Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/01 k. 8
  • Umbiko Wentuthuko Mayelana NamaHholo OMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbiko Wentuthuko Mayelana NamaHholo OMbuso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 6/01 k. 8

Umbiko Wentuthuko Mayelana NamaHholo OMbuso

1 Nizojabula kakhulu ukwazi ukuthi kuze kube manje kulo nyaka wenkonzo kuye kwaqedwa amaHholo OMbuso angu-27. Ngakho-ke situsa wonke amaKomiti Okwakha Esifunda nalabo abasekela lesi simiso ngomsebenzi omuhle owenziwayo. Njengoba kusele izinyanga ezintathu kuphela kulo nyaka wenkonzo, sikhuthaza bonke abakha amahholo ukuba baqede amaningi ngangokunokwenzeka.

2 Siyajabula futhi ukubika ukuthi amabandla amaningi ngokwengeziwe aye akwazi ukuthola itayitela elingokomthetho lesiza seHholo LoMbuso futhi aye athumela amakhophi alo ehhovisini legatsha. Sikhuthaza wonke amanye amabandla, angakasitholi isiza noma izincwadi zaso ezidingekayo ukuba ayisukumele ngazo zombili le ndaba. (Sizani nilandele inqubo esesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1994.) Isidingo esiye saphakama emabandleni amaningi esokuba awanakekele kahle amahholo awo. Wonke amaHholo OMbuso kufanele aqhubeke elimelela kahle igama likaJehova. Uma ninehholo, ingabe niyalilungisa minyaka yonke? Ingabe bonke abadala sebeyakwazi kahle yini ukwaziswa okusha okukuyi-Memorandum on Information Regarding Ownership of Kingdom Halls (T-36) yomhla ka-January 1, 2001? Ingabe seniligcwalisile ifomu i-Annual Congregation Property Documents & Safety Inspection Worksheet (T-34)?

3 Siyawancoma wonke amabandla aboleka imali ehhovisi legatsha futhi ayikhokhayo nyanga zonke. Lawo okungenzeka abe nobunzima bokukhokha njalo, nyanga zonke, akhuthazwa ukuba akhokhe noma iyiphi imali asalele ngayo emuva ngokushesha ngangokunokwenzeka. Le mali iyajikeleza futhi sifuna ukuqhubeka sisiza amabandla angaphezu kuka-250 anabamemezeli abangu-30 noma ngaphezulu, abangakabi nalo iHholo LoMbuso, ukuze nabo bajabulele izinzuzo zokuba nehholo. Ngakho siwabonga kakhulu wonke amabandla asesikhokhe asiqeda isikweletu sawo.

4 Amabandla amaningana ame kahle ngokwezimali aye aboleka imali encane ukuze asize amabandla angomakhelwane ukuba akhe amahholo awo. Nalokhu kwaziswa kakhulu.

5 Njengoba kusobala ukuthi uJehova usibusisa ngokucebile lesi simiso sokwakha, sinethemba lokwakha amaHholo OMbuso adingekayo ensimini yethu eminyakeni embalwa ezayo. Sinibonga kakhulu ngokusekela kwenu okuhle.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela