IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Phakathi nempela-sonto yokugcina ka-January kuye kwanikezelwa elinye iHholo LoMbuso KwaZulu-Natal eClernaville, (ePinetown). Leli bandla lamiswa ngo-1947 futhi abangu-207 ababekhona baye bajabula kakhulu ngaleli qophelo elingokomoya abaye balifinyelela emlandweni wabo njengebandla. Lokhu kwenza ingqikithi yamahholo asenikezelwe kulo nyaka wenkonzo abe ngu-14. Labo abasakha ihholo labo bakhuthazwa ukuba benze okusemandleni ukuba baliqede ngokushesha, ukuze linikezelwe ngaphambi kokuphela kwalo nyaka wenkonzo.
EZindabeni Ezingokwasezulwini zika-December 2000 kwathiwa: “INdikimba Ebusayo ingathanda ukuba ibandla ngalinye lihlanganyele kwelalo iHholo LoMbuso.” Iphuzu laliwukuthi ibandla ngalinye kumelwe lihlanganyele eHholo LoMbuso, kwakungashiwo ukuthi kumelwe kube yihholo lalo siqu. Kulungile ukuba amabandla amathathu, amane noma ngaphezulu ahlanganyele iHholo LoMbuso. Nokho, labo abahlanganyela emikhukhwini noma ezikoleni kuyafaneleka ukuba babe neHholo LoMbuso.