“Ingabe Kumelwe Ngithuthe?”
1 Lapho zisabela emyalweni kaJesu othi “hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe abafundi,” izinceku zikaJehova eziningi ezizinikezele ziye zathutha ukuze ziyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. (Math. 28:19) Zilingisa uPawulu, owasabela obizweni: “Welela eMakedoniya usisize.” (IzE. 16:9) Lokhu kungenziwa kanjani ngokoqobo?
2 Thatha Isinyathelo Esisodwa Ngesikhathi: Ingabe ikhona insimu engasetshenzwa njalo ebandleni lakini? Uma kunjalo, ungase ugxilise imizamo yakho kulezo zindawo. Ngaphambi kokuba unqume ukuya kwenye indawo, xoxa nabadala bakini ukuze uthole ukuthi uyakufanelekela yini ukuthutha. Futhi ungase ubuze umbonisi wenu wesifunda ukuthi likhona yini ibandla eliseduze alaziyo lapho ungase wandise khona inkonzo yakho. Ngakolunye uhlangothi, ngemva kokubala izindleko ngokucophelela ungase ufise ukucabangela ukusiza kwenye ingxenye yezwe noma kwelinye izwe. INkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2000 inohlu lwezindawo lapho kunendingeko enkulu khona. Uma kuyileso isifiso sakho, wena kanye nendikimba yabadala yakini kufanele nibhalele ihhovisi legatsha lalapho onesithakazelo sokuyokhonza khona, nichaze isizinda sakho esingokomoya. Kungase kube ukuhlakanipha ukuvakashela leyo ndawo ngaphambi kokuba unqume ukuthi uyothuthela yini kuyo noma cha.
3 Qaphela Izingozi Zokufuduka: Inani elandayo labafowethu lithuthela kwamanye amazwe ngoba lifuna izinga elingcono lokuphila noma ukukhululeka ekucindezelweni. Lapho benza lokho, abanye baye baba izisulu zabantu abangathembekile abathembisa ukubasiza bazinze ezweni elisha kodwa bashaye bachithe nemali yabo futhi babashiye kanjalo. Ngaleyo ndlela isimo salaba bafuduki siye saba sibi kakhulu kunokuba kwakunjalo ezweni lakubo. Kungase kudingeke nokuba bacele kubazalwane indawo yokuhlala noma usizo lwabo, bathwalise kanzima eminye imikhaya yamaKristu nayo ebhekene nezayo izinkinga nobunzima. Ngenxa yokuthutha okunjalo okungacatshangelwe kahle, amalungu eminye imikhaya aye ahlala ngokwahlukana futhi imikhaya yaba buthaka ngokomoya.—1 Thim. 6:8-11.
4 Uma ufuna ukuthutha ngenxa yezinzuzo zakho siqu, khumbula ukuthi uyobhekana nezinkinga kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi. Kulula ukunqoba izinkinga uma ulwazi kahle ulimi nendlela yokuphila, kunokuqala phansi endaweni ongayijwayele.