Ungangabazi!
1 Lapho silungela ukuyoshumayela endlini ngendlu, isithiyo esikhulu akukona ukuya emizini yabantu kodwa siwukuphuma kweyethu. Imizwa yokungafaneleki ingase isenze singabaze ukuphuma siyokhuluma nazo “zonke izinhlobo zabantu” ngeqiniso. (1 Thim. 2:4) Kodwa akufanele sibe nomuzwa wokungabaza ukushumayela izindaba ezinhle. Ngani?
2 Isigijimi EsikaJehova: UJehova uye wadlulisela izwi lakhe ngeBhayibheli. Lapho siyisa lesi sigijimi kwabanye, sidlulisela imiqondo yakhe, hhayi eyethu. (Roma 10:13-15) Lapho abantu benqaba isigijimi soMbuso, empeleni benqaba uJehova. Nokho, asidangali. Siyaqiniseka ukuthi lesi sigijimi siyoshukumisa izinhliziyo zalabo abalangazelela ushintsho ezimweni zezwe futhi abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya.—Hez. 9:4; Math. 5:3, 6.
3 UJehova Udonsa Abantu: Umuntu owenqaba ukusilalela esikhathini esidlule manje angase alalele ngenxa yokushintsha kwezimo zakhe nokuthi inhliziyo yakhe isithambile. Manje uJehova angase abonise umusa wakhe kuyena futhi ‘amdonse.’ (Joh. 6:44, 65) Lapho lokhu kwenzeka, sifuna ukuhlala sikulindele ukusetshenziswa uJehova futhi sivumele ukuqondiswa izingelosi ukuze sithole abanjalo.—IsAm. 14:6.
4 UNkulunkulu Usinika Umoya Wakhe: Umoya ongcwele usenza sikwazi ukukhuluma “ngesibindi ngegunya likaJehova.” (IzE. 14:1-3) Uma sikhumbula ukuthi sinalokhu kusekelwa okunamandla enkonzweni yethu, ngeke singabaze ukukhuluma iqiniso komakhelwane, kwesisebenza nabo, kwesifunda nabo, ezihlotsheni, noma kubantu abafundile noma abanothile.
5 UJesu Wasifundisa Indlela Yokukwenza: UJesu wayesebenzisa imibuzo eshukumisa ingqondo, imifanekiso evamile, esebenzisa nemiBhalo. Wachaza iqiniso ngendlela elula, ekhangayo, ngokusuka enhliziyweni. Nanamuhla lezi kuseyizindlela ezingcono kakhulu. (1 Kor. 4:17) Izimo esishumayela kuzo zingase zihlukahluke, kodwa isigijimi soMbuso esinamandla asiguquki.
6 Sinelungelo lokusetshenziswa uJehova ukuba sisize abantu ngendlela ekhethekile nebalulekile. Masingangabazi! Kwangathi singaba nesibindi futhi sivumele uJehova “asivulele umnyango wokukhuluma” ukuze sikhulume izindaba ezinhle kwabanye.—Kol. 4:2-4.