Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/02 k. 2
  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-April 8
  • Isonto Eliqala Ngo-April 15
  • Isonto Eliqala Ngo-April 22
  • Isonto Eliqala Ngo-April 29
  • Isonto Eliqala Ngo-May 6
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 4/02 k. 2

ISimiso Semihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-April 8

INgoma 39

13 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza wonke umuntu ukuba abukele i-video ethi, Young People Ask—How Can I Make Real Friends? ukuze balungele ingxoxo yoMhlangano Wenkonzo wesonto lika-April 22. Abadala abasemaphandleni kufanele benze umzamo wokuba nemikhaya engenayo imishini ye-video iyibone le video. Makube nemiboniso emibili ehlukene kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8, kwendlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-April 15 ne-Phaphama! ka-May 8. Embonisweni ngamunye, bonisani indlela ehlukile yokusingatha ovimba ingxoxo ngokuthi, “Nginenkolo yami.”—Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 18-19.

12 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: “‘Yenza Okuhle Kubo Bonke.’”a Ngemva kwengxoxo yemibuzo nezimpendulo, xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abalandisa indlela abayandisa ngayo inkonzo yabo.

INgoma 157 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 15

INgoma 101

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

15 imiz: Amaphayona Aqhubeka Esiza Abanye. Umbonisi wenkonzo uxoxa nombonisi weSifundo Sencwadi Sebandla, iphayona nommemezeli endaweni yesikhulumi. Umbonisi wenkonzo ubukeza isimiso esithi Amaphayona Asiza Abanye njengoba sachazwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1998, ikhasi 4. Ube esexoxa nomuntu ngamunye kuleli qembu ngendima yakhe kulesi simiso nendlela esiyifeza ngayo injongo yaso. Yini eyenziwe ukuze siphumelele? Umbonisi wenkonzo ucela bonke abamemezeli ukuba bamazise uma bethanda ukuthola usizo enkonzweni. Labo abaye basizwa esikhathini esidlule bangase bafakwe futhi ukuze bathole usizo olwengeziwe kwesinye isici senkonzo.

20 imiz: “Injabulo Yenkonzo Yesikhathi Esigcwele.”b Khuthaza intsha ukuba ifake isicelo sokuba amaphayona asizayo ngamaholide esikole. Lapho lokhu kungenzeka khona, omunye wabazali naye angase akwazi ukubhalisa njengephayona elisizayo ngaleyo nyanga kanjalo anikeze ukuqeqeshwa nesikhuthazo.

INgoma 199 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 22

INgoma 90

10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, cela inceku ekhonzayo yenze umboniso wendlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-May 1 bese ucela nodade ozobonisa indlela yokuhambisa i-Phaphama! ka-May 8. Ngemva komboniso ngamunye, phinda umusho owodwa noma emibili yokuqala esetshenzisiwe ukuze kuvuswe isithakazelo somninikhaya.

15 imiz: Gcina Isikhathi! Inkulumo. Imisebenzi ehlobene nokukhulekela kwethu nenkonzo iyizinto ezibalulekile, ezidinga ukwenziwa ‘ngesikhathi sazo.’ (UmSh. 3:1) Sifuna ukuzuza ngokugcwele ngangokunokwenzeka emalungiselelweni angokwasezulwini. Imihlangano yebandla nemihlangano yenkonzo kufanele iqale ngqó ngezikhathi ezimisiwe. UJehova akakaze ephuze ekufezeni imisebenzi yakhe. (Hab. 2:3) Ingabe kudingeka sithuthuke kulesi sici? Ngezinye izikhathi kuyoba nezimo ezingenakugwenywa eziyobambezela abantu ngabanye. Kodwa ngokuhlela okuhle, akudingekile sifike njalo sekwephuzile, sifike ngemva kwengoma nomthandazo wokuvula emhlanganweni webandla noma ngemva kokuba esenziwe amalungiselelo enkonzo yasensimini. Xoxani ngezindlela eziwusizo zokuhlakulela imikhuba engcono eyoqinisekisa ukuthi sifika ngesikhathi kuyo yonke imisebenzi engokomoya.—Bheka INqabayokulinda ka-June 15, 1990, ikhasi 29.

20 imiz: “Ukusabela Ngesasasa!”c Xoxani ngalesi sihloko ngisho noma ibandla lakini noma iqembu lakini lesifundo sencwadi lingakwazanga ukuyibuka le-video. Esigabeni sokuqala, vumela ibandla ukuba linezele ngamafuphi amazwi ambalwa ngale-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? Khona-ke, ngaphandle kokuchitha isikhathi, yibe usungena engxoxweni nezilaleli usebenzisa umbuzo ngamunye kwesezigabeni 2-7. Hlanganisa namaphuzu asesahlukweni 8 encwadini Intsha Iyabuza.

INgoma 191 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 29

INgoma 162

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba banike umbonisi wabo wesifundo sencwadi imibiko yenkonzo yasensimini ka-April.

15 imiz: “Ukushumayela NgoMbuso Kusiza Ekusindiseni Ukuphila!”d Cela izilaleli zisho ukuthi imibhalo isebenza kanjani.

20 imiz: Cwaninga Usebenzisa Incwadi Ukubonisana. Ingxoxo nezilaleli. Kuvame ukuphakama imibuzo enkonzweni ngezihloko ezingekho ngaphansi kwesithi “Izihloko Eziyinhloko” (amakhasi 5-6) encwadini Ukubonisana. Esithi “Izikhombo” (amakhasi 439-45) siwusizo kakhulu ekutholeni imiBhalo esekela izinkolelo zethu. Cela izilaleli ukuba zihlanganyele ekutholeni izimpendulo zemibuzo elandelayo ngokubheka izikhombo ngaphansi kwegama ngalinye kwabhalwe ngomalukeke: Uyini umbono womKristu ngamaculo esizwe kanye namafulege? Kungani uNkulunkulu evumela izinhlekelele? Ungawuchaza kanjani umbono weBhayibheli ngesehlukaniso? Odade kudingeka basifake nini isembozo sekhanda, futhi kungani lokho kudingeka? Uyini umsuka woSuku lukaMama? Sazi kanjani ukuthi izi-144 000 yinani elingokoqobo elingafanekiseli eBhayibhelini? Usho ukuthini umfanekiso wesicebi noLazaru? Bakhuthaze bonke ukuba basebenzise incwadi Ukubonisana enkonzweni.

INgoma 28 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 6

INgoma 141

10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngesithi “Qhubeka Uzuza Kuyi-Nqabayokulinda Ne-Phaphama!”

10 imiz: Ukuhlelela Izinyanga Ezingaphambili. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Chaza imisebenzi evame ukuhlelelwa izinyanga ezimbalwa ezizayo: ukuya emhlanganweni wesifunda noma emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa, ukuba iphayona elisizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu, ukuhlanganyela emkhankasweni wensimu engabelwe, ukuthuthukisa ikhaya, mhlawumbe nokujabulela iholide noma ukuzilibazisa okuthile. Cela abambalwa balandise ngalokho abakuhlelayo nendlela abayoqinisekisa ngayo ukuthi abasidebeseleli isifundo sabo somkhaya, imihlangano yebandla, inkonzo yasensimini, ngisho nalapho beseholidini. Yisho ukuthi yimaphi amalungiselelo enziwayo ukuze kusetshenzwe insimu engabelwe ngo-August, September, no-October. Bakhumbuze bonke ukuba baqiniseke ukuthi umbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla uyayithola imibiko yabo yenkonzo yasensimini, kungakhathaliseki ukuthi bazobe besekhaya noma behambile.

25 imiz: “Imikhaya Eqinile Ngokomoya—Singayakha Kanjani?”e Ngemva kokuxoxa ngalesi sihloko, landisa okuhlangenwe nakho okuwusizo okukuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 1999, amakhasi 10-12.

INgoma 17 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela