla.
INgoma 124 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 3
INgoma 9
15 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza iBhokisi Lemibuzo. Khuthaza abamemezeli ukuba basebenzise ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) uma behlangana nabantu abayizithulu noma abakhuluma isiPutukezi noma olunye olimi, njengoba kwachazwa encwadini yangomhla ka-June 1, 2000 eyayiya kuwo wonke amabandla. Ngokuvamile, leli fomu kufanele lisetshenziselwe le njongo ngisho noma umuntu engasibonisi isithakazelo emlayezweni woMbuso.
12 imiz: Lingisa Ukholo Lwabo. Ingxoxo nomdala osekhonze uJehova ngokuthobeka nangokwethembeka iminyaka eminingi. (Heb. 13:7) Walithola kanjani iqiniso? Iziphi izingqinamba okwadingeka azinqobe ukuze amele iqiniso? Imaphi amalungiselelo angokomoya noma isikhuthazo okwamsiza ukuba athuthuke? Yini ayenza ukuze afinyelele amalungelo ebandleni? (1 Thim. 3:1) Yini emsizile ukuba akwazi ukulinganisela phakathi kwemithwalo yemfanelo yebandla nezibopho zomsebenzi nezomkhaya? (1 Thim. 5:8) Uzizwa kanjani ngelungelo lokusiza abanye ebandleni?
18 imiz: “Umsebenzi Odinga Ukuthobeka.”c Lapho nixoxa ngesigaba 3, cela izilaleli ukuba zisikisele ukuthi singasabela kanjani uma umuntu ensimini ezama ukusigcona noma edelela, evusa impikiswano, noma ethukuthela. Lapho nixoxa ngesigaba 4, hlanganisani nalokho okushiwo yi-Insight Umqulu 1, ekhasini 1160, isigaba 3.
INgoma 133 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.