Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/02 kk. 5-8
  • Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2003

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2003
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Izihlokwana
  • Iziyalezo
  • ISIMISO
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 10/02 kk. 5-8

Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2003

Iziyalezo

Ngo-2003 kuyolandelwa amalungiselelo alandelayo lapho kuqhutshwa iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.

IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele [bi12-ZU], INqabayokulinda [w-ZU], Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini [be-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU], nethi Ukubonisana NgemiBhalo (Uhlelo luka-1992) [rs-ZU].

Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngengoma, umthandazo namazwi okwamukela izilaleli bese siqhubeka ngendlela elandelayo:

IMFANELO YOKUKHULUMA: Imizuzu emihlanu. Umbonisi wesikole, umeluleki ongumsizi, noma omunye umdala ofanelekayo uyodingida imfanelo yokukhuluma esekelwe encwadini ye-Sikole Senkonzo. (Emabandleni anabadala abambalwa, kungase kusetshenziswe inceku ekhonzayo efanelekayo.) Ngaphandle kwalapho kuboniswe khona, amabhokisi avela emakhasini abelwe lelo sonto kufanele ahlanganiswe engxoxweni. Izivivinyo kufanele zeqiwe. Ngokuyinhloko zihlelelwe ukuba umuntu ngamunye azenzele zona eyedwa, nokunikeza iseluleko sangasese.

ISABELO NO. 1: Imizuzu eyishumi. Le nkulumo kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo, futhi iyosekelwa kuyi-Nqabayokulinda, kwethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, noma kwethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Kumelwe inikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi ngaphandle kokubukeza. Injongo akufanele nje kube ukuhlanganisa indaba kuphela, kodwa kufanele ugxile enzuzweni yangempela yendaba edingidwayo, uqokomise lokho okuyoba usizo kakhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esisesimisweni. Kulindeleke ukuba abazalwane ababelwe le nkulumo baqikelele ukuba bangeqi isikhathi esabelwe. Bangase banikezwe iseluleko sangasese uma kudingekile.

AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: Imizuzu eyishumi. Ngemizuzu yokuqala eyisithupha, umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo kufanele abonise ngokuphumelelayo indlela indaba esebenza ngayo ebandleni. Angase akhulumele noma iyiphi ingxenye yokufundwa kweBhayibheli kwalelo sonto, njengoba umzalwane osingatha isabelo No. 2 engeke awakhulumele amavesi awafundayo. Lokhu akufanele nje kube ukubukeza ingxenye eyabiwe. Injongo eyinhloko kufanele kube ukusiza izilaleli ziqonde ukuthi kungani nokuthi kukanjani indaba iwusizo. Ngemva kwalokho, ngemizuzu emine isikhulumi siyocela izilaleli zihlanganyele ngokunikeza izimpendulo ezimfushane (imizuzwana engu-30 noma ngaphansi) kule mibuzo emibili elandelayo: “Yini oyitholile ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto eyokuzuzisa enkonzweni noma ekuphileni kwakho?” nothi “Yini eye yaqinisa ukholo lwakho futhi yakhulisa ukwazisa kwakho uJehova?” Umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi abanezabelo kwamanye amakilasi.

ISABELO NO. 2: Imizuzu emine. Lesi isabelo sokufunda esabelwa umzalwane. Ngokuvamile indaba ayifundayo iyoba seBhayibhelini. Kanye ngenyanga, lesi sabelo siyohlanganisa indaba ethathwe kuyi-Nqabayokulinda. Umfundi uyofunda indaba ayabelwe ngaphandle kokwenza isethulo noma isiphetho. Indaba efundwayo ngeke ilingane masonto onke, kodwa kufanele ifundwe ngemizuzu emine noma ngaphansi. Umbonisi wesikole kufanele ayihlole indaba ngaphambi kokwenza izabelo, ayifanelanise nobudala nekhono labafundi. Ikakhulu, umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo sokusiza abafundi ukuba bafunde ngokuqonda, ngendlela eshelelayo, bagcizelele umqondo ofanele, bashintshashintshe izwi, bahlabe ikhefu ngendlela efanele, futhi bafunde nangendlela engokwemvelo.

ISABELO NO. 3: Imizuzu emihlanu. Le nkulumo iyokwabelwa udade. Abafundi ababelwa le nkulumo bangase bazikhethele ukuhlelwa kwenkulumo noma babelwe kokusohlwini olusekhasini 82 lwencwadi ethi ISikole Senkonzo. Umfundi kufanele asebenzise isihloko asabelwe futhi asisebenzise esicini esithile esingokoqobo senkonzo yasensimini esisebenza ensimini yebandla. Uma kungekho zikhombo ezinikeziwe zomthombo wendaba, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini ezilungiselelwe yisigaba senceku ethembekileyo neqondayo. Abafundi abasebasha kufanele babelwe izinkulumo ezinezikhombo ezinikeziwe. Umbonisi wesikole kufanele abhekisise ikakhulukazi indlela umfundi athuthukisa ngayo indaba yakhe nendlela asiza ngayo umninikhaya ukuba acabange ngemiBhalo futhi aqonde amaphuzu ayisihluthulelo enkulumo. Abafundi ababelwa le nkulumo kufanele bakwazi ukuzifundela. Umbonisi wesikole uyokwaba umsizi oyedwa.

ISABELO NO. 4: Imizuzu emihlanu. Umfundi kufanele anikeze isihloko esabelwe. Lapho kungekho zikhombo ezinikeziwe njengomthombo wendaba, kuyodingeka umfundi aqoqe ukwaziswa ngale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini ezilungiselelwe yisigaba senceku ethembekileyo neqondayo. Lapho yabelwe umzalwane, ingase inikezwe njengenkulumo eqondiswe ezilalelini eziseHholo LoMbuso. Lapho le nkulumo yabelwe udade, kufanele ngaso sonke isikhathi inikezwe njengoba kuboniswe eSabelweni No. 3. Sizani niphawule ukuthi izihloko ezinenkanyezi kufanele zabelwe abazalwane kuphela ukuze bazinikeze njengezinkulumo.

ISIKHATHI: Akukho nkulumo okufanele yeqe isikhathi, ngokufanayo namazwi omeluleki. ISabelo No. 2 kuya kuNo. 4 kufanele zinqanyulwe ngobuhlakani uma isikhathi sesiphelile. Uma abazalwane abasingatha inkulumo yokuqala ephathelene nemfanelo yokukhuluma, iSabelo No. 1, noma amaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli bedla isikhathi, kufanele banikezwe iseluleko ngasese. Bonke kufanele basibhekisise isikhathi sabo. Isimiso sesisonke: imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.

ISELULEKO: Umzuzu owodwa. Umbonisi wesikole uyosebenzisa isikhathi esingeqi emzuzwini owodwa ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye aphawule okwakhayo ngesici esithile senkulumo esisingathwe ngokutusekayo. Injongo yakhe akukhona nje ukuthi ‘wenze kahle’ kuphela, kodwa kunalokho, ukuveza izizathu eziqondile zokuthi kungani ethi leso sici senkulumo sisingathwe ngendlela ephumelelayo. Ngemva komhlangano noma ngesinye isikhathi, angase anikeze iseluleko esengeziwe esakhayo ngasese, kuye ngokwesidingo somfundi ngamunye.

UMELULEKI ONGUMSIZI: Indikimba yabadala ingase ikhethe umdala ofanelekayo, uma ekhona ngaphandle kombonisi wesikole, ukuze asingathe isabelo sokuba umeluleki ongumsizi. Umthwalo wakhe wemfanelo kuyoba ukunikeza abazalwane abasingatha iSabelo No. 1 namaphuzu avelele eBhayibheli iseluleko ngasese, uma kudingeka. Akudingekile ukuba anikeze iseluleko ngemva kwenkulumo ngayinye enjalo enikezwa abadala noma izinceku ezikhonzayo. Le nqubo iyoqala ukusebenza ngo-2003 futhi kungenzeka ishintshwe ngemva kwalokho.

IFOMU LESELULEKO: Lisencwadini.

UKUBUKEZA KOMLOMO: Imizuzu engu-30. Njalo ngemva kwezinyanga ezimbili, umbonisi wesikole uyobukeza nebandla ngomlomo. Kuyoqala ngenkulumo ekhulumela imfanelo ethile yenkulumo namaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli njengoba kuchazwe ngenhla. Ukubukeza komlomo kuyosekelwa endabeni ecatshangelwe esikoleni phakathi nezinyanga ezimbili ezandulele, kuhlanganise nangalelo sonto.

ISIMISO

Jan. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 1-6 INgoma 91

Imfanelo Yokukhuluma: Uyamukelwa ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini (be-ZU k. 5 ¶1–k. 8 ¶1)

No. 1: Jabulela IZwi LikaNkulunkulu (be-ZU k. 9 ¶1-5)

No. 2: Mathewu 4:1-22

No. 3: Uphawu Lwezinsuku Zokugcina Luwathinta Kanjani AmaKristu Eqiniso? (rs-ZU k. 186 ¶1-2)

No. 4: Yini UJesu Ayenzayo Manje?

Jan. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 7-11 INgoma 40

Imfanelo Yokukhuluma: Funda IBhayibheli Nsuku Zonke (be-ZU k. 10 ¶1–k. 12 ¶3)

No. 1: ‘Gijima Ngendlela’ Efanele (w01-ZU 1/1 kk. 28-31)

No. 2: Mathewu 9:9-31

No. 3: Isizathu Esenza Sishumayele Kwabanye

No. 4: Kungani OFakazi BakaJehova Bethi Izinsuku Zokugcina Zaqala Ngo-1914? (rs-ZU k. 186 ¶4–k. 187 ¶3)

Jan. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 12-15 INgoma 133

Imfanelo Yokukhuluma: Ukufunda Ngokunembile (be-ZU k. 83 ¶1-5)

No. 1: Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nokudumazeka! (w01-ZU 2/1 kk. 20-3)

No. 2: Mathewu 13:1-23

No. 3: Ingabe Ukhona Oyobe Ephila Emhlabeni Ngemva Kokuphela Kwalesi Simiso Sezwe Sanamuhla? (rs-ZU k. 188 ¶1-4)

No. 4: Ingabe UNkulunkulu Uyashintsha?

Jan. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 16-21 INgoma 129

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokufunda Ngokunembile (be-ZU k. 84 ¶1–k. 85 ¶3)

No. 1: Ukushesha Kwesikhathi (si-ZU kk. 278-9 ¶1-6)

No. 2: w01-ZU 1/15 k. 20 ¶20–k. 21 ¶24

No. 3: Yini Eyokwenza Izwe Libe Nobunye?

No. 4: Kungani UNkulunkulu Evumela Kudlule Isikhathi Eside Kangaka Ngaphambi Kokubhubhisa Ababi? (rs-ZU k. 188 ¶5-7)

Feb. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 22-25 INgoma 139

Imfanelo Yokukhuluma: Amagama Aphinyiselwa Ngokucacile (be-ZU k. 86 ¶1-6)

No. 1: “Nakisisa Indlela Olalela Ngayo” (be-ZU k. 13 ¶1–k. 14 ¶5)

No. 2: Mathewu 22:15-40

No. 3: Indlela Esazi Ngayo Ukuthi Isibonakaliso Sifanelana Nesikhathi Esiphila Kuso (rs-ZU k. 189 ¶1-4)

No. 4: Ubani Ngempela Oyinceku Ethembekileyo Neqondayo?

Feb. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 26-28 INgoma 27

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokukhuluma Ngokucacile (be-ZU k. 87 ¶1–k. 88 ¶3)

No. 1: Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela (w01-ZU 3/1 kk. 4-7)

No. 2: Mathewu 26:6-30

No. 3: Isizathu Sokuba Ngingazisebenzisi Izidakamizwa

No. 4: Iyini Injongo Yokuphila Komuntu? (rs-ZU k. 315 ¶1–k. 316 ¶1)

Feb. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 1-4 INgoma 137

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuphimisela Kahle Amagama—Izici Zokucatshangelwa (be-ZU k. 89 ¶1–k. 90 ¶3)

No. 1: Izinkomba Zesikhathi SeBhayibheli (si-ZU kk. 279-80 ¶7-13)

No. 2: w01-ZU 2/15 k. 25 ¶10–k. 26 ¶14

No. 3: Ingabe Abantu Babenzelwe Ukuphila Isikhashana Bese Befa? (rs-ZU k. 316 ¶2-5)

No. 4: Okwenza Ukugembula Kube Kubi

Feb. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 5-8 INgoma 72

Imfanelo Yokukhuluma: Izindlela Zokuthuthukisa Ukuphimisela Amagama (be-ZU k. 90 ¶3–k. 92)

Ukubukeza Komlomo

Mar. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 9-12 INgoma 195

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuluma Ngokuqephuza (be-ZU k. 93 ¶1–k. 94 ¶3)

No. 1: Ukulalela Izinkulumo, Ukulalela Phakathi Nezingxoxo, Nasemihlanganweni Emincane Nemikhulu (be-ZU k. 15 ¶1–k. 16 ¶5)

No. 2: Marku 10:1-22

No. 3: Indlela Esingathola Ngayo Amandla KuNkulunkulu

No. 4: Kungaziphi Izizathu Singaba Nethemba Lokuphila Phakade? (rs-ZU k. 317 ¶6-8)

Mar. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 13-16 INgoma 187

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokuthuthukisa Ukukhuluma Ngokuqephuza (be-ZU k. 94 ¶4–k. 96 ¶3, ngaphandle kwebhokisi elisek. 95)

No. 1: Liyini Ipharadesi Elingokomoya? (w01-ZU 3/1 kk. 8-11)

No. 2: Marku 13:1-23

No. 3: Amathemba Okuphila Kwesikhathi Esizayo Ayogcwaliseka Kanjani? (rs-ZU k. 318 ¶1-4)

No. 4: Ingabe UNkulunkulu Uthatha Uhlangothi Ezimpini Zabantu?

Mar. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 1-3 INgoma 13

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubhekana Nokungingiza (be-ZU k. 95, ibhokisi)

No. 1: “Ubusisiwe Umuntu Othola Ukuhlakanipha” (w01-ZU 3/15 kk. 25-8)

No. 2: Luka 3:1-22

No. 3: Ingabe Kufanelekile Ukukhulekela UJesu?

No. 4: aIngabe Kubalulekile Ukushada Ngokuvumelana Nezimfuneko Ezingokomthetho? (rs-ZU k. 385 ¶1-3)

Mar. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 4-6 INgoma 156

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuhlaba Ikhefu Ngenxa Yezimpawu Zenkulumo Nokokushintsha Umqondo (be-ZU k. 97 ¶1–k. 99 ¶1)

No. 1: Ingabe Unomuzwa Wokuthi Uqondwa Ngokungeyikho? (w01-ZU 4/1 kk. 20-3)

No. 2: Luka 6:1-23

No. 3: Sibaluleke Ngani ISikhumbuzo? (rs-ZU k. 142 ¶1–k. 143 ¶1)

No. 4: Ingabe AmaKristu Angalindela Ukuba UNkulunkulu Awavikele?

Mar. 31 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 7-9 INgoma 47

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuhlaba Ikhefu Kokugcizelela, Ukuhlaba Ikhefu Ukuze Ulalele (be-ZU k. 99 ¶2–k. 100 ¶5)

No. 1: “Mesabe UNkulunkulu, Ugcine Imiyalo Yakhe” (be-ZU k. 272 ¶1–k. 275 ¶3)

No. 2: w01-ZU 3/15 k. 18 ¶17–k. 19 ¶20

No. 3: Indlela Esazi Ngayo Ukuthi IBhayibheli Livela KuNkulunkulu

No. 4: Zimelelani Izifanekiselo ZeSikhumbuzo? (rs-ZU k. 143 ¶2-3)

Apr. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 10-12 INgoma 68

Imfanelo Yokukhuluma: Ukugcizelela Umqondo Okufanele (be-ZU k. 101 ¶1–k. 102 ¶3)

No. 1: ‘Ukufakaza NgoJesu’ (be-ZU k. 275 ¶4–k. 278 ¶4)

No. 2: Luka 10:1-22

No. 3: Obani Okufanele Badle ESidlweni SeNkosi Sakusihlwa? (rs-ZU k. 143 ¶5–k. 144 ¶1)

No. 4: Umshado Wokuqala Wawunamiphi Imicikilisho? (rs-ZU k. 385 ¶4–k. 386 ¶1)

Apr. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 13-17 INgoma 208

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokuthuthukisa Ukugcizelela Umqondo (be-ZU k. 102 ¶4–k. 104 ¶4)

No. 1: “Lezi Zindaba Ezinhle Zombuso” (be-ZU k. 279 ¶1–k. 281 ¶4)

No. 2: Luka 15:11-32

No. 3: Indlela Yokuzivikela Ethonyeni Lamademoni

No. 4: ISikhumbuzo Kufanele Sigujwe Kaningi Kangakanani, Futhi Nini? (rs-ZU k. 145 ¶1-2)

Apr. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 18-21 INgoma 23

Imfanelo Yokukhuluma: Imiqondo Eyinhloko Igcizelelwe (be-ZU k. 105 ¶1–k. 106 ¶1)

No. 1: Ilungiselelo LikaJehova Lokuhlakanipha Nelothando Lezinkathi Zonyaka (si-ZU k. 280 ¶14-17)

No. 2: w01-ZU 4/15 k. 6 ¶19–k. 7 ¶22

No. 3: Indlela Ithemba Lovuko Elikuthinta Ngayo Ukuphila Kwethu

No. 4: bIngabe IBhayibheli Liyasivumela Isithembu? (rs-ZU k. 386 ¶2–k. 387 ¶3)

Apr. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 22-24 INgoma 218

Imfanelo Yokukhuluma: Izwi Elifanele Izilaleli (be-ZU k. 107 ¶1–k. 108 ¶4)

Ukubukeza Komlomo

May 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 1-4 INgoma 31

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokuthuthukisa Izwi Lakho (be-ZU k. 109 ¶1–k. 110 ¶2)

No. 1: Ungayithuthukisa Inkumbulo Yakho (be-ZU k. 17 ¶1–k. 19 ¶1)

No. 2: Johane 2:1-25

No. 3: Ingabe UNkulunkulu Uyakulahla Ukuphuza Utshwala?

No. 4: cUyini Umbono KaNkulunkulu Ngokuhlala Ngokwehlukana Emshadweni? (rs-ZU k. 387 ¶4)

May 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 5-7 INgoma 150

Imfanelo Yokukhuluma: Ukushintshashintsha Kwezwi—Shintsha Ukuphakama Kwezwi (be-ZU k. 111 ¶1–k. 112 ¶2)

No. 1: Ungaphumelela Kungakhathaliseki Ukuthi Wakhuliswa Kanjani (w01-ZU 4/15 kk. 25-8)

No. 2: Johane 5:1-24

No. 3: Okwenza Imfundiso Yokumiselwa Kusengaphambili Ingabi Nengqondo

No. 4: dUyini Umbono WeBhayibheli Ngokwehlukanisa Bese Uphinda Ushada Futhi? (rs-ZU k. 388 ¶1-4)

May 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 8-11 INgoma 102

Imfanelo Yokukhuluma: Ukushintshashintsha Kwezwi—Shintsha Ijubane (be-ZU k. 112 ¶3–k. 113 ¶1)

No. 1: ‘Ngokuhlakanipha Izinsuku Zethu Ziyakuba Ziningi’ (w01-ZU 5/15 kk. 28-31)

No. 2: Johane 10:16-42

No. 3: Esikhathini Esidlule, Kungani UNkulunkulu Avumela Ukushada Phakathi Kwezingane Zandawonye? (rs-ZU k. 389 ¶1-2)

No. 4: Indlela Yokubhekana Ngokuphumelelayo Nokucindezeleka

May 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 12-16 INgoma 24

Imfanelo Yokukhuluma: Ukushintshashintsha Kwezwi—Shintshashintsha Iphimbo (be-ZU k. 113 ¶2–k. 114 ¶3)

No. 1: Unyaka NemiBhalo Engcwele (si-ZU kk. 280-2 ¶18-23)

No. 2: w01-ZU 5/1 k. 14 ¶4–k. 15 ¶7

No. 3: Okushiwo ‘Ukungabi Ingxenye Yezwe’

No. 4: Yini Engasiza Ekuthuthukiseni Umshado? (rs-ZU k. 389 ¶3–k. 390 ¶2)

June 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 17-21 INgoma 198

Imfanelo Yokukhuluma: Khuluma Ngomuzwa (be-ZU k. 115 ¶1–k. 116 ¶4)

No. 1: Indima Yomoya KaNkulunkulu Ekusikhumbuzeni (be-ZU k. 19 ¶2–k. 20 ¶3)

No. 2: Johane 20:1-23

No. 3: Yini Engasiza Ekuthuthukiseni Umshado? (rs-ZU k. 390 ¶3-6)

No. 4: Ingabe Inkolo Ehleliwe Iyadingeka?

June 9 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 1-4 INgoma 92

Imfanelo Yokukhuluma: Intshiseko Efanelana Nendaba (be-ZU k. 116 ¶5–k. 117 ¶4)

No. 1: Qinisa Ukwethembela Kwakho KuJehova (w01-ZU 6/1 kk. 7-10)

No. 2: IzEnzo 4:1-22

No. 3: Yini Esingayifunda Emlandweni WeBhayibheli NgoMariya? (rs-ZU k. 349 ¶1-6)

No. 4: Ingabe Kunendaba KuNkulunkulu Ukuthi Sikhulekela Kanjani?

June 16 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 5-7 INgoma 2

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonakalisa Imfudumalo (be-ZU k. 118 ¶1–k. 119 ¶5)

No. 1: Ukuvunywa Kwezono Okuholela Ekululameni (w01-ZU 6/1 kk. 28-31)

No. 2: IzEnzo 7:1-22

No. 3: Indlela OFakazi BakaJehova Abahluke Ngayo Kwezinye Izinkolo

No. 4: Ingabe UMariya Wayeyincasakazi Ngempela Lapho Ezala UJesu? (rs-ZU k. 349 ¶7–k. 350 ¶1)

June 23 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 8-10 INgoma 116

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonakalisa Umzwelo (be-ZU k. 119 ¶6–k. 120 ¶4)

No. 1: Nakekelani Izintandane Nabafelokazi Osizini Lwabo (w01-ZU 6/15 kk. 9-12)

No. 2: w01-ZU 6/1 k. 12 ¶1–k. 13 ¶5

No. 3: Ingabe UMariya Wahlala Eyincasakazi Njalo? (rs-ZU k. 350 ¶2–k. 351 ¶1)

No. 4: eOkwenza Ukuba Khona Emihlanganweni Kubaluleke Ekukhuleni Okungokomoya

June 30 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 11-14 INgoma 167

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubaluleka Kokushukuma Komzimba Nesimo Sobuso (be-ZU k. 121 ¶1-4)

Ukubukeza Komlomo

July 7 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 15-17 INgoma 38

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Ukushukuma Komzimba Nesimo Sobuso (be-ZU k. 122 ¶1–k. 123 ¶3)

No. 1: Kungani Kufanele Ufunde Ngokuzimisela? (be-ZU k. 21 ¶1–k. 23 ¶3)

No. 2: IzEnzo 15:1-21

No. 3: Indlela Esibusekela Ngayo Ubukhosi BukaJehova

No. 4: Ingabe UMariya Wayengunina KaNkulunkulu? (rs-ZU k. 351 ¶2-4)

July 14 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 18-21 INgoma 32

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubheka Izilaleli Ensimini (be-ZU k. 124 ¶1–k. 125 ¶4)

No. 1: Ungakuvumeli Ukungabaza Konakalise Ukholo Lwakho (w01-ZU 7/1 kk. 18-21)

No. 2: IzEnzo 19:1-22

No. 3: fIngabe UMariya Wayengenasici Esesesizalweni Sikanina? (rs-ZU k. 352 ¶1-2)

No. 4: Okushiwo ‘Ukuqhubeka Sifuna UMbuso Kuqala’

July 21 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 22-25 INgoma 222

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubheka Izilaleli Lapho Unikeza Inkulumo (be-ZU k. 125 ¶5–k. 127 ¶1)

No. 1: Ingabe Uyababekezelela Ngempela Abanye? (w01-ZU 7/15 kk. 21-3)

No. 2: IzEnzo 24:1-23

No. 3: Ingabe UDeveli Ungokoqobo?

No. 4: gIngabe UMariya Wenyukela Ezulwini Ngomzimba Wakhe Wenyama? (rs-ZU k. 352 ¶3–k. 353 ¶1)

July 28 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 26-28 INgoma 14

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuluma Ngokwemvelo Enkonzweni Yasensimini (be-ZU k. 128 ¶1–k. 129 ¶1)

No. 1: Awukho Unyaka Oyiguncu (si-ZU k. 282 ¶24-6)

No. 2: w01-ZU 7/1 k. 14 ¶5-8

No. 3: Ingabe Kufanelekile Ukuqondisa Imithandazo KuMariya Njengomkhulumeli? (rs-ZU k. 353 ¶2-4)

No. 4: Indlela Esibonisa Ngayo Inhlonipho Ngesipho Sokuphila

Aug. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 1-4 INgoma 106

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuluma Ngokwemvelo Endaweni Yesikhulumi (be-ZU k. 129 ¶2–k. 130 ¶1)

No. 1: Indlela Yokufunda Ngokuzimisela (be-ZU k. 23 ¶4–k. 26 ¶4)

No. 2: Roma 2:1-24

No. 3: Ingabe Wake Waphila Ngaphambili?

No. 4: Ingabe UMariya Wayedunyiswa Ngokukhethekile Ebandleni LobuKristu Lekhulu Lokuqala? (rs-ZU k. 354 ¶2–k. 355 ¶1)

Aug. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 5-8 INgoma 179

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuluma Ngokwemvelo Lapho Ufundela Iningi (be-ZU k. 130 ¶2-4)

No. 1: ‘Izibusiso Zitholwa Olungileyo’ (w01-ZU 7/15 kk. 24-7)

No. 2: Roma 5:6-21

No. 3: hIngabe Uyakholelwa ENcasakazini UMariya? (rs-ZU k. 355 ¶2-4)

No. 4: Ingabe Kufanele Ukholelwe Emfundisweni Yokuphindukuzalwa?

Aug. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 9-12 INgoma 206

Imfanelo Yokukhuluma: Inhlanzeko Yomuntu Siqu Ihlobisa Isigijimi (be-ZU k. 131 ¶1-3)

No. 1: Zuza Emandleni Esejwayezi (w01-ZU 8/1 kk. 19-22)

No. 2: w01-ZU 8/15 k. 22 ¶10-13

No. 3: Ingabe Abantu Balishintshile IBhayibheli?

No. 4: Ingabe Imfundiso Yokuguquka Kwezifanekiselo Iyiqiniso? (rs-ZU k. 82 ¶3–k. 83 ¶4)

Aug. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 13-16 INgoma 43

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Isizotha Nokuhluzeka Kwengqondo Okuthinta Ngayo Ukugqoka Nokuzilungisa Komuntu (be-ZU k. 131 ¶4–k. 132 ¶3)

Ukubukeza Komlomo

Sept. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 1-9 INgoma 48

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubaluleka Kokugqoka Kahle (be-ZU k. 132 ¶4–k. 133 ¶1)

No. 1: Indlela Yokutadisha (be-ZU k. 27 ¶1–k. 31 ¶2)

No. 2: 1 Korinte 3:1-23

No. 3: Usho Ukuthini UJohane 6:53-57? (rs-ZU k. 84 ¶1-2)

No. 4: Ingabe Ubumpofu Buyakuvuna Ngempela Ukweba?

Sept. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 10-16 INgoma 123

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubukeka Kahle Komuntu Siqu Akukhubi Muntu (be-ZU k. 133 ¶2-4)

No. 1: Nqoba Izithiyo Ezikwenza Ungathuthuki! (w01-ZU 8/1 kk. 28-30)

No. 2: 1 Korinte 12:1-26

No. 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Izinto Ezimbi Zenzeke?

No. 4: Ingabe UJesu Wamisa Ukugujwa KweMisa? (rs-ZU k. 84 ¶3–k. 86 ¶4)

Sept. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 1-7 INgoma 16

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Enhle Yokuma Nokucoceka Kwezinto Esizisebenzisayo (be-ZU k. 134 ¶1-5)

No. 1: Ukwenza Ubusha Bakho Buphumelele (w01-ZU 8/15 kk. 4-7)

No. 2: 2 Korinte 6:1–7:1

No. 3: Isimo Sengqondo SomKristu Ngegunya Lohulumeni Bezwe (rs-ZU k. 309 ¶1-3)

No. 4: Ingabe Kuyamkhathaza UNkulunkulu Ukungcoliswa Komhlaba?

Sept. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 8-13 INgoma 207

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokunciphisa Ukukhathazeka Lapho Ukhuluma (be-ZU k. 135 ¶1–k. 137 ¶2)

No. 1: Indlela Yokwenza Izinqumo Ezihlakaniphile (w01-ZU 9/1 kk. 27-30)

No. 2: 2 Korinte 8:1-21

No. 3: Lokho Okwenzekayo Ngomphefumulo Ngemva Kokufa

No. 4: ImiBhalo Ethonya Isimo Sengqondo SomKristu Ngokuhlanganyela Ezimpini Zezwe (rs-ZU k. 309 ¶4–k. 310 ¶3)

Sept. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Galathiya 1-6 INgoma 163

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokuzuza Ukuqiniseka (be-ZU k. 137 ¶3–k. 138 ¶5)

No. 1: Inzuzo Yezinsuku Ezibaluleke Kakhulu (si-ZU kk. 282-3 ¶27-30)

No. 2: w01-ZU 9/1 k. 15 ¶8–k. 17 ¶11

No. 3: UNkulunkulu Wavumela Ama-Israyeli Ukuba Ahlanganyele Ezimpini Ngaphansi Kwaziphi Izimo? (rs-ZU k. 310 ¶4–k. 311 ¶3)

No. 4: Indlela Esazi Ngayo Ukuthi UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa

Oct. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Efesu 1-6 INgoma 99

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubaluleka Kwezikhulisa-zwi (be-ZU k. 139 ¶1–k. 140 ¶1)

No. 1: Ukutadisha Kunomvuzo (be-ZU k. 31 ¶3–k. 32 ¶4)

No. 2: Efesu 2:1-22

No. 3: Kunengqondo Ukukholelwa KuNkulunkulu

No. 4: Yimiphi ImiBhalo Ethonya Umbono WomKristu Ngokuhileleka Ezimpikiswaneni Zezombangazwe? (rs-ZU k. 311 ¶4–k. 312 ¶3)

Oct. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Filipi 1–Kolose 4 INgoma 105

Imfanelo Yokukhuluma: Sebenzisa Imibhobho Ngokuphumelelayo (be-ZU k. 140 ¶2–k. 142 ¶2)

No. 1: Hamba ‘Endleleni Yobuqotho’ (w01-ZU 9/15 kk. 24-8)

No. 2: Filipi 2:1-24

No. 3: Yimiphi ImiBhalo Ethonya Isimo Sengqondo SomKristu Ngemikhosi Yobuzwe? (rs-ZU k. 312 ¶4–k. 313 ¶5)

No. 4: Lokho UJehova Akufunayo Kithi Namuhla

Oct. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Thesalonika 1–2 Thesalonika 3 INgoma 145

Imfanelo Yokukhuluma: Ukuphendula NgeBhayibheli (be-ZU k. 143 ¶1-3)

No. 1: Indlela UJehova Asibheka Ngayo Isikhathi (si-ZU kk. 283-4 ¶31-3)

No. 2: w01-ZU 10/15 k. 23 ¶6–k. 24 ¶9

No. 3: Obani Abaya Ezulwini?

No. 4: Ingabe Ukungathathi-hlangothi KwamaKristu Kusho Ukuthi Awanasithakazelo Enhlalakahleni Yomakhelwane Bawo? (rs-ZU k. 314 ¶1)

Oct. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Thimothewu 1–2 Thimothewu 4 INgoma 46

Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Yokuthuthuka Ekusebenziseni IBhayibheli (be-ZU k. 144 ¶1-4)

Ukubukeza Komlomo

Nov. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Thithu 1–Filemoni INgoma 30

Imfanelo Yokukhuluma: Ukusetshenziswa KweBhayibheli Kukhuthaziwe (be-ZU kk. 145-6)

No. 1: Indlela Yokucwaninga NgeBhayibheli (be-ZU k. 33 ¶1–k. 35 ¶2)

No. 2: Filemoni 1-25

No. 3: Ingabe Ukuphila Njengomuntu Ophelele Kuyoba Isicefe?

No. 4: Kungani Igama LikaJehova Lisetshenziswa EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki Ye-Nguqulo Yezwe Elisha? (rs-ZU k. 93 ¶1-3)

Nov. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Hebheru 1-8 INgoma 149

Imfanelo Yokukhuluma: Ukubaluleka Kokwethula ImiBhalo Ngempumelelo (be-ZU k. 147 ¶1–k. 148 ¶2)

No. 1: U-Enoke Wahamba NoNkulunkulu Ezweni Elingamhloniphi UNkulunkulu (w01-ZU 9/15 kk. 29-31)

No. 2: Hebheru 2:1-18

No. 3: iUkusabela Kulabo Abathi, ‘NineBhayibheli Lenu Nina’ (rs-ZU k. 94 ¶1-4)

No. 4: Abavusiwe Bayokwahlulelwa Kanjani Ngokwezenzo Zabo?

Nov. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Hebheru 9-13 INgoma 144

Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhetha Amazwi Afanele Okwethula ImiBhalo (be-ZU k. 148 ¶3–k. 149 ¶3)

No. 1: Kusho Ukuthini Ukuba Oqotho? (w10-ZU 10/1 kk. 20-3)

No. 2: Hebheru 9:11-28

No. 3: Ingabe Izidalwa ZikaNkulunkulu Zasezulwini Zihleleke Njengenhlangano? (rs-ZU k. 95 ¶2–k. 96 ¶1)

No. 4: Okwenza Ukuziphatha Ngokuhlonipha UNkulunkulu Kuzuzise

Nov. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Jakobe 1-5 INgoma 88

Imfanelo Yokukhuluma: Ukugcizelela Okufanele Kuhlanganisa Nomuzwa (be-ZU k. 150 ¶1-2)

No. 1: Ukuthola Izikhathi Zezenzakalo Ohlelweni Lwesikhathi (rs-ZU kk. 284 ¶1-4)

No. 2: w01-ZU 11/1 k. 12 ¶15–k. 13 ¶19

No. 3: Ukubaluleka Kwesizotha

No. 4: UNkulunkulu Wazidlulisela Kanjani Iziyalezo Ezincekwini Zakhe Emhlabeni Ezikhathini Ezidlule? (rs-ZU k. 96 ¶2-3)

Dec. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Petru 1–2 Petru 3 INgoma 54

Imfanelo Yokukhuluma: Gcizelela Amagama Afanele (be-ZU k. 150 ¶3–k. 151 ¶2)

No. 1: Ukufunda Ukusebenzisa Amanye Amathuluzi Okucwaninga (be-ZU k. 35 ¶3–k. 38 ¶4)

No. 2: 1 Petru 1:1-16

No. 3: Ingabe IBhayibheli Liyabonisa Ukuthi AmaKristu Eqiniso Ayeyoba Ngabantu Abahlelekile? (rs-ZU k. 97 ¶1-4)

No. 4: Indlela Umhlatshelo Wesihlengo KaKristu Okufanele Ukuthinte Ngayo Ukuphila Kwethu

Dec. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Johane 1–Jude INgoma 22

Imfanelo Yokukhuluma: Izindlela Zokugcizelela (be-ZU k. 151 ¶3–k. 152 ¶5)

No. 1: Londoloza Unembeza Wakho (w01-ZU 11/1 kk. 4-7)

No. 2: 1 Johane 3:1-18

No. 3: Isizathu Sokuba IBhayibheli Lingasolwa Ngokuphathwa Kabi Kwabesifazane

No. 4: Ingabe Izinceku ZikaNkulunkulu Ezithembekile Zimane Zihlakazeke Emasontweni ELobukholwa? (rs-ZU k. 98 ¶1-3)

Dec. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 1-6 INgoma 219

Imfanelo Yokukhuluma: ImiBhalo Isetshenziswe Kahle (be-ZU k. 153 ¶1–k. 154 ¶3)

No. 1: Ukholo LukaNowa Lulahla Izwe (w01-ZU 11/15 kk. 28-31)

No. 2: IsAmbulo 2:1-17

No. 3: Inhlangano KaJehova Ebonakalayo Ingahlukaniswa Kanjani? (rs-ZU k. 98 ¶4–k. 99 ¶2)

No. 4: Okwenza AmaKristu Angawugubhi UKhisimusi

Dec. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 7-14 INgoma 6

Imfanelo Yokukhuluma: Yenza Kucace Ukuthi ImiBhalo Isebenza Kanjani (be-ZU k. 154 ¶4–k. 155 ¶4)

No. 1: Ungakugwema Ukumelwa Yinhliziyo Ngokomoya (w01-ZU 12/1 kk. 9-13)

No. 2: w01-ZU 12/15 k. 17 ¶10–k. 19 ¶13 (kuhlanganise nombhalo waphansi)

No. 3: Indlela Yokubhekana Nokucindezela Kontanga

No. 4: Singayibonisa Kanjani Inhlonipho Ngenhlangano KaJehova? (rs-ZU k. 99 ¶3-7)

Dec. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 15-22 INgoma 60

Imfanelo Yokukhuluma: Bonisana Nabanye NgemiBhalo (be-ZU k. 155 ¶5–k. 156 ¶4)

Ukubukeza Komlomo

[Imibhalo Yaphansi]

a Yabela abazalwane kuphela.

b Yabela abazalwane kuphela.

c Yabela abazalwane kuphela.

d Yabela abazalwane kuphela.

e Yabela abazalwane kuphela.

f Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokusabela kubantu abagomelayo, abaphikisayo, nokunye okuyohlangabezana kangcono nezidingo ensimini yebandla.

g Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokusabela kubantu abagomelayo, abaphikisayo, nokunye okuyohlangabezana kangcono nezidingo ensimini yebandla.

h Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokusabela kubantu abagomelayo, abaphikisayo, nokunye okuyohlangabezana kangcono nezidingo ensimini yebandla.

i Uma isikhathi sivuma, cabangelani indlela yokusabela kubantu abagomelayo, abaphikisayo, nokunye okuyohlangabezana kangcono nezidingo ensimini yebandla.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela