Ukuhlela Kusengaphambili—Sihlelelani?
1 Sonke sike sicabange ngokuhlelela ikusasa. Labo abanamathemba asemhlabeni babheke phambili ekuphileni phakade emhlabeni omusha kaNkulunkulu wokulunga. Kodwa kunamathonya angalihlwitha lelo themba enhliziyweni yomuntu. Kudingeka umzamo oqotho wokuqhubeka sigxilisa ukuphila kwethu ezithakazelweni zoMbuso, singaphazanyiswa yizifiso zenyama ezilingayo.—1 Joh. 2:15-17.
2 Izwe alinakukwazi ukuqonda imigomo yabantu abangokomoya. (1 Kor. 2:14) Lapho abanye abantu bezama ukuthola udumo, amandla, noma ingcebo, thina sishikashikela ingcebo engokomoya. (Math. 6:19-21) Uma besingazama ukushintsha ukucabanga kwethu ukuze kuvumelane nombono wezwe wekusasa, besiyoke sikwazi ukufinyelela imigomo yethu engokomoya? Ngokushesha izinto zokuphila kwansuku zonke bezingase ziminyanise izinhliziyo zethu. Singakuvimbela kanjani lokhu?
3 “Gqokani INkosi UJesu Kristu”: Enye indlela yokuthola ukuthi ikusasa lethu silakhela ezithakazelweni zoMbuso yini, iwukuhlola ingxoxo yethu. Ingabe njalo sizithola sikhuluma ngezinto ezibonakalayo nezinto zaleli zwe? Uma kunjalo, kufanele sizibuze ukuthi ingabe inhliziyo yethu ilahlekelwa umbono wayo ezintweni ezibalulekile ezingokomoya yini. Kungase kudingeke sigcizelele ‘ukugqoka iNkosi uJesu Kristu kunokuba sihlelele kusengaphambili izifiso zenyama.’—Roma 13:14.
4 Intsha ‘ingagqoka uKristu’ ngokuhlela kusengaphambili isikhathi lapho iyongenela khona inkonzo yesikhathi esigcwele. Omusha owayefuna ukuba yiphayona elivamile wakhuliswa endaweni lapho kujwayeleke khona ukuba izinsizwa zizimele ngokwezimali. Ngakho, wangena shí kwezamabhizinisi kwaze kwaba sezingeni lapho ukuya emihlanganweni nasenkonzweni kwase kuwukugcina icala nje. Lapho eseqale ukuthembela emazwini kaJesu atholakala kuMathewu 6:33 wagqashula nasemjikelezweni ayekuwo, wangenela umsebenzi wenkonzo yesikhathi esigcwele. Manje, ukhonza uJehova ngonembeza omuhle, ‘ngawo wonke amandla akhe,’ esho.
5 IBhayibheli lithi kuwukuhlakanipha ukuhlelela ikusasa. (IzAga 21:5) Kwangathi sonke singenza kanjalo sicabanga ngokuyinhloko ngentando kaNkulunkulu.—Efe. 5:15-17.