ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-July 9
INgoma 4
12 imiz: Izaziso zebandla. Umbonisi wenkonzo uxoxa ngamalungiselelo ensimu engabelwe—izinsuku okuyohanjwa ngazo, indawo ezosetshenzwa, indawo yokulala, amalungiselelo ezinto zokuhamba nesipho sencwadi. Bukeza incwadi ka-May 30, 2001.
15 imiz: Umbiko Wenkonzo Ka-April. Inkulumo nezingxoxo, isingathwe unobhala. Qokomisa umbiko webandla wenkonzo yasensimini ka-April. Xoxa nabamemezeli abahlukahlukene abaye benza umzamo owengeziwe enkonzweni kuleyo nyanga. Mabalandise ngenjabulo abaye bayithola ngokuhlanganyela ngokugcwele nalokho abakwenzayo ukuze bahlale bematasa enkonzweni.—Bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2001, izigaba 28-30.
18 imiz: “Ungakhonza Yini Lapho Kunendingeko Enkulu Khona?”a Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okukhuthazayo abamemezeli basebandleni ababe nakho ensimini engayodwa noma engasetshenzwa njalo. (Bheka incwadi Ukuhlelelwa, amakhasi 112-13.) Futhi bhekisela ohlwini olunesihloko esithi “Ukukhonza Lapho Kunendingeko Enkulu Khona” ngokuqondene nezindawo ezidinga usizo.
INgoma 42 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 16
INgoma 10
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
15 imiz: Basha—Balani Izindleko Zomsebenzi Wenu Wokuziphilisa. Ubaba nendodana yakhe noma indodakazi eyevile eminyakeni eyishumi nambili baya kumdala onokuhlangenwe nakho okungokoqobo emsebenzini wokuziphilisa. Ngemva kokucabangela inkulumo yoMhlangano Wenkonzo ekhuluma ngokukhetha umsebenzi wokuziphilisa okwaxoxwa ngayo emasontweni amabili edlule, osemusha ukucabangela ngokungathi sína ukungenela inkonzo yamaphayona avamile kodwa akaqiniseki ukuthi angazinakekela kanjani izidingo zakhe zezinto ezibonakalayo. Umdala ugcizelela isidingo sokuba nombono olinganiselwe. (INqabayokulinda ka-September 1, 1999, ikhasi 11, isigaba 13) Kuwukuhlakanipha ukuthola ukuqeqeshwa okuthile ukuze umuntu akulungele ukuzinakekela. Abaningi baye benza kahle ngokufunda amakhono ayisisekelo angadingi isikhathi eside nemali eningi. (INqabayokulinda ka-February 1, 1996, ikhasi 14; Intsha Iyabuza, ikhasi 178) Baxoxa nge-Phaphama! ka-March 8, 1996, amakhasi 9-11, nokunye ukusikisela okuwusizo kokuthola noma kokusungula umsebenzi wokuziphilisa ofanelekayo.
20 imiz: OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo? Ingxoxo nezilaleli, nomboniso. Hlola le ncwajana, ukhulumele indlela engasetshenziswa ngayo ekufundiseni abanye ngathi nomsebenzi wethu. Ichaza ukuthi singobani (amakhasi 3-5), iqokomise omunye womlando wethu wanamuhla nomsebenzi wethu (amakhasi 6-11), inohlu lwezinkolelo ezisehlukanisa kwezinye izinkolo (amakhasi 12-14), ichaza izindaba ezinhle esizishumayelayo nendlela esizishumayela ngayo (amakhasi 15-21), ibonise indlela umsebenzi wethu ozuzisa ngayo umphakathi (amakhasi 22-4), ibonise inhlangano yethu yomhlaba wonke (amakhasi 25-6) futhi iphendule imibuzo evame ukubuzwa ngathi (amakhasi 27-31). Yenza umboniso wommemezeli esebenzisa le ncwajana ukuze aphendule omunye wemibuzo esekhasini 29 obuzwa umninikhaya, ngemva kwalokho ummemezeli uyammema esebenzisa isimemo esisekhasini lokugcina. Bakhuthaze bonke ukuba basebenzise le ncwajana ekusizeni izihlobo ezingebona oFakazi ukuba zazi ngathi, ukuba bakhulise isithakazelo ezimpindelweni futhi baqondise ababafundela iBhayibheli enhlanganweni.
INgoma 50 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 23
INgoma 19
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Xoxa ngamalungiselelo okugcina ensimu engabelwe.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Kulungele Ukutadisha Isiprofetho Sika-Isaya!”b Phawula kafushane ngendlela esizozuza ngayo ngokutadisha incwadi ka-Isaya. (Bheka isahluko 1, izigaba 10-12, kwethi Isiprofetho Sika-Isaya I.) Bakhuthaze bonke ukuba babe khona njalo eSifundweni Sencwadi Sebandla.
INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 30
INgoma 22
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba banike umqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-July.
20 imiz: Basha—Sebenzisani Ukuqonda Lapho Nihlela Imfundo Yenu. Umdala ukhuluma nabazali abathile nezingane zabo ezevile eminyakeni eyishumi nambili ngokuphathelene nemfundo yokwenezela. Umdala uyahola ekuxoxeni nge-Nqabayokulinda ka-September 1, 1999, amakhasi 16-17, izigaba 11-13, egcizelela izizathu zokuba inkonzo yesikhathi esigcwele ibe yinto eza kuqala kwabasha. (INqabayokulinda ka-December 1, 1996, amakhasi 18-19, izigaba 13-15) Leli qembu libe selibukeza iseluleko esikuyi-Phaphama! ka-March 8, 1998, amakhasi 20-1, ligcizelela isidingo sokusebenzisa ukuqonda ekuhloleni izinzuzo nezingozi zemfundo yokwenezela nokuyilinganisela kulokho okudingekayo ukuze bazinakekele lapho bephishekela inkonzo. Bonke bayavuma ukuthi kufanele baqondiswe iseluleko sikaJesu sokubeka izithakazelo zoMbuso kuqala.—Math. 6:33.
15 imiz: Good News for All Nations. Ingxoxo nezilaleli nomboniso ngendlela yokusebenzisa le ncwajana equkethe ubufakazi obufushane ngezilimi ezingu-59. Inani elandayo labantu kuleli zwe lakhiwa abantu abakhuluma izilimi zakwamanye amazwe. Bonisa indlela esingafakaza ngayo kwabanjalo sisebenzisa incwajana ethi Good News for All Nations. Bukeza ngamafuphi isihloko esithi “Use of This Booklet,” ekhasini 2, bese ufunda intshumayelo yolimi olukhulunywa ebandleni lenu. Bonisa okufanele kwenziwe lapho uthola umuntu okhuluma olunye ulimi emzini ongene kuwo. Landisa noma ikuphi okuhlangenwe nakho okuhle ngendlela lokhu okuye kwenziwa ngayo ensimini yenu.—Bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1998, izigaba 9-10.
INgoma 57 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 6
INgoma 25
15 imiz: Izaziso zebandla. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho kokushumayela ngokwethukela lapho zithenga, ziseholidini, zisemsebenzini, zisesikoleni, noma lapho zivakashela izihlobo ezingebona oFakazi.
10 imiz: “Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda.” Inkulumo. Memezela usuku lomhlangano wesifunda olandelayo. Kufanele bonke benze umzamo okhethekile wokumema abafunda nabo iBhayibheli. Khuthaza abamemezeli abangabhapathiziwe ukuba bacabange ngokungathi sína ngokubonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova emhlanganweni wesifunda olandelayo. Banxuse bonke ukuba babe khona kuzo zombili izingxenye zesimiso usuku ngalunye.
20 imiz: “Ungangabazi!”c Uma isikhathi sivuma, landisa okuhlangenwe nakho kuyi-Nqabayokulinda ka-December 15, 1999, ikhasi 25.
INgoma 63 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.