ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-April 9
INgoma 93
15 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Yisho inani labebekhona ebandleni ngeSikhumbuzo. Cela izilaleli ukuba zilandise ngamazwi okwazisa ashiwo abebeqala ukuba khona.
15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa umdala. Hlanganisa nezici ezicatshangelwayo lapho kukhethwa imizi engasetshenziswa njengendawo yesifundo sencwadi.—Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1983.
15 imiz: “Nikeza Ubufakazi Njengomakhelwane Omuhle.”a Phawula izindlela ezengeziwe esinganikeza ngazo ubufakazi ngokuziphatha kwethu.—Bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1997, ikhasi 18, isigaba 16.
INgoma 80 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 16
INgoma 145
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Sekusele izimpelasonto ezimbili kuphela ku-April, ngakho bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni ingakapheli inyanga.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Izintshumayelo Ezilula Zingezingcono Kakhulu.”b Hlanganisa namaphuzu asesihlokweni esithi “Hlala Endabeni!” esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1999, ikhasi 4. Yenza umboniso omfushane wentshumayelo eyodwa noma ezimbili ezilula.
INgoma 146 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 23
INgoma 163
5 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: “Ukuhlela Kusengaphambili—Sihlelelani?” Inkulumo. Hlanganisa namaphuzu afanelekayo kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2000, amakhasi 18-21.
25 imiz: “Yiba ‘Matasa Kakhulu’ Enkonzweni Yakho.”c Cela abamemezeli ababili noma abathathu ukuba balandise okuhlangenwe nakho abakujabulele ekusizeni abanye njengoba kuye kwatuswa ezigabeni 3-5.
INgoma 202 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 30
INgoma 215
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba banikeze abaqhubi babo beSifundo Sencwadi Sebandla imibiko yenkonzo yasensimini ka-April. Bonke abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele bathinte bonke abasemaqenjini abo ukuze yonke imibiko ihlanganiswe ngo-May 6.
10 imiz: Okuhlangenwe nakho. Hlela kusengaphambili nalabo abaye bakhonza njengamaphayona asizayo ngo-March no-April ukuba balandise okunye kokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo nokukhuthazayo abaye bakujabulela ensimini.
25 imiz: Umkhaya Wethu Ungabubonisa Kanjani Ubungcwele? Umdala nomkhaya wakhe baxoxa nge-Nqabayokulinda ka-August 1, 1996, amakhasi 17-20. Bukezani izindlela zokubonisa ubungcwele ekhaya, ezihlotsheni, ebandleni nakomakhelwane, esikoleni nasemsebenzini.
INgoma 216 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-May 7
INgoma 84
10 imiz: Izaziso zebandla.
20 imiz: Amaphayona Asiza Abanye. Inkulumo nezingxoxo, inikezwa umbonisi wenkonzo. Bukeza isimiso saMaphayona Asiza Abanye njengoba sihlelwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso, ka-September 1998, ikhasi 4. Khuluma ngezinto ezakhayo eziye zafezwa ebandleni. Xoxa nephayona eliye lasiza omunye umuntu kanye nommemezeli oye wasizwa. Bonisa indlela bobabili abazuze ngayo ngokusebenza ndawonye enkonzweni. Cela abanye ukuba bazuze kuleli lungiselelo ezinyangeni ezilandelayo.
15 imiz: “KuNkulunkulu Kungenzeka Konke.”d Khulumela kafushane lokho okuphawulwe encwadini Abamemezeli, ikhasi 443, okubonisa izinga lokushumayela ngo-1935 uma kuqhathaniswa nombiko we-Ncwadi Yonyaka entsha. Bonisa indlela lokhu kwanda okukhulu okwakubonakala kungenakwenzeka ngayo.
INgoma 70 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.