Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/00 kk. 3-4
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 12/00 kk. 3-4

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kokwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-September 4 kuya ku-December 18, 2000. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhalela kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:

1. UDavide wamnqanda u-Abishayi ukuba angambulali uShimeyi ngoba uDavide wayenecala lalokho uShimeyi ayemmangalela ngako. (2 Sam. 16:5-13) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w99-ZU 5/1 k. 32 isig. 3.]

2. Unembeza ohlanzekile noqeqeshwe kahle awusiholeli nje kuphela ebuhlotsheni obufudumele nobomuntu siqu noNkulunkulu kodwa futhi ubalulekile ukuze sisindiswe. (Heb. 10:22; 1 Pet. 1:15, 16) [w98-ZU 9/1 k. 4 isig. 4]

3. Umlando wamaKhosi Okuqala unenzuzo engokomlando kumaKristu kuphela ngoba emakhosini angu-14 abusa kwa-Israyeli nakwaJuda ngemva kokufa kukaSolomoni, mabili kuphela enza okulungileyo emehlweni kaJehova. [si-ZU k. 64 isig. 1]

4. UkuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane kungafaniswa nokubusa kukaSolomoni ngokuthula nokwakuchuma kweminyaka engu-40. (1 AmaKh. 4:24, 25, 29) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 6/1 k. 6 isig. 5.].

5. Ukungcwatshwa kahle kuka-Abiya kuwubufakazi obusobala bokuthi wayengumkhulekeli kaJehova othembekile, okuwukuphela kwakhe owayevela endlini kaJerobowamu. (1 AmaKh. 14:10, 13) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 4/1 k. 12 isig. 11.] 6. Ubhapathizo lobuKristu lubonisa ukuthi lowo muntu useyisikhonzi esivuthiwe sikaNkulunkulu. [w98-ZU 10/1 k. 28 isig. 2]

7. UJehova waqinisa u-Eliya ngesibindi esingaphezu kwesivamile futhi wamgomela ukuba angesabi. (1 AmaKh. 18:17, 18, 21, 40, 46) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w98-ZU 1/1 k. 31 isig. 2.]

8. Ithempeli likaSolomoni liyisakhiwo esibabazekayo hhayi nje ngenxa yenkazimulo yalo nobukhazikhazi bezinto elalakhiwe ngazo kodwa ngenxa yokuthi lalifanekisela ithempeli likaJehova elingokomoya elinenkazimulo eyedlula kude eyelikaSolomoni. [si-ZU k. 69 isig. 26]

9. Ubumpumputhe obalethwa emabuthweni aseSiriya ngenxa yalokho okwashiwo u-Elisha ngokusobala kwakuwubumpumputhe bengqondo ngoba babekwazi ukumbona u-Elisha nakuba babengaqondi ukuthi ungubani. (2 AmaKh. 6:18, 19) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-si-ZU kk. 70-1 isig. 10.]

10. Ukunika “ubufakazi,” okushiwo kweyesi-2 AmaKhosi 11:12, kwakuyisenzo esingokomfanekiso esibonisa ukuthi indlela inkosi eyayiwuchaza ngayo uMthetho kaNkulunkulu yayiwujuqu futhi kufanele ilalelwe. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w91-ZU 2/1 k. 31 isig. 6.]

Phendula imibuzo elandelayo:

11. Ngokuvumelana neyoku-1 Johane 2:15-17, yini okufanele abazali abesaba uNkulunkulu bakhuthaze izingane zabo ukuba ziyigweme lapho beziqondisa ekukhetheni umsebenzi wokuziphilisa ofanelekile? [w98-ZU 7/15 k. 5 isig. 2]

12. Kushiwo ukuthini kweyesi-2 Samuweli 18:8, ethi: “Ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba”? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w87-ZU 3/15 k. 31 isig. 2.]

13. Obani namuhla abangafaniswa nezihlobo zikaGoliyati, amaRefa, futhi yini abazama ukuyenza? (2 Sam. 21:15-22) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 1/1 k. 20 isig. 8.] 14. Yisiphi isimiso seBhayibheli esiyinzuzo esisifunda kweyesi-2 Samuweli 6:6, 7? [si-ZU k. 63 isig. 30]

15. Yisiphi isimiso esibalulekile esingafundwa esehlakalweni esihilela indoda eyabulawa ngenxa yokwephula iSabatha? (Num. 15:35) [w98-ZU 9/1 k. 20 isig. 2]

16. Yini esingayenza ukuze silingise indlovukazi yaseSheba, eyahamba ibanga elide ukuze iyozwa ‘ngokuhlakanipha kukaSolomoni’? (1 AmaKh. 10:1-9) [8, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w99-ZU 7/1 k. 31 izig. 1-2.]

17. Ngokweyoku-1 AmaKhosi 17:3, 4, 7-9, 17-24, u-Eliya walubonakalisa ngaziphi izindlela ezintathu ukholo kuJehova? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 4/1 k. 19 isig. 5.]

18. Kungani ukwenqaba kukaNaboti ukunika u-Ahabi isivini sakhe kwakungabonisi ukuthi wayenenkani? (1 AmaKh. 21:2, 3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w97-ZU 8/1 k. 13 isig. 18.])

19. Amazwi akweyesi-2 AmaKhosi 6:16 ayisikhuthazo kanjani ezincekwini zikaJehova namuhla? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w98-ZU 6/15 k. 18 isig. 5.]

20. Yiziphi izindlela amaKristu eqiniso okufanele aqaphele ngazo ubusimoni? [w98-ZU 11/15 k. 28 isig. 5]

Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:

21. UmKristu weqiniso akumelwe avumele ukunqotshwa ․․․․․․․․ abese ehlanganyela emasikweni acasula ․․․․․․․․. (IzAga 29:25; Math. 10:28) [w98-ZU 7/15 k. 20 isig. 5]

22. Lapho enikeza ubufakazi phambi kweNkosi u-Agripha, uPawulu wasebenzisa ․․․․․․․․, egcizelela amaphuzu yena no-Agripha ․․․․․․․․.(IzE. 26:2, 3, 26, 27) [w98-ZU 9/1 k. 31 isig. 3]

23. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ․․․․․․․․, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi akayena umuntu ongokoqobo, kodwa ․․․․․․․․ njalo nangokujule ngokwengeziwe kungamenza umuntu ‘ambone Lowo ongabonakali.’ (Heb. 11:27) [w98-ZU 9/15 k. 21 izig. 3-4]

24. Ngezinye izikhathi zinkulu izinzuzo ezitholakala ․․․․․․․․ nje okuncane, njengoba kungabonwa endabeni kajenene waseSiriya ․․․․․․․․. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w99-ZU 2/1 k. 3 isig. 6–k. 4 isig. 1.]

25. Njengoba inhliziyo kaJehonadaba yayineyeNkosi uJehu, ․․․․․․․․ namuhla siyamqaphela futhi sibambisana ngenhliziyo yonke noJehu Omkhulu, ․․․․․․․․, omelelwa ․․․․․․․․ emhlabeni. (2 AmaKh. 10:15, 16) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w98-ZU 1/1 k. 13 izig. 5-6.]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

26. (USathane; uJehova; uJowabe) owenza ukuba uDavide one ‘abale u-Israyeli.’ (2 Sam. 24:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 7/15 k. 5 isig. 2.]

27. Ngokuvumelana neyoku-1 AmaKhosi 8:1 nomShumayeli 1:1, uSolomoni wahlanganisa abantu ukuba (bakhe ithempeli; baxoshe izitha zika-Israyeli; bakhulekele uJehova). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-si-ZU k. 112 isig. 3.]

28. Inkathi eyiminyaka engu-20 uSolomoni akha ngayo ithempeli nendlu yakhe eJerusalema iqhathaniseka nenkathi yokulungiswa kwezimfundiso nokuhlela kabusha eyaqala (ngo-1919; ngo-1923; ngo-1931) yaphela (ngo-1938; ngo-1942; ngo-1950). (1 AmaKh. 9:10) [8, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 3/1 k. 20 ibhokisi.]

29. Igama elithi “amazulu” njengoba lisetshenziswa kweyesi-2 AmaKhosi 2:11 libhekisela (endaweni kaNkulunkulu yokuhlala engokomoya; indawo yonke engokoqobo; umkhathi womhlaba, lapho kundiza khona izinyoni kuvunguze nomoya). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w97-ZU 9/15 k. 15 ibhokisi.]

30. (UHerode Omkhulu; uKesari Awugustu; uTiberiyu Kesari) uyena owayala ukuba kubalwe abantu okwabangela ukuba uJesu azalelwe eBetlehema kunokuba azalelwe eNazaretha. [16, w98-ZU 12/15 k. 7 ibhokisi]

Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:

IHu. 15:4; 2 Sam. 12:28; 2 Sam. 15:18-22; 2 AmaKh. 3:11; Kol. 3:13

31. Ubunhloko elungiselelweni likaJehova elingokwasezulwini kufanele buhlonishwe. [4, si-ZU k. 63 isig. 30]

32. Ukuthembeka enhlanganweni kaJehova nakubameleli bayo kumelwe kulondolozwe. [4, si-ZU k. 63 isig. 30]

33. Ukwazisa umusa kaJehova kungashukumisela umuntu ukuba azithibe futhi athethelele ukushiyeka kwabanye. [11,w98-ZU 11/1 k. 6 isig. 4]

34. Kuyilungelo ukubonisa umoya wokwamukela izihambi nokukhonza ngokuthobeka izinceku zikaJehova ezithembekile ezisenkonzweni ekhethekile. [13, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w97-ZU 11/1 k. 30 isig. 8.]

35. Umuntu owesaba uNkulunkulu wenza konke okusemandleni akhe ukuba agcine izwi lakhe akhokhe izikweleti anazo, ngisho noma izinto zenzeka ngendlela abengayilindele. [15, w98-ZU 11/15 k. 27 isig. 1]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela