IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-December: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ihambisana ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ngo-January: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya noma ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Ngo-February: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila noma, noma iyiphi incwadi enamakhasi angu-192 eyakhishwa ngo-1986 noma ngaphambi kwalokho ibandla elinayo esitokweni. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuzokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
◼ INqabayokulinda izotholakala nyanga zonke ngolimi lwesiTumbuka kusukela kumagazini ka-September 1, 2000.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
How to Improve Your Speaking and Teaching Ability—ngesiVenda
Ungakwazi Ukukhonza Endlini KaNkulunkulu?
IBethel idinga abazalwane abangashadile noma abashadile abangenabo abantu abathembele kubo, abanolwazi lokukhanda izimoto, onjiniyela (kwezokwakha), abalungisa amapayipi noma ugesi, noma abanokuhlangenwe nakho kuyi-electronics, maintenance noma kuyi-HVAC (heating, ventilation, and airconditioning). Sidinga udokotela wamazinyo wesikhathi esigcwele ngokuphuthumayo.
Uma ufuna ukwenza isicelo sokuza eBethel kufanele ube umuntu ongokomoya ozinikezele futhi obhapathiziwe oseqede okungenani unyaka, ozinikele, ozimisele ukusebenza kanzima futhi ophile kahle, ngokomzimba noma ngokwemizwelo. Kufanele ube neminyaka ephakathi kuka-19 no-35 ubudala futhi ube isakhamuzi saseNingizimu Afrika.
Uma uhlangabezana nalezi zimfuneko, kungani ungazitholeli futhi ugcwalise amafomu esicelo saseBethel bese uwanikeza ikomiti yenkonzo yebandla lakini? Noma sicela ushayele iNhlangano ucingo noma uyibhalele ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe.