Umsebenzi Odinga Ukuthobeka
1 IZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba ‘sithobeke engqondweni, singabuyiseli okubi ngokubi kodwa, ngokuphambene nalokho, sibusise.’ (1 Pet. 3:8, 9) Ngokuqinisekile leso siyalo siyasebenza emsebenzini wokushumayela. Kuyiqiniso ukuthi inkonzo yobuKristu ingakuvivinya ukuthobeka kwethu.
2 Ukuthobeka imfanelo esisiza sikhuthazelele izimo ezingajabulisi. Lapho sishumayela siya kubantu esingabazi bengasilindele, sibe sazi ukuthi abanye bayosabela ngendlela engenamusa. Kudinga ukuthobeka ukuqhubeka sishumayela naphezu kwempatho enjalo. Kwenye insimu elukhuni ngokukhethekile, odade ababili abangamaphayona bahamba indlu ngendlu zonke izinsuku iminyaka emibili bengamukelwa muntu! Nokho, bakhuthazela, namuhla kukhona amabandla amabili kuleyo ndawo.
3 Ukubhekana Nokudelelwa: Ukuthobeka kuyosisiza silingise uJesu lapho abantu beba nonya noma besidelela. (1 Pet. 2:21-23) Komunye umuzi udade wathukwa inkosikazi yakhona, kwalandela umyeni wayo owamxosha emagcekeni akhe. Udade wamane wamamatheka wathi wethemba ukuthi bayoxoxa ngelinye ilanga. Lokhu kwawuhlaba umxhwele lo mbhangqwana kangangokuthi wamlalela uFakazi olandelayo owafika futhi weza emhlanganweni eHholo LoMbuso lapho umenywa. Lo dade owayexoshiwe ekuqaleni wayekhona, wawubingelela wawushumayeza ngokwengeziwe. Nathi singabathobisa abamelene nathi ngokuba ‘nomoya omnene nenhlonipho ejulile.’—1 Pet. 3:15; IzAga 25:15.
4 Gwema Ukuziphakamisa: Ulwazi lwethu lweBhayibheli alusinikezi isizathu sokubabukela phansi abantu noma ukubabiza ngamagama okweyisa. (Joh. 7:49) Kunalokho, iZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba ‘singakhulumi kabi ngamuntu.’ (Thithu 3:2) Uma sithobekile enhliziyweni, njengoJesu, siyabaqabula abanye. (Math. 11:28, 29) Ukukhuluma ngokuthobeka kwenza isigijimi sethu sikhange nakakhulu.
5 Yebo, ukuthobeka kusisiza sikhuthazelele insimu elukhuni. Kungabathobisa abamelene nathi, futhi kwenza abanye bawulalele umlayezo woMbuso. Ngaphezu kwakho konke, kujabulisa uJehova, ‘opha abathobekile umusa ongafanelwe.’—1 Pet. 5:5.