Beka UMbuso Kuqala
1 Ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni nokuwugcina ulapho akulula lapho sibhekene nezingcindezi zezomnotho noma ezinye izinkinga. Siwubeka kanjani uMbuso kuqala lapho kuphakama ubunzima? Kuthiwani uma sithenjiswa umsebenzi odinga ukuba siphuthe emihlanganweni yebandla noma ophazamisa inkonzo yethu yasensimini? Ingabe uMbuso kumelwe ube usuthatha indawo yesibili ekuphileni?
2 Kudingeka Ukholo Oluqinile: Lapho ukholo lwethu luvivinywa yizimo ezinjalo, akumelwe sikhohlwe isithembiso sikaJehova nesiqinisekiso sikaJesu sokuthi uNkulunkulu uyosisekela uma sifuna uMbuso kuqala. (IHu. 37:25; Math. 6:31-34) Amathonya ezwe nezingcindezi zalo kungasithibeza umbono wethu kusivimbele ukuba sibeke uMbuso endaweni yokuqala. Abanye baye bavumela amathuba okuvelela emsebenzini noma okuzuza ngokwezimali ukuba abe yinto esemqoka ekuphileni. Nokho, njengoPawulu, kudingeka sihlaziye kahle ukuthi yini ngempela ebalulekile ekuphileni.—Fil. 3:7, 8.
3 Ingabe Kudingeka Ukulungisa Okuthile? Omunye ummemezeli wathi: “Inhliziyo yami yayihlala isebhizinisini lami—yilo engangilithanda kakhulu. Nganginomuzwa wokuthi ngingaqhubeka nginguFakazi nakuba isikhathi sami esiningi ngisisebenzisela ibhizinisi.” Kodwa wayenomuzwa obeleselayo wokuthi wayengenza okwengeziwe ekukhonzeni uJehova. Ngokuhamba kwesikhathi waliyeka ibhizinisi elaliyisithiyo ekuthuthukeni kwakhe ngokomoya. Kwathi angazinikela ngokuphelele emsebenzini woMbuso, wakwazi ukuthi: “Manje ngiyezwa ukuthi ukuphila kwami kuyamukeleka phambi kukaJehova, okuyiyona-nto ebaluleke ngempela.”
4 Kuyancomeka ukuthi abaningi baye bayiyeka imisebenzi yabo yokuziphilisa namathuba okuzuza kakhudlwana ngokwezimali, benza ukuphila kwabo kwaba lula, bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Izinsizwa ezingashadile eziyizinceku ezikhonzayo nabadala, eziya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo zikwenzile lokhu futhi zijabulela amalungelo amahle enkonzo. Zilingisa isibonelo esivelele sikaPawulu, zanelisekile ngokuba nje nezinto ezibonakalayo eziyisisekelo.—1 Kor. 11:1; 1 Thim. 6:6-8; Heb. 13:5.
5 Nakuba izwe lingase liwuhleke umbono wethu ngokuphila, uJehova yena uyasibusisa. (1 Kor. 1:26-31) Akukhuthazi yini ukwazi ukuthi uyosisebenzisa ngokugcwele kangangokunokwenzeka futhi asisize sifeze umsebenzi wakhe? Ithuba esinalo manje lokumemezela uMbuso kaNkulunkulu omisiwe ngeke neze liphindwe. Ngakho manje yisikhathi sokubeka uMbuso kuqala ekuphileni kwethu.