Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/02 k. 1
  • Ingabe ‘Uyathanda’ Ukusiza Abanye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe ‘Uyathanda’ Ukusiza Abanye?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungasiza?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Lingisa UJesu Ngokukhonza Abanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Mikhaya, Dumisani UNkulunkulu Njengengxenye Yebandla Lakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Bazali, Yondlani Imikhaya Yenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 6/02 k. 1

Ingabe ‘Uyathanda’ Ukusiza Abanye?

1 UJesu wayebakhathalela ngempela abantu. Lapho onochoko emnxusa ukuba amsize, uJesu welula isandla, wamthinta lo muntu, wathi: “Ngiyathanda. Yenziwa uhlanzeke.” (Marku 1:40-42) Singasilingisa kanjani isimo sengqondo sikaJesu sokusiza abanye?

2 Abantu Abathakazelayo: Ilungu ngalinye lebandla linendima ekusizeni abantu abathakazelayo ukuba babe abakhulekeli bakaJehova. Lapho kufika abantu abasha emihlanganweni yebandla, babingelele futhi uzethule kubo. Funa izindlela zokubakhuthaza. Batuse ngezimpendulo abazinikezayo. Bancome ngemizamo yabo yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. Basize babone ukuthi banamathuba okuthola abangane beqiniso ebandleni.

3 Esikholwa Kanye Nabo: ‘Labo abahlobene nathi okholweni’ yibo ikakhulukazi okufanele sibasize ngezindlela ezihlukahlukene. (Gal. 6:10) Abaningi banezinkinga zempilo. Ngokubavakashela ubakhuthaze, ungajabulela nabo ubudlelwano obakhayo futhi mhlawumbe ubasize ngezindlela ezingokoqobo. Kungenzeka abanye banezinye izinkinga ekuphileni. Bonisa ukubakhathalela ngokuzinika isikhathi sokubalalela futhi ubakhe. (1 Thes. 5:14) Kudingeka sibambisane futhi nabadala lapho befeza imithwalo yabo yemfanelo. (Heb. 13:17) Ngokuba nomoya ovumayo nowokusiza abanye, ‘singaba usizo oluqinisayo’ kwesikholwa kanye nabo.—Kol. 4:11.

4 Amalungu Omkhaya: Kufanele silwele ukulingisa indlela uJesu ayekhathalela ngayo abantu emikhayeni yethu. Ukukhathalela okujulile kushukumisa abazali ukuba ‘baqhubeke bekhulisa abantwana babo ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’ (Efe. 6:4) Abantwana bangafeza ingxenye yabo ngokushesha balungele isifundo somkhaya, imihlangano yebandla noma inkonzo yasensimini. Izingane esezikhulile zingabonisa ububele bukaJesu ngokusiza abazali bazo ngomusa ukuba bakhuthazelele izinkinga ezibangelwa ukuguga. Ngalezi zindlela nezinye, sonke ‘singaqhuba ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu emizini yethu.’—1 Thim. 5:4.

5 Lapho silingisa uJesu ngokusiza abanye, singase sikwazi ukusiza ekunciphiseni izinkinga futhi senze imikhaya yethu isondelane nebandla. Okubaluleke nakakhulu, sidumisa uJehova, “uYise wesihe sesisa.”—2 Kor. 1:3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela