‘Yenza Okuhle Kubo Bonke’
1 Ezenezelweni ze-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February neka-March 2002 kwasetshenziswa isihloko esithi ‘Shumayela Izwi LikaNkulunkulu Ngokugcwele,’ nesithi ‘Ceba Emisebenzini Emihle.’ (Kol. 1:25; 1 Thim. 6:18). Kulezo zenezelo sakhuthazwa ukuba senze umzamo othé xaxa wokusiza abathakazelayo ukuba babe khona eSikhumbuzweni, sisize abapholile ukuba baphinde bahlanganyele nebandla, sisize nabantwana bethu nabafanelekayo kulabo esibafundela iBhayibheli ukuba baqale ukumemezela izindaba ezinhle. Akungabazeki ukuthi siye saphumelela ngezinga elithile ngenxa yemizamo yethu emihle. Manje, “uma nje sinesikhathi esihle sakho, [masiqhubeke senza] okuhle kubo bonke.”—Gal. 6:10.
2 Bameme Ukuba Baphinde Babe Khona: Emazweni angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika, abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu abangebona abamemezeli bezindaba ezinhle baba khona eSikhumbuzweni unyaka ngamunye. Njengoba ukuba khona kwabo kubonisa inhlansi yesithakazelo, yini okumelwe siyenze ukuze sishukumise laba ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ ukuba babe “amakholwa”? (IzE. 13:48) Bakhuthaze ukuba baphinde babe khona emihlanganweni yebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka.
3 Kungani ungamemi umuntu othakazelayo ukuba abe khona eSifundweni Sencwadi Sebandla ukuze ajabulele ingxoxo ethakazelisayo yesiprofetho sika-Isaya? Uma uyisihlobo sakhe noma ujwayelene naye futhi uzoba nenkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ungase ummeme ukuba eze azokuzwa inkulumo yakho. Mazise njalo ngezihloko zezinkulumo zeningi ezizonikezwa emasontweni ezayo. (Kufanele kuxhonywe isimiso samuva ebhodini lezaziso.) Funa amathuba okuvusa kulo muntu isifiso sokukhulekela uJehova. Futhi-ke, uma kungukuthi akukabikho muntu osemfundela iBhayibheli ebandleni, ungacela ngomusa ukumfundela.
4 Qhubeka Ukhuthaza Abapholile: Abaningana balabo ababa khona eSikhumbuzweni sebezinikezele kakade kuJehova. Nokho, esikhathini esithile bayeka ukushumayela izindaba ezinhle ngenkuthalo. Kodwa-ke uPawulu wasikhuthaza ukuba ‘senze okuhle . . . ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.’ (Gal. 6:10) Ngakho, kufanele sibakhathalele ngokuyinhloko abapholile.
5 Mhlawumbe abanye kakade sebesabele esikhuthazweni sabadala nabanye sokuba babuye bahlanganyele enkonzweni. Uma wabelwe ngabadala ukuba usebenze nommemezeli ovuselelwe, yazi ukuthi uthando lwakho siqu ngoJehova nangenkonzo yasensimini luyokwakha ukuqiniseka kulo mmemezeli. Mbonise indlela ohlanganyela ngayo ezicini ezihlukahlukene zenkonzo ukuze athole injabulo kuyo, aphikelele emsebenzini wokushumayela, athole izibusiso zikaJehova.
6 Siza Abamemezeli Abasha Baqale Kahle: Lapho owesifazane othile owayesanda kuthakazela eqaphela ukuthi wayethole inhlangano kaNkulunkulu yeqiniso, wafuna ukuhlanganyela enkonzweni ngaso leso sikhathi. Ngemva kokutshelwa ukuthi yini eyayilindelekile kuye, wathi: “Asingabe sisapholisa maseko.” Uma othile obufunda naye iBhayibheli manje evunyelwa ukuba aqale enkonzweni yasensimini, msize abone isidingo ‘sokungapholisi maseko,’ ngaleyo ndlela, lo mmemezeli omusha aqale kahle. Msize abe nesimiso sokulungiselela nokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini masonto onke.
7 Uma kuyingane yakho esibe ummemezeli ongabhapathiziwe, sebenza nayo ukuze ithuthuke ngokobudala nekhono layo. Uyomangala ukubona ukuthi ngosizo lwakho oluncane nje ingaphumelela kanjani ekuxoxeni nabantu, ifunde iBhayibheli futhi ihambise isipho. Lapho ithole umuntu omuhle enkonzweni yasensimini, yiqeqeshe ukuba yenze impindelo isilandelele isithakazelo.
8 Yandisa Eyakho Inkonzo: Ingabe izimo zakho ziyakuvumela ukuba wandise ingxenye yakho emsebenzini wokushumayela ngisho nangemva kwenkathi yeSikhumbuzo? Ungakwazi yini ukunezela ihora elilodwa noma amabili isonto ngalinye kulawo obuvame ukuwasebenza enkonzweni? Ingabe ubheka ikhalenda njalo ukuze ubone ukuthi kunini lapho ungase ube khona iphayona elisizayo futhi? Noma, ungakwazi yini ukuhlela indlela yakho yokuphila ukuze ungenele inkonzo yesikhathi esigcwele? Wonke umzamo esiwenzayo enkonzweni ungasiza othile ukuba amukele iqiniso! (IzE. 8:26-39) Njengoba sibheke phambili ezinsukwini ezizayo, ‘masiphishekele okuhle komunye nomunye nakubo bonke abanye.’—1 Thes. 5:15.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Qhubeka Usiza:
□✔ Ababa khona eSikhumbuzweni
□✔ Abamemezeli abavuselelwe
□✔ Abamemezeli abasha abangabhapathiziwe