Izikhumbuzo Ngelungiselelo Lokuhambisa Izincwadi Elenziwe Laba Lula
1 Umsebenzi wethu uwukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso futhi senze abafundi. (Math. 24:14; 28:19, 20) Siyajabula ukubona ukwanda okukhulu ekusakazweni kwezincwadi nomagazini kusukela siqale ukusebenzisa ilungiselelo lokuhambisa izincwadi elenziwe laba lula. Ngaleyo ndlela abantu abengeziwe bayafinyelelwa ngezindaba ezinhle. Ilungiselelo lokuhambisa izincwadi elenziwe laba lula lisebenza kanjani ebandleni lenu? Siye sathola amazwi amaningi abonisa ukwazisa. Inzuzo enkulu ezedlula zonke ukuthi manje wonke umuntu ebandleni usengazitholela ikhophi ye-Nqabayokulinda neyencwadi ka-Daniyeli ukuze ayisebenzise emihlanganweni yebandla, kungakhathaliseki ukuthi angakwazi yini ukunikela imali eyanele ukukhokha izindleko zalezi zincwadi noma cha. Lokhu kwenza ukuba wonke amabandla athuthuke kahle ngokomoya.
2 Abaningi bayazibuza ukuthi, Ingabe iminikelo ihamba kanjani njengoba manje sesihambisa izincwadi nomagazini ngaphandle kwenkokhiso? Amabandla amaningi enza kahle kakhulu, athumela iminikelo eyedlula leyo ayeyithumela esikhathini esidlule. Nokho, njengoba sithumelela amabandla inani lezincwadi eliphindwe kabili, silindele iminikelo yomsebenzi womhlaba wonke eyengeziwe. Kodwa okwamanje lokhu akwenzeki eNingizimu Afrika.
3 Lokhu kuphakamisa umbuzo othi, Ubani onomthwalo wemfanelo wokukhokha izindleko zezincwadi nomagazini esibahambisayo? Lapho kuqaliswa ilungiselelo elenziwe lula lokuhambisa izincwadi iNdikimba Ebusayo yathi: “Izinceku zikaJehova ezizinikezele ziwumthombo oyinhloko walokhu kusekela.” Yanezela: “Sonke kumelwe sizizwe sinomthwalo wemfanelo wokukhokhela lokho esikuthathayo.” Ngakho, lapho sithatha izincwadi noma omagazini, kufanele umuntu ngamunye azizwe enomthwalo wemfanelo wokunikela futhi afake umnikelo emabhokisini abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi WeNhlangano Womhlaba Wonke—Math. 24:14.” Uma singenakukwazi ukukhokha izindleko ezigcwele zezincwadi nomagazini esibathathayo, ingabe akumelwe ukuba okungenani sinikele lokho okusemandleni ethu? Uma singazi ukuthi incwadi ibiza malini, masisebenzise ithuba silingise isibonelo sethu, uJesu Kristu, ngokulungiselela okungaphezu kokudingekile.—Qhathanisa noMathewu 14:14-21; 1 Petru 2:21.
4 Ngaphezu kwalokho, lapho sihambisa izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini ensimini futhi abantu besibuza ukuthi zibiza malini, sibatshela ukuthi sizihambisa ngaphandle kwenkokhiso. Nokho, senezele ukuthi, umsebenzi wethu womhlaba wonke usekelwa iminikelo yokuzithandela futhi uma befisa ukufaka iminikelo emincane yokusekela umsebenzi wethu wokushumayela bangafaka umnikelo wabo emvilophini esiyiphethe. Ngenxa yaleyo njongo kufanele sihlale siyiphethe le mvilophi. Khona-ke yonke le mali kufanele ifakwe emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo YeNhlangano Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Math. 24:14.” Iminikelo yethu kanye naleyo eqhamuka ensimini kumelwe isize iNhlangano ukuba iqhubeke nokunyathelisa izincwadi nomagazini futhi inakekele umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke. Abazalwane ababili abazinikezele kufanele bawavule la mabhokisi, bayibale ndawonye imali futhi benze irisidi bese benika inceku yezimali ikhophi kanye nemali.
5 Kufanele sikubheke kanjani ukuthatha amaBhayibheli anesembozo sesikhumba, imiqulu ye-Insight, imiqulu ye-Nqabayokulinda neye-Phaphama! kanye nezinye izinto ezibizayo? Zibuze, ‘Ingabe bengizozithatha lezi zinto ngaphambi kokuba kuqalwe ilungiselelo elenziwe lula lokusakaza izincwadi? Ingabe manje ngifaka umnikelo owanele wokukhokha izindleko zezincwadi ezinjalo?’ Ngokwesibonelo, kunokuba ngifune iBhayibheli elinesembozo sesikhumba, kungani nginganeliswa elivamile? Lapho imikhaya ikwazi ukufunda isiNgisi futhi ingazuza ngempela emiqulwini ye-Insight, ingase ithole isethi eyodwa yomkhaya. Lokhu kuyosebenza nakwezinye izinto ezibizayo njengamakhasethi omculo namakhasethi e-video. Kumelwe siqaphe ukuba singamane sizithathe nje etafuleni lezi zinto ngoba nje kungadingeki ukuba sizikhokhele. Kufanele sizizwe sinomthwalo wemfanelo wokukhokha izindleko zezinto ezinjalo kuye ngokwamandla ethu.
6 Ingabe singayisebenzisa imali ethile esemabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo YeNhlangano Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Math. 24:14” sikhokhele isikweletu seHholo LoMbuso noma izindleko zebandla? Cha, lokho akufanele. Imali ekula mabhokisi akuyona eyebandla kodwa eyokusekela umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke weNhlangano futhi kufanele ithunyelwe eNhlanganweni njalo ekupheleni kwenyanga. Akumelwe isetshenziselwe noma iziphi ezinye izinjongo. Izindleko zeHholo LoMbuso kufanele zikhokhwe ngeminikelo esebhokisini elibhalwe ukuthi “Iminikelo Yebandla.”
7 Salijabulela ilungiselelo lokuhambisa izincwadi elenziwe laba lula. Masibonise ukuthi siyalazisa ngokunikela lapho sithatha izincwadi nomagazini esizobasebenzisa thina noma enkonzweni yasensimini.