ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-October 9
INgoma 11
8 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
12 imiz: “Ingabe Kumelwe Ngithuthe?” Inkulumo enikezwa umdala. Chaza ukuthi kungani kunesidingo sokusebenzisa ukuhlakanipha lapho senza isinqumo sokuthuthela kwenye indawo. Xoxa ngokuthi singasetshenziswa kanjani iseluleko esikuzAga 22:3. Hlanganisa ukukhulumela okumayelana nezixwayiso ezitholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1988, ikhasi 22.
25 imiz: “Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?” Ingxoxo enikezwa ngumbonisi wenkonzo ngentshiseko. Ngemva kokufunda isaziso esakhishwa encwadini yeNhlangano ka-June 20, 2000, eyayibhalelwe abadala, umuntu ngamunye okhona kufanele athole ikhophi ye-Kingdom News No. 36. Khona-ke qhubeka nengxoxo yemibuzo nezimpendulo ngalesi sihloko. Khuluma ngamalungiselelo ebandla okuhlanganisa yonke insimu. Cabangela ukuthi ungabasiza kanjani abasanda kuhlanganyela nezingane ukuba bafaneleke njengabamemezeli abangabhapathiziwe. Yiba nomboniso wentshumayelo emfushane. Gcizelela isidingo sokuba wonke umuntu ahlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso.
INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 16
INgoma 104
15 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Xoxa ngamalungiselelo ensimu engabelwe empelasonto yokugcina ka-October. Khumbuza abamemezeli ukuthi ngezimpelasonto i-Kingdom News No. 36 izohanjiswa nomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
15 imiz: “Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?” Inkulumo enikezwa umdala. Gcizelela ukubaluleka kokuba khona ngazo zontathu izinsuku zomhlangano wesigodi.
15 imiz: “Zonke Izindaba Zenu Mazenzeke Ngothando.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Landisa obunye bobunzima obuba khona lapho abantu behluleka ukulandela iziqondiso ezinikeziwe zokuthola izindawo zokulala.
INgoma 131 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 23
INgoma 150
13 imiz: Izaziso zebandla.
16 imiz: “Lalelisisa Amazwi Angcwele.” Imibuzo nezimpendulo. Gcizelela izizathu zokuthi kungani sonke kufanele sibe sesihleli ezindaweni zethu lapho kuqala ingxenye ngayinye yesimiso.
16 imiz: “Londoloza Ukuziphatha Okuhle Okukhazimulisa UNkulunkulu.” Umdala uxoxa ngalesi sihloko neqembu lomkhaya. Babukeza lokho okufanele bakwenze ukuze balondoloze ukuhleleka, inhlonipho, ukuhlanzeka nokuba yisibonelo ezindaweni zomphakathi.
INgoma 211 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 30
INgoma 167
8 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake umbiko wenkonzo ka-October.
12 imiz: Okuhlangenwe Nakho Kokuhambisa I-Kingdom News No. 36. Cela abamemezeli abahlukahlukene ukuba balandise imiphumela ekhuthazayo abaye bayijabulela kuze kube manje ekuhambiseni i-Kingdom News No. 36. Cela amaphayona avamile asho indlela awazisa ngayo umsebenzi owandisiwe phakathi nalo mkhankaso nethuba analo lokusebenza nabamemezeli abaningi abahlukahlukene.
15 imiz: “Abanye Bathembele Kuwe.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Bakhuthaze bonke ukuba bayicabangele ngokungathi sína indima abanayo ekwakheni imikhaya yabo nebandla. Sonke senza lukhulu ekuqiniseni abanye ngesibonelo sethu nangamazwi akhuthazayo.
10 imiz: Ukucula—Ingxenye Ebalulekile Yokukhulekela Kwethu. Umqhubi wesifundo sencwadi uxoxa nabamemezeli ababili ngokucula emihlanganweni yebandla. Uye waphawula ukuthi baculela phansi. Uxoxa nabo ngamaphuzu akuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 1997, amakhasi 27-8. Bacubungula amazwi elinye lamaculo azoculwa eSifundweni Se-Nqabayokulinda kuleli sonto, njengoba kusikiselwe kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 1999, ikhasi 20, isigaba 12. Uma sikuthatha ngokungathi sína ukucula, senza ukuba ukudumisa uJehova okusuka enhliziyweni kuphile.
INgoma 15 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 6
INgoma 198
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza intuthuko eyenziwe ekusakazeni i-Kingdom News No. 36. Nikeza umbiko mayelana nensimu esisetshenziwe kuze kube manje nokuthi yini ezodingeka ukuze ibe isihlanganisiwe ngo-November 17.
20 imiz: Yilungiselele Kahle Imihlangano. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Ukuzuza emihlanganweni kuxhomeke kakhulu ekutheni silungiselela kangakanani. Bukeza ukusikisela okuwusizo okunikezwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 1, 1998, amakhasi 15-16, izigaba 8-11. Cela izilaleli ukuba zichaze ukuthi zilithola kanjani ilukuluku elidingekayo futhi zithole isikhathi esidingekayo ukuze zilungiselele kahle.
15 imiz: Sonke Singawubonisa Umoya Wokuphayona. Ingxoxo phakathi komqhubi wesifundo sencwadi nomsizi wakhe, esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 1997, amakhasi 22-3. Xoxa ngokuthi kungaba kuhle kanjani ukuba namaphayona engeziwe ebandleni nokuthi abanye bangasifaka kanjani isandla ekufinyeleleni lo mgomo. Xoxa futhi ngezindlela zokukhuthaza labo abangamaphayona njengamanje ukuba baqhubeke nokuthi bonke ebandleni bangayandisa kanjani intshiseko enkonzweni.
INgoma 223 nomthandazo wokuphetha.