Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda July 15
“Ingabe ucabanga ukuthi ababi bajeziswa esihogweni? [Mvumele aphendule.] IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi siyini isijeziso sesono. [Funda eyabaseRoma 6:23a.] Khona-ke, ingabe isihogo siyindawo yokuhlushwa evuthayo? Ingabe simane nje siyisimo sokuhlukaniswa noNkulunkulu? Lo magazini unikeza izimpendulo ezingokomBhalo zale mibuzo.”
INqabayokulinda Aug. 1
“Abantu abaningi banomuzwa wokuthi imibono namasiko ezinkolelo-ze kumane nje kuwukuzijabulisa okungenangozi. [Mbonise iphuzu elilodwa noma amabili ebhokisini elisekhasini 5.] Wake wazibuza yini ukuthi ivelaphi imiqondo enjalo? [Ngemva kokuba ephendulile, funda eyesi-2 Korinte 11:14.] Lo magazini unikeza umbono weBhayibheli ngezinkolelo-ze.”
Phaphama! Aug. 8
“Abantu abaningi babheka ukugembula njengendlela yokuzilibazisa eyamukelekayo emphakathini. Abanye banomuzwa wokuthi kulimaza imikhaya nomphakathi uwonke. Le Phaphama! idingida lolu daba lokugembula ngokucabangela imiphumela yocwaningo esanda kukhishwa. Ungase futhi ube nesithakazelo sokufunda ukuthi izimiso zeBhayibheli zithini ngalesi sihloko.” Njengesibonelo, mfundele eyoku-1 Thimothewu 6:10.
“Abantu abaningi bakhathazeke kakhulu ngokwanda kobudlova nobuphekula. Mhlawumbe uvumelana namazwi omShumayeli 8:9. [Yifunde futhi ulindele impendulo.] Le Phaphama! ikhuluma ngezifundo zesikhathi esidlule futhi ibonise indlela ukucindezela okunjalo okuzophela ngayo maduzane.”