Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/02 k. 8
  • Ongase Ukusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongase Ukusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 4/02 k. 8

Ongase Ukusho Ngomagazini

INqabayokulinda Apr. 15

“Kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi, abantu banesifiso sokulondeka, njengokuthola umsebenzi okahle futhi ungabalahlekeli. Kodwa wake wacabanga yini ukuthi kukhona umthombo wokulondeka okuhlala njalo, owenza ukwazi ukulondeka phakade? [Funda iHubo 16:8, 9.] Le Nqabayokulinda ihlola lapho kungatholakala khona ukulondeka kwangempela.”

INqabayokulinda May 1

“Ingabe ukhona omaziyo ogula kabi noma okhubazekile? Cishe uyovuma ukuthi abantu abanjalo bayasidinga isikhuthazo. Kodwa yini esingase siyisho ukuze sibakhuthaze? IBhayibheli lisiphathele amazwi ethemba. [Funda u-Isaya 35:5, 6.] Le Nqabayokulinda ichaza ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi lesi siprofetho sizogcwaliseka.”

Phaphama! May 8

“Abaningi namuhla bayazishiya izinkolo ezinkulu ukuze bakhulekele uNkulunkulu ngendlela yabo. Uzizwa kanjani wena ngalo mkhuba? [Mvumele aphendule.] IBhayibheli libonisa ukuthi kunendaba ngempela kuNkulunkulu ukuthi simkhulekela kanjani. [Funda uJohane 4:24.] Le Phaphama! ichaza indlela engcono kakhulu yokwanelisa izidingo zakho ezingokomoya.”

“Kulo nyaka odlule, ukuthula kuye kwasongelwa ngendlela ebingakaze yenzeke ngaphambili. Ingabe ucabanga ukuthi ohulumeni babantu banawo amandla okuletha ukuthula komhlaba? [Ngemva kwempendulo, funda u-Isaya 2:4.] Le Phaphama! ibonisa ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi kuseduze ukuba ukuthula komhlaba kube khona.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela