Abanye Bathembele Kuwe
1 “Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi.’” Uma belingasho kanjalo, yini ebingalivikela engozini? Umphostoli uPawulu wawusebenzisa kanjalo umzimba womuntu namalungu awo ahlukahlukene ukuze abonise iqiniso lokuthi sonke sithembele komunye nomunye ebandleni. Wabhala ngisho nokuthi “lawomalungu omzimba abonakala sengathi abuthakathaka kakhudlwana ayadingeka.” Yebo, sithembele kwabanye futhi nabo bathembele kithi, ukuba ‘sinakekelane ngokufanayo’ ngoba “singamalungu angawelinye nelinye.” (1 Kor. 12:21-27; Efe. 4:25) Cabanga ngezinye izindlela lokho okwenzayo okubathinta ngazo abanye.
2 Ekhaya: Amadoda nomkawo bayaqinisana ngokholo, ukuzimisela nentshiseko abayibonisayo, begcina imigomo engokomoya iza kuqala. Ngokufanayo, isimo sengqondo nesibonelo sabazali singaba nethonya elikhulu endleleni izingane zabo eziyibheka futhi zihlanganyele ngayo enkonzweni yasensimini nasemihlanganweni yobuKristu.—Josh. 24:15.
3 Enkonzweni: Intshiseko yakho ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso ikhuthaza abanye abamemezeli ukuba bazikhandle enkonzweni. Isibonelo sakho sisho okukhulu, njengoba kunjalo nangosizo lomuntu siqu olunikeza abanye ukuze bahlanganyele enkonzweni. (2 Thes. 3:9) Ngokuqinisekile amaphayona ayalazisa noma iliphi ithuba lokuhamba nawo enkonzweni. Yiqiniso, abathakazelayo obathola ensimini balindele ukuba ubuye uzobasiza ukuba bathole indlela eya ekuphileni. Awufuni ukubadumaza.
4 Ebandleni: Ukuba khona kwakho nokuphendula emihlanganweni yebandla kuwumthombo wesikhuthazo sangempela kubafowenu nodadewenu. Uma uphuthile, akuwena nje kuphela olahlekelwayo. Abanye ngeke bazithole izinzuzo zokuba khona kwakho emihlanganweni. Ngokuqinisekile abadala bathembele kuwe, njengoba nje nawe uthembele kubo. Isimo sakho sengqondo esihle nokusekela ngokuzimisela kuyawuthuthukisa umsebenzi wabo wokwalusa umhlambi.
5 Ngezwi nangesenzo, “masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.” (Heb. 10:24) UJehova uyosibusisa ngoba sinokwethenjelwa futhi sithembekile.