ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-January 8
INgoma 29
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
15 imiz: “Ukukhanya Kwenu Makukhanye.”a Hlanganisa nokukhulumela okukuyi-Nqabayokulinda ka-June 1, 1997, amakhasi 14-15, izigaba 12-13. Bakhuthaze bonke ukuba basebenzise wonke amathuba okufakaza.
20 imiz: “Yiba Isilaleli Esihle.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Bukeza amaphuzu encwadini ethi Ukuchasisa Isikole, amakhasi 27-8, izigaba 15-17. Indlela engcono yokuhlola imikhuba yethu yokulalela iwukubona ukuthi kungakanani esikukhumbulayo. Cela izilaleli ukuba zisho amaphuzu avelele avezwe yilabo abebenezinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini namuhla.
INgoma 1 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 15
INgoma 51
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: Ingabe Uyihlola Nsuku Zonke ImiBhalo? Inkulumo nezingxoxo. Cabangela INqabayokulinda ka-December 15, 1996, amakhasi 17-18, izigaba 12-14, eqokomisa ukuhlakanipha kokuba nengxoxo yansuku zonke yetekisi losuku njengomkhaya. Xoxa namalungu omkhaya, ngalinye elikhumbula ingxoxo yamuva yetekisi losuku eyabonakala iwusizo ngokukhethekile futhi lisho ukuthi ngani. Gcizelela ukuthi lokhu kufanele kube ingxenye yesimiso sasikhathi sonke sesifundo somkhaya esiklanyelwe ukuqinisa imikhaya nokuyigcina imatasa enkonzweni.
INgoma 67 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 22
INgoma 90
7 imiz: Izaziso zebandla.
18 imiz: Indlela Yokulungiselela Izethulo. Inkulumo nemiboniso. Bukeza amaphuzu ayisihluthulelo encwadini Ukubonisana, ikhasi 9. Bonisa indlela yokukhetha isethulo esifanelana nesimo sethu, ubuntu nensimu. Bukeza ezinye zezethulo ezingase zisetshenziswe nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, bese kuba nomboniso ngesisodwa noma ezimbili. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1997, ikhasi 10.) Bakhuthaze bonke ukuba basebenzise ukusikisela okutholakala encwadini Ukubonisana nakuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso enkonzweni yabo yasensimini.
20 imiz: “Bazali—Gxilisani Imikhuba Ewusizo Ezinganeni Zenu.” Inkulumo nengxoxo nabazali abazingane zabo ziqhuba kahle ngokomoya. Abazali bakhumbula izinto ezakhayo abaye bazenza ukuze izingane zabo zihileleke enkonzweni yasensimini. Uma isikhathi sivuma, hlanganisa ukusikisela okusencwadini Injabulo Yomkhaya, amakhasi 55-9.
INgoma 96 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 29
INgoma 139
7 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-January. Yisho isipho sencwadi ngo-February.
13 imiz: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 1991, amakhasi 16-19, eyakha ukulangazelela ngesifundo sebandla sencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Bakhuthaze bonke, kuhlanganise nentsha, ukuba bahlanganyele ezingxoxweni zamasonto onke esifundweni sencwadi. Bonke kufanele bazimisele ukuba khona njalo, balangazelele ukufunda futhi basebenzise lokho abakufundile enkonzweni.
25 imiz: Ilungiselelo Lothando Lokunakekela Impilo Yethu. Inkulumo enikezwa umdala ofanelekayo, esekelwe ohlakeni nasencwadini yeNhlangano ka-December 1, 2000. Gcizelela ukuthi indlela engcono kakhulu yokuvikeleka ngokomthetho ekumpontshelweni igazi ungafuni, itholakala ngokugcwalisa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release. La makhadi azonikezwa abamemezeli ababhapathiziwe ngemva komhlangano wanamuhla, kodwa AKUFANELE agcwaliswe namuhla. Ibandla kufanele libe namakhadi anele elizowanikeza abamemezeli. Ukusayina kwakho nokukafakazi kanye nokubhala usuku kuwo wonke amakhadi kuyokwenziwa ngemva kweSifundo Sencwadi Sebandla esilandelayo, ngosizo lomqhubi wesifundo sencwadi uma kudingekile. Ngaphambi kokuba usayine, qiniseka ukuthi amakhadi agcwaliswe ngokugcwele. Labo abasayina njengofakazi kufanele bambone mathupha umninikhadi elisayina. Abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqiniseke ukuthi bonke abasemaqenjini abo bayaluthola usizo abaludingayo lokugcwalisa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release. Abazali bangawathola ama-Identity Card ezingane ngemva kwalo mhlangano. Abamemezeli abangabhapathiziwe bangazibhalela esabo isiqondiso abayosisebenzisa bona nezingane zabo, ngokusebenzisa okushiwo kuleli khadi bakwenze kuvumelane nezimo zabo kanye nezinkolelo zabo.
INgoma 149 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 5
INgoma 168
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: “Yiba Umenzi Ojabulayo.”b Bonisa ukuthi yini enezela injabulo yethu enkonzweni kaNkulunkulu, njengoba kuboniswe encwadini i-Insight, Umqulu 2, ikhasi 120, izigaba 6-8.
20 imiz: Ungakuthola Ukuzijabulisa Okwakhayo. Iqembu lomkhaya lixoxa ngeseluleko esanikezwa kuyi-Phaphama! ka-May 22, 1997. Ubaba ukhathazekile ngokuphishekela komkhaya ezokuzijabulisa. Ngemva kokubukeza kafushane isihloko esithi “Kwenzekeni Kwezokuzijabulisa?” (amakhasi 4-7), bagxila ezinhlotsheni zokuzijabulisa ezingaba ezakhayo nezizuzisayo. Cabangela ukwaziswa okusencwadini Ukuhlelelwa, amakhasi 131-2, ngaphansi kwesithi “Ukuzilibazisa,” namakhasi 134-6, ngaphansi kwesithi “Konke Kwenzeleni Udumo LukaNkulunkulu.” Gcizelela indima yabazali yokuhola nesidingo sokubambisana kwawo wonke amalungu omkhaya ukuze kuzuze umkhaya wonke.
INgoma 190 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.