Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/02 kk. 3-4
  • Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 12/02 kk. 3-4

Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kwendaba eyahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-September 2 kuya ku-December 23, 2002. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhala kulo izimpendulo zemibuzo eminingi ngangokunokwenzeka ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:

1. Ukuzindla ngezimfanelo zikaJehova ezinhle kuyisinyathelo esisemqoka ekusondeleni kuye. (IHu. 143:5) [w00-ZU 10/15 k. 4 isig. 6]

2. Ukuhlanganiswa kwezinduku ezimbili okukhulunywe ngako kuHezekeli 37:15-24 kunomfuziselo wanamuhla ngoba ngo-1919 abagcotshiwe abathembekile bahlanganiswa ngaphansi kukaKristu, ‘inkosi yabo eyodwa nomalusi munye.’ [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 25 isig. 13.]

3. Nakuba abacusumbuli beBhayibheli beye bakungabaza ukuba ngokomlando kwencwadi kaDaniyeli, imivubukulo eminyakeni edlule iye yakuchitha ngokuphelele ukugomela kwabo. [si-ZU k. 138 isig. 4]

4. Lapho esikuzwayo kuvela emthonjeni okubonakala sengathi unegunya noma kumuntu othi unolwazi oluningi, asikho isizathu sokukwenqaba lokho akushoyo. [w00-ZU 12/1 k. 29 izig. 7-8]

5. Inkulumo ethi “abaprofethi abancane” ikuchaza ngokufanele ukubaluleka okuncane kwezincwadi ezingu-12 zokugcina zemiBhalo YesiHeberu. [si-ZU k. 143 isig. 1]

6. U-Amose wayengomunye ‘wamadodana abaprofethi’ lapho uJehova embiza futhi emthuma ukuba ayoprofetha kwaJuda nakwa-Israyeli. (2 AmaKh. 2:3) [si-ZU k. 148 isig. 1]

7. U-Obadiya 16 ubikezela ukuqothulwa kwesizwe sakwa-Edomi ngenxa yokuzonda kwaso uJuda. (Obad. 12) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 4/15 k. 30 ibhokisi.]

8. “Ulimi oluhlanzekile” okukhulunywa ngalo kuZefaniya 3:9 luhlanganisa ukuliqonda ngokunembile iqiniso ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w01-ZU 2/15 k. 27 isig. 18.]

9. Isizathu sokuba uJesu ezwe ubuhlungu obujulile bokucindezeleka ngokomzwelo ensimini yaseGetsemane siwukuthi wayekhathazekile ngendlela ukufa kwakhe njengeselelesi esidelelekile okwakuyomthinta ngayo uJehova negama laKhe elingcwele. (Math. 26:38; Luka 22:44) [w00-ZU 11/15 k. 23 isig. 1]

10. ‘UmFilisti’ oba ‘njengenkosana kwaJuda,’ njengoba kuchazwe kuZakariya 9:6, 7, ngokwesiprofetho uchaza amalungu ezinye izimvu namuhla aqeqeshwa ‘yisigqila esikholekile nesiqondayo’ anikezwa negunya lapho kunesidingo. (Math. 24:45) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 7/1 k. 23 isig. 14.]

Phendula imibuzo elandelayo:

11. Umthwalo wethu wemfanelo wokushumayela ungaqhathaniswa kanjani nomthwalo wemfanelo kaHezekeli njengomlindi? (Hez. 33:1-11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 1/1 k. 28 isig. 13.]

12. Yimuphi umfuziselo wombono kaHezekeli wamathambo omile owabonwa ezikhathini zanamuhla? (Hez. 37:5-10) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 24 isig. 12.]

13. Yibuphi ubufakazi obuqand’ ikhanda ngempela bokuthi incwadi kaZakariya yaphefumulelwa nguNkulunkulu? [si-ZU k. 169 isig. 5]

14. Umuzi osembonweni kaHezekeli umelelani? (Hez. 48:15-17) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w99-ZU 3/1 k. 18 isig. 22.]

15. Ngokusekelwe ku-Isaya 2:2-4, kungani kungase kushiwo ukuthi izenzakalo ezenzeka kwa-Israyeli namuhla azisigcwalisi ngokuqondile isiprofetho seBhayibheli? [rs-ZU k. 45 isig. 2]

16. Isiphi isifundo esingasifunda endleleni uDaniyeli asabela ngayo esinqumweni senkosi sokuba kungenziwa sicelo kunoma yimuphi unkulunkulu noma umuntu ngaphandle kwasenkosini izinsuku ezingu-30? (Dan. 6:7-10) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-dp-ZU k. 125 izig. 25-8.]

17. Insali iye yaba njengengonyama phakathi kwezizwe lapho imemezela siphi isigijimi sikaJehova? (Mika 5:8) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w82-ZU 1/1 k. 22 isig. 10 (w81 7/15 k. 23 isig. 10.)]

18. Inkulumo ethi “ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo” ekuHabakuki 3:14 isho ukuthini? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w00-ZU 2/1 k. 22 isig. 15; w82-ZU 1/15 k. 31 izig. 1-2 (w81 8/1 k. 29 izig. 6-7.)]

19. Yini esikiselwa ukusetshenziswa kwegama elithi “mhlawumbe” kuZefaniya 2:3? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w01-ZU 2/15 k. 19 isig. 8.]

20. NgokukaZakariya 8:6, eminyakeni esukela ku-1919, uJehova uye wakufeza kanjani lokho ngokombono wabantu okwakungase kubonakale kungenakwenzeka? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 1/1 k. 16 izig. 18-19.]

Nikeza igama noma amagama noma umushwana odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:

21. Sikhuluma noJehova ․․․․․․ , okuwukukhuluma noNkulunkulu simkhulekela; yena, indlela eyinhloko akhuluma nathi ngayo  ․․․․․․ . (IHu. 65:2; 2 Thim. 3:16) [w00-ZU 10/15 k. 5 izig. 2-3]

22. UJesu Kristu angabizwa ngokuthi uMikayeli ngokuqhathanisa uJude 9 neyoku-1 Thesalonika 4:16 (Revised Standard), lapho umyalo kaJesu Kristu wokuba uvuko luqale uchazwa khona ngokuthi “  ․․․․․․ ”; ngaphezu kwalokho, igama elithi Mikayeli lisho ukuthi “ ․․․․․․ ․․․․․․ ,” ngokusobala okubonisa ukuthi nguJesu oholayo ekusekeleni ubukhosi bukaJehova nasekubhubhiseni izitha zikaNkulunkulu. [rs-ZU k. 257 izig. 2-3]

23. ‘Ukuphuma kwezwi lokubuyisela nokwakha iJerusalema’ kwenzeka ․․․․․․ , kwaphawula ukuqala kwamasonto angu-69 eminyaka, aphela ngokuvela kukaMesiya ․․․․․․ . (Dan. 9:25) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-dp-ZU k. 190 isig. 20–k. 191 isig. 22.]

24. UJoweli 2:31, okhuluma ngelanga eliphenduka libe ubumnyama, uhambelana noMathewu 24:29, 30, lapho ․․․․․․ echaza khona ukuza kwakhe njengeNdodana yomuntu ․․․․․․ . [si-ZU k. 147 isig. 13]

25. Isiprofetho ․․․․․․ nge-Asiriya nenhlokodolobha yalo, ․․․․․․ , siphakamisa ukwahlulela ngokulunga kukaJehova nobukhulu bakhe futhi sisenza siqiniseke ngokuthi uJehova uyokwahlulela ngokulunga bonke ababi. [si-ZU k. 160 isig. 11]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

26. Incwadi kaHezekeli igcizelela ukuthi uJehova (uyephana; uthobekile; ungcwele) futhi yenza kwaziwe ukuthi (ukuthuthukiswa kobuntu bomuntu, ukungcweliswa kwegama likaJehova; ukuba umakhelwane okahle) kubaluleke ngaphezu kwanoma yini enye. [si-ZU k. 137 isig. 33]

27. UHezekeli, owaphila ngasikhathi sinye noDaniyeli, uqinisekisa ukuthi uDaniyeli wayengumuntu ongokoqobo, embala kanye (noNowa noJobe; noMose noJoshuwa; no-Eliya no-Elisha). [si-ZU k. 138 isig. 2]

28. Ngokuvumelana noDaniyeli 2:34, 35, 45, itshe elishaya futhi lichoboze isithombe limelela (i-Armagedoni; izigijimi zesahlulelo ezivuth’ uphondo ezimenyezelwa abantu bakaNkulunkulu; uMbuso KaMesiya). [si-ZU k. 142 izig. 20, 23]

29. Isizwe esingokomfanekiso sesikhonyane okukhulunywe ngaso kuJoweli 1:4-6 simelela (isizwe sakwa-Israyeli; amaKristu agcotshiwe; amabutho amaRoma). (IzE. 2:1, 14-17) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w98-ZU 5/1 k. 9 isig. 9.]

30. ‘Umbuso weNdodana yothando lwakhe’ okukhulunywe ngawo kweyabaseKolose 1:13 (uMbuso KaMesiya; ukubusa kukaKristu phezu kwebandla lobuKristu kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke; ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane). [rs-ZU k. 362 isig. 5]

Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:

Hos. 6:6; Joweli 2:32; Zak. 4:6, 7; 13:3; Roma 12:2

31. Akumelwe sivumele izindinganiso zesiko noma zezwe zalesi simiso sezinto zilolonge ukucabanga kwethu. [w00-ZU 11/1 k. 21 isig. 5]

32. UNkulunkulu akajatshuliswa inqwaba yeminikelo eyenziwa ngoba nje kugcwaliswa umthetho, kodwa ujatshuliswa ukubonakaliswa kothando oluqotho olusekelwe ekumazini. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-si-ZU k. 145 isig. 16.]

33. Ukwazi igama likaNkulunkulu, ukumhlonipha, nokuncika kuye kubalulekile ukuze sisindiswe. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 3/15 k. 30 ibhokisi.]

34. Akuwona amandla omuntu othile enza ukuba injongo kaNkulunkulu ifezeke kodwa kungenxa yomoya wakhe, osiza izinceku zakhe ukuba zinqobe izithiyo ezinjengezintaba futhi zikhuthazele enkonzweni kaNkulunkulu. [si-ZU k. 169 isig. 2]

35. Ukwethembeka okubonakalisa inhlangano kaJehova kudlula noma yibuphi ubuhlobo babantu, njengobezihlobo eziseduze zenyama negazi. [si-ZU k. 171 isig. 24]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela