Yanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
1 UMhlangano Wesigodi ‘Wabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’ esibheke kuwo usinikeza ithuba elihle lokwanelisa isidingo sethu esingokomoya. Njengesidlo esingokoqobo esehl’ esiphundu, isimiso siyosondla ngokomoya “ngamazwi okholo.” (1 Thim. 4:6) Siyosisiza ukuba sisondele kuJehova. Futhi singalindela ukuthola iseluleko nesikhuthazo sokusisiza ukuba sibhekane nezilingo ekuphileni kwethu. UJehova uyasiqinisekisa: “Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.” (IHu. 32:8) Ave sibusisekile ngokuba nesiqondiso sakhe sothando ekuphileni kwethu! Masicabangele izinyathelo ezithile ezingokoqobo esingazithatha ukuze sizuze kakhulu esimisweni somhlangano wesigodi.
2 Kudingeka Silungise Izinhliziyo Zethu: Ngamunye wethu unomthwalo wemfanelo wokulondoloza inhliziyo yakhe engokomfanekiso. (IzAga 4:23) Lokhu kudinga ukuba sizithibe futhi sithembeke kithina ngokwethu. Umhlangano wesigodi uyisikhathi sokuzindla ngobuhlobo bethu noJehova, isikhathi ‘sokusinga umthetho ophelele ongowenkululeko.’ Ukuze silungiselele izinhliziyo zethu ‘ukwamukela ukugxiliswa kwezwi,’ kufanele sinxuse uJehova ukuba asihlolisise, abone uma kukhona kithi “indlela yosizi” edinga ukulungiswa, abese esihola “endleleni yaphakade.”—Jak. 1:21, 25; IHu. 139:23, 24.
3 Lalela Futhi Uzindle: UJesu wancoma uMariya ngokulalelisisa amazwi akhe, wathi: ‘UMariya ukhethe isabelo esihle, ngeke aphucwe sona.’ (Luka 10:39, 42) Uma sinesimo sengqondo esifanayo, ngeke sivumele ukuthikanyezwa yizinto eziwubala. Siyoqiniseka ukuthi sihlala phansi silalelisise phakathi naso sonke isimiso. Siyogwema ukuxoxa noma ukuhambahamba ngokungenasidingo futhi siyocophelela ukuba singabaphazamisi abanye ngomakhalekhukhwini, ama-pager, amakhamera okuthwebula izithombe nawama-video.
4 Lapho silalele izinkulumo, kuhle ukubhala amaphuzu ngamafuphi ukuze sihlaziye indlela indaba ethuthukiswa ngayo. Kufanele sihlobanise esikuzwayo nalokho esesikwazi kakade. Lokhu kuyosisiza ukuba sikuqonde futhi sikukhumbule lokho okuxoxwe ngakho. Lapho sibukeza amaphuzu ethu, kufanele sikwenze ngenjongo yokusebenzisa esikubhalile. Ngamunye wethu angazibuza: ‘Lokhu kubuthinta kanjani ubuhlobo bami noJehova? Yikuphi ukulungisa okumelwe ngikwenze ekuphileni kwami? Ngingakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa lapho ngisebenzelana nabanye? Ngingakusebenzisa kanjani enkonzweni yami?’ Xoxa nabanye ngamaphuzu esiwajabulele ngokukhethekile. Ukwenza lezi zinto kuyosisiza ukuba silonde amazwi kaJehova ‘phakathi kwenhliziyo yethu.’—IzAga 4:20, 21.
5 Masikusebenzise Esikufundayo: Ngemva kokuya emhlanganweni wesigodi, esinye isihambeli sathi: “Lesi simiso sasingithinta ngokuqondile, sangishukumisela ukuba ngihlole isimo senhliziyo yami nesomkhaya wami, futhi nginikeze usizo lothando olungokomBhalo lapho ludingeka. Singenzé ngasiqaphela nakakhulu isibopho enginaso sokusiza ibandla kakhudlwana.” Cishe abaningi bethu baye bazizwa ngendlela efanayo. Kodwa akwanele ukuba sibuye sizizwa sakhekile futhi siqabulekile nje kuphela. UJesu wathi: “Uma nizazi lezizinto, niyajabula uma nizenza.” (Joh. 13:17) Kumelwe sikukhuthalele ukusebenzisa amaphuzu asebenza kithi ngokuqondile. (Fil. 4:9) Lokhu kuyisihluthulelo sokusanelisa ngokugcwele isidingo sethu esingokomoya.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Zindla Ngalokho Okuzwayo:
■ Kubuthinta kanjani ubuhlobo bami noJehova?
■ Kuyithinta kanjani indlela engibaphatha ngayo abanye?
■ Ngingakusebenzisa kanjani ekuphileni kwami nasenkonzweni yami?