IZaziso
◼ Isipho ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Amabandla asenencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu angayihambisa nayo. Ngo-February nango-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
◼ Sizani niphawule ukuthi iSikhumbuzo sonyaka ka-2004 siyoba ngeSonto ngo-April 4, ngemva kokushona kwelanga. Lesi saziso senziwa kusengaphambili ukuze abazalwane bakwazi ukufaka izicelo zokubekisa amahholo atholakalayo ngalolo suku uma kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa futhi kudingeka ukuba kutholakale ezinye izindawo. Abadala kufanele benze isivumelwano nabaphathi, esiqinisekisa ukuthi azikho ezinye izinto eziphazamisayo eziyokwenziwa kuleso sakhiwo ukuze umkhosi weSikhumbuzo uqhutshwe ngokuhlelekile nangokuthula. Ngenxa yokubaluleka kwalesi senzakalo, lapho yabela isikhulumi esizonikeza inkulumo yeSikhumbuzo, indikimba yabadala kufanele ikhethe omunye wabazalwane abafaneleka kangcono kunokuba bamane bashintshane noma basebenzise isikhulumi esisodwa unyaka nonyaka. Uma ekhona umdala ongomunye wabagcotshiweyo ongase akwazi ukuyinikeza le nkulumo, kufanele kukhethwe yena.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda izimemo zesikhumbuzo sika-2003 e-odeni lawo lezincwadi lika-December. Izimemo zitholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, iSipedi, isiPutukezi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Kufanele ku-odwe ngamaqoqo ekhulu olimini ngalunye. Sizani nibonise ukucabangela lapho ni-oda izimemo njengoba zilungiselelwe abantu abathakazelayo kuphela, hhayi ukuhanjiswa emphakathini.
◼ Amabandla angakawa-odi amakhadi e-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card kufanele awa-ode e-odeni lawo lika-December. Sizani niwa-ode abe ngu-20 iqoqo ngalinye. Ningawakhiphi la makhadi. Wagcineni nize nithole iziqondiso ezengeziwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
◼ Kusukela ngomagazini ka-January 1, 2003, INqabayokulinda yesiLuvale izophuma kabili ngenyanga.
◼ Kwenziwa ushintsho endleleni iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esizoqhutshwa ngayo phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda. Kusukela ngo-January 2003, ngemva kwengoma nomthandazo wokuvula, isikole sizoqhutshwa imizuzu engaba ngu-25. Kuzoba nenkulumo yemizuzu emihlanu ephathelene nemfanelo yokukhuluma, inkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi, namaphuzu avelele eBhayibheli emizuzu eyishumi. Izabelo No. 2, 3 no-4 ngeke zibe khona. Isikole sizolandelwa uMhlangano Wenkonzo othatha isigamu sehora. Ngemva kwengoma, kuzoba nenkulumo yombonisi wesifunda yemizuzu engu-30, bese kulandela ingoma nomthandazo wokuphetha.