ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-June 10
INgoma 58
15 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso emibili yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 15 ne-Phaphama! ka-July 8. Embonisweni ngamunye, bonisa indlela yokusingatha ovimba ingxoxo ngokuthi “Anginasithakazelo enkolweni.” (Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 16-17.) Nika umninikhaya ithuba lokunikelela umsebenzi womhlaba wonke.
10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Funda sonke isihloko nemibhalo ekhonjiwe. Yibe usuhlanganisa namanye amaphuzu engeziwe aseBhokisini Lemibuzo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1998.
20 imiz: “Ukuhlwanyela Kakhulu Kunezibusiso Eziningi.”a Hlanganisa namaphuzu akuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 1992, amakhasi 15-16, izigaba 14-17.
INgoma 220 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 17
INgoma 136
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Yaneliswa Yilokho Onakho.”b Gcizelela isisekelo esingokomBhalo salesi seluleko, ufunde futhi ukhulumele imibhalo ekhonjiwe eminingi ngangokunokwenzeka uma isikhathi sivuma.
INgoma 197 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 24
INgoma 52
13 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Umbhangqwana oshadile osebenza ndawonye enkonzweni ubonisa indlela yokusebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 ukuze uhambise umagazini ka-July 1 noka-July 8. Inkosikazi ihambisa INqabayokulinda, umyeni ahambise i-Phaphama!
12 imiz: Landisa noma wenze imiboniso esekelwe kokuhlangenwe nakho kwabamemezeli bebandla (1) abafakaza emaqenjini ezinye izizwe noma kubantu abakhuluma ezinye izilimi noma (2) abafakaza ngezinye izindlela ngaphandle kwasendlini ngendlu nasemgwaqweni. Bakhuthaze bonke ukuba lapho belungiselela uMhlangano Wenkonzo wesonto elizayo bakhethe intshumayelo abazoyisebenzisa ekuhambiseni enye yezincwajana ezizohanjiswa ngo-July nango-August.—Bheka ibhokisi elithi “Ezinye Izincwadi,” esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002.
20 imiz: “Ukubonisa Ukwazisa Ngezincwadi.”c Hlanganisa nomboniso wommemezeli osemsebenzini kamagazini. Umninikhaya ubonisa isithakazelo kule ntshumayelo yeBhayibheli nakomagazini abakhulunyelwe, abese ethi uzobafunda. Ummemezeli ube esethi: “Ngiyaqiniseka ukuthi bazokuzuzisa njengoba bebazuzisile nabanye abaningi. Lab’ omagazini basakazwa emhlabeni wonke kanti INqabayokulinda itholakala ngezilimi ezingu-144. Lo msebenzi usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Siyayamukela imadlana yomnikelo kulabo abafuna ukuwusekela lo msebenzi.”
INgoma 95 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 1
INgoma 83
15 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba banike ababonisi babo besifundo sencwadi imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-June. Cela abamemezeli ukuba basho ukuthi iyiphi incwajana abahlela ukuyihambisa ngo-July nokuthi bazosebenzisa yiphi intshumayelo.
15 imiz: Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Qokomisa izici zale ncwajana eziyenza ibe ithuluzi lokufundisa elinamandla ekusizeni izingane nabanye abanemfundo encane noma abangakwazi ukufunda kahle ukuba bafunde ngoJehova. Nikeza izibonelo zezincazelo zayo ezilula nezinengqondo. (Bheka izifundo 2, 8, no-12.) Bonisa indlela izithombe ezingasetshenziswa ngayo ukuze kufinyelelwe inhliziyo yomfundi. Sikisela izindlela le ncwajana engasetshenziswa kahle ngazo. Abazali kufanele bayifunde nezingane zabo ezincane. Bakhuthaze bonke ukuba bayihambise enkonzweni noma nini lapho kufaneleka.
15 imiz: “Ingabe ‘Uyathanda’ Ukusiza Abanye?”d Bakhuthaze bonke ebandleni ukuba babe nomoya wokusiza.
INgoma 156 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.