Kulungele Ukutadisha Isiprofetho Sika-Isaya!
1 “Abakhulekeli abathembekile bangaqiniseka ukuthi uJehova . . . ngeke alivumele izwe likaSathane liqhubeke isikhathi eside ngokungadingekile.” Yeka amazwi akhuthazayo! Athathwephi la mazwi? Kwethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I. Ingabe isiprofetho sika-Isaya sisinikeza isizathu sokufinyelela esiphethweni esinjalo esithinta inhliziyo? Yebo! Kuleyo ncwadi yeBhayibheli, udaba lwensindiso lugcizelelwe ngokunamandla nangokucacile. (Isaya 25:9) Kungakho kuyokhuthaza kakhulu kithina ukutadisha le ngxenye yeZwi likaNkulunkulu eSifundweni Sencwadi Sebandla. Ingabe siyoba khona ukuze siyijabulele masonto onke? Kungani kumelwe sibe khona?
2 Ku-Isaya 30:20 (NW), uJehova ubizwa ngokuthi ‘uMfundisi wethu Omkhulu.’ UmKristu ngamunye kufanele alalele ngokucophelela njengoba uJehova ekhuluma nathi ngeZwi lakhe nangezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwe ‘yisigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Math. 24:45; Isaya 48:17, 18) Lokhu kunjalo ngempela ngencwadi Isiprofetho Sika-Isaya I. Ungazuza kanjani ngokugcwele lapho uyitadisha?
3 Lungiselela Ukuhlanganyela: Bekela eceleni isikhathi esanele isonto ngalinye ukuze ulungiselele isifundo sencwadi. Funda isigaba ngasinye kwezabiwe. Cabanga ngombuzo ngamunye obhaliwe. Dwebela izimpendulo encwadini yakho. Amavesi acashunwe ku-Isaya abhalwe ngamagama agqamile. Wafunde ngokucophelela. Eminye imibhalo ekhonjiwe, yifunde ukuze ubone ukuthi ihlobana kanjani nesigaba. Zindla ngalokho okufundayo. Bese uhlanganyela lokho okulungiselele neqembu lakini lesifundo sencwadi.
4 Umzalwane oqhuba isifundo sencwadi kufanele asize bonke abakhona ukuba balisebenzise ngokunenzuzo iBhayibheli futhi bakwazise ukubaluleka okungokoqobo kokwaziswa okuhlanganiswayo. Uma unikwa ithuba lokuphendula kuqala, nikeza impendulo elula, eqondile. Uma omunye esekwenzile kakade lokho, ungase wenezele ephuzwini okuxoxwa ngalo. Mhlawumbe ungase ubonise indlela umbhalo oyisihluthulelo osekela ngayo isihloko. Zama ukuphendula ngamazwi akho uthole injabulo yokuhlanganyela engxoxweni.
5 Masisihlole ndawonye ngokulangazela isigijimi esiyigugu esisencwadini ka-Isaya. Siyosikhuthaza ukuba siphile usuku ngalunye silindele ngenjabulo insindiso kaJehova!—Isaya 30:18.