Yiba “Matasa Kakhulu” Enkonzweni Yakho
1 Lapho sifunda ukuthi umphostoli uPawulu wayenza umsebenzi wokwakha amatende eseKorinte, singase siphethe ngokuthi lokhu kwakusilinganisela isikhathi sakhe sokushumayela. Nokho, IzEnzo 18:5 ziyalandisa: “UPawulu waqala ukuba matasa kakhulu ngezwi, efakaza kumaJuda ukuze abonise ukuthi uJesu unguKristu.” Kungani uPawulu ayematasa kangaka ngomsebenzi wokushumayela? Nakuba abaningi eKorinte base bengamakholwa kakade, iNkosi yaqinisekisa ukuthi kwakusazokwenziwa abafundi abaningi kulelo dolobha. (IzE. 18:8-11) Ingabe sinaso isizathu esifanayo sokuba matasa kakhulu enkonzweni yethu? Yebo. Kusenabantu abaningi abangatholakala futhi bafundiswe iqiniso.
2 Sebenzisa Isikhathi Esengeziwe Enkonzweni Phakathi No-April: Cishe kuwumgomo wakho ukuzigcina umatasa ekushumayeleni izindaba ezinhle nyanga zonke. Kodwa izinyanga ezithile ngokukhethekile zisinikeza amathuba engeziwe okuba sibe “matasa kakhulu” kulo msebenzi. Lezi zihlanganisa inyanga ka-April, emvuthwandaba wenkathi yeSikhumbuzo. Ingabe izimo zakho ziye zakuvumela ukuba ube yiphayona elisizayo noma wandise imizamo yakho enkonzweni? Abamemezeli abaningi abenza kanjalo baye babusiswa ngokucebile. (2 Kor. 9:6) Uma wenza konke ongakwenza, khumbula ukuthi uJehova uyajabula ngenkonzo yakho yomphefumulo wonke. (Luka 21:2-4) Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zakho, kwenze umgomo wakho ukuba “matasa kakhulu” enkonzweni yakho ngo-April. Futhi ungakhohlwa ukunikeza umqhubi wakho wesifundo sencwadi umbiko wakho wenkonzo yasensimini ekupheleni kwenyanga ukuze umzamo wakho ubalwe neyabo bonke abantu bakaJehova.
3 Vakashela Abasanda Kuhlanganyela Abebekhona ESikhumbuzweni: Ngonyaka odlule eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane akhonza ngaphansi kwegatsha lethu, inani lababekhona eSikhumbuzweni lalingu-187 588. Ingqikithi yabebekhona kulo nyaka okwamanje ayikaziwa. Nokho, imibiko ibonisa ukuthi kunethuba elimangalisayo ‘lesivuno’ esikhulu. (Math. 9:37, 38) Ngakho, ngokushesha ngangokunokwenzeka, hlela ukuhambela abathakazelayo ababekhona eSikhumbuzweni ukuze ubasize ngokomoya. Ukuhlehlisa ukuhambela okunjalo kungase kuvumele ‘omubi ukuba ahlwithe izwi lombuso elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo.’ (Math. 13:19) Ukubahambela ngokushesha kuyobonisa ukuthi ngempela ‘umatasa kakhulu’ enkonzweni yakho.
4 Qhubeka Usiza Asebepholile: Ngo-February kwaqalwa umzamo okhethekile wokusiza asebepholile. Uma kukhona abebengakahanjelwa, abadala kufanele bahlele ukuba babahambele engakapheli u-April. Abadala bayokwenza imizamo yokuthola imbangela yenkinga yalowo muntu nendlela engcono yokumsiza aphinde akhonze uJehova ngentshiseko. Lolu sizo lothando lubonisa ukuthi abadala bawuthatha ngokungathi sína umthwalo wabo njengabelusi ‘bomhlambi kaNkulunkulu.’ (1 Pet. 5:2; IzE. 20:28) INqabayokulinda ka-September 15, 1993, amakhasi 22-3, inokusikisela okuhle okungasetshenziswa abadala lapho besingatha noma iziphi zezinkinga ezinhlanu ezivamile okungenzeka ukuthi zithinta asebepholile. Okufiselekayo kuwukuba abanye babo bavuselelwe enkonzweni yasensimini phakathi no-April.
5 Sizani Abengeziwe Ukuba Babe Abamemezeli Abangabhapathiziwe: Ingabe izingane zakho seziyafaneleka njengabamemezeli abasha bezindaba ezinhle? Kuthiwani ngabanye ofunda nabo iBhayibheli? Uma abanjalo bevunyelwa abadala, ingabe u-April awusona isikhathi esifanele sokuba baqale ukuba abamemezeli? Uma umuntu ethuthuka futhi eseyifundile incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi, isifundo seBhayibheli singase siqhutshwe ngencwadi yesibili—kungaba incwadi Izwi LikaNkulunkulu, incwadi Ukuthula Kweqiniso noma Ubunye Ekukhulekeleni. Umgomo wakho uwukusiza umfundi ukuba aliqonde ngokwengeziwe iqiniso, afaneleke njengommemezeli ongabhapathiziwe, abe uFakazi KaJehova ozinikezele nobhapathiziwe.—Efe. 3:17-19; 1 Thim. 1:12; 1 Pet. 3:21.
6 Isithakazelo sakho esingaguquguquki nesiqotho kobafundela iBhayibheli ekugcineni singase sibasize benze iqiniso libe ngelabo. Omunye uFakazi wahlangana nombhangqwana osukhulile owasivuma ngenhliziyo yonke isifundo seBhayibheli. Kodwa lo mbhangqwana wasihlehlisa isifundo amasonto amathathu elandelana. Ekugcineni isifundo saqalwa. Ngokulandelayo, lo mbhangqwana cishe waweqisa isonto ungaphumeleli ukufunda. Nokho ekugcineni inkosikazi yathuthukela ezingeni lokubhapathizwa. “Ngemva kokubhapathizwa,” kukhumbula lo mzalwane, “amehlo ayo agcwala izinyembezi zenjabulo, okwaletha izinyembezi zenjabulo kokubili kimi nakumkami.” Yebo, ukuba “matasa kakhulu” ngezindaba ezinhle kuletha injabulo engachazeki!
7 Iziprofetho zeBhayibheli nezenzakalo zezwe zibonisa ukuthi siphila phakathi nesikhathi sokuphela. Manje yisikhathi sokuba bonke abantu bakaNkulunkulu babe “matasa kakhulu” ekwaziseni abanye izindaba ezinhle. Umphostoli uPawulu usiqinisekisa ngokuthi umshikashika onjalo “awulona ize eNkosini.”—1 Kor. 15:58.