Yiba Isilaleli Esihle
1 Kudingeka ukuziqeqesha ukuze ulalelisise. Futhi kudingeka ukuba lowo olalele abe nesifiso sokufunda nokuzuza kulokho akuzwayo. Kungakho uJesu agcizelela isidingo “sokunaka indlela esilalela ngayo.”—Luka 8:18.
2 Lokhu kusebenza ikakhulukazi lapho sisemihlanganweni yebandla, eyesifunda neyesigodi. Lezi yizikhathi okufanele silalelisise ngazo. (Heb. 2:1) Nanka amanye amaphuzu azokusiza ukuba ube yisilaleli esihle kule mibuthano yobuKristu.
◼ Kwazise ukubaluleka kwemihlangano. Iyindlela eyinhloko ‘esifundiswa ngayo uJehova’ esebenzisa “umphathi okholekile.”—Isaya 54:13; Luka 12:42.
◼ Lungiselela kusengaphambili. Bukeza ukwaziswa okuzoxoxwa ngakho futhi uqiniseke ukuthi uyaliphatha iBhayibheli lakho nekhophi yakho yencwadi efundwayo.
◼ Phakathi nemihlangano, yenza umzamo okhethekile wokugxilisa ingqondo. Ukukhuluma nalabo abahlezi nawe nokubheka ukuthi abanye ezilalelini benzani kumelwe kugwenywe. Zama ukuba ungaphazanyiswa ukucabanga ngalokho ozokwenza ngemva kwemihlangano noma ngokuphathelene nezinto zakho siqu.
◼ Hlaziya lokho okushiwoyo. Zibuze: ‘Kusebenza kanjani lokhu kimi? Ngizokusebenzisa nini?’
◼ Bhala kafushane amaphuzu ayinhloko nemibhalo. Lokhu kukusiza ukuba ugxilise imicabango yakho kulokho okukhulunywa ngakho futhi kukusize ukuba ukhumbule amaphuzu ayinhloko ongawasebenzisa kamuva.
3 Fundisa Izingane Zakho Ukulalela: Izingane zidinga ukufundiswa okungokomoya. (Dut. 31:12) Ezikhathini zasendulo “bonke ababenengqondo yokuzwa” phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kwakudingeka balalelisise njengoba befundelwa uMthetho. (Neh. 8:1-3) Uma abazali behlanganyela emihlanganweni futhi belalelisisa, izingane zabo nazo ziyokwenza okufanayo. Akukona ukuhlakanipha ukuphatha amathoyizi noma izincwadi zokudweba izithombe namapeni ukuze ugcine izingane zimatasa. Futhi ukuya endlini yangasese ngokungadingekile kuyaziphazamisa ekulaleleni. Njengoba “ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,” abazali kufanele benze umzamo oqotho wokubona ukuthi izingane zabo ziyahlala zilalele emihlanganweni.—IzAga 22:15.
4 Ngokuba yizilaleli ezinhle, sibonisa ukuthi sihlakaniphe ngempela futhi sifuna ‘ukuqhubeka sifunda.’—IzAga 1:5.