Yiqaphele Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo
1 Sahlangana ngezinsuku ezintathu ezijabulisayo, eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu.’ Sayeka ukugxilisa ukunaka kwethu emisebenzini yokuphila yansuku zonke futhi sagxila emisebenzini emangalisayo kaJehova. Isimiso sasihlelelwe ukwandisa ukholo lwethu kuNkulunkulu naseZwini lakhe, ukuqinisa ubuhlobo bethu naye nokuqinisa intshiseko yethu enkonzweni. Sizuza kanjani ezintweni esazifundiswa?—Joh. 13:17.
2 Imikhaya Ilalela Izwi LikaNkulunkulu: Izinkulumo eziwuchungechunge oluthi “Lalela Izwi LikaNkulunkulu” zasisiza ukuba sihlole isimo esingokomoya somkhaya wethu. Izingane ziyakuthanda ukufunda. Ngakho, abazali abesaba uNkulunkulu bakhuthazwa ukuba benze isifundo seBhayibheli somkhaya sibe isisekelo sokwakha umkhaya oqinile ngokomoya. Izinhloko eziningi zamakhaya zixoxa nabantwana bazo ngencwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Lokhu kuyozisiza ukuba zakhe ubuhlobo obujabulisayo nobulondekile noJehova. Bazali, fundisani abantwana benu indlela yokuqaphela indlela uNkulunkulu azizwa ngayo. Bonisani uthando lwenu ngaye nangezenzo zakhe. (IHu. 103:2) Sebenzani ndawonye ukuze nilondoloze imigomo engokomBhalo enengqondo ehlobene nokuhileleka ngokugcwele ekukhonzeni uJehova.
3 Izwi LikaNkulunkulu Likhanyisa Indlela Yethu: Sakujabulela ukuthola incwadi entsha ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I. Usuhambe ibanga elingakanani ekufundeni lo mqulu wokuqala? Incwadi ka-Isaya ibikezela izahlulelo ezingezinhle ezizweni ezingamesabi uNkulunkulu kanye nezithembiso zoMbuso eziqhakazile ezithenjiswe abantu bakaNkulunkulu. (Isaya 34:2; 35:10) Futhi yakha ukholo nokuthembela kuJehova nasendleleni yakhe yokwenza izinto.—Isaya 12:2-5.
4 Lapho ufunda Isiprofetho Sika-Isaya I, ekuqaleni ungase ubone indlela u-Isaya abulondoloza ngayo ubuqotho bakhe kuJehova ebe ezungezwe ububi. Lapho emenywa ukuba abe isithunywa sikaNkulunkulu, u-Isaya wathi: “Nangu mina! Ngithume mina.” (Isaya 6:8) Ukuzindla ngomoya wakhe ovumayo kuyokukhuthaza ukuba uqhubeke ushumayela izindaba ezinhle, uhlanganyela ngokugcwele ekunikezeni ubufakazi “ezizweni zonke.”—Math. 24:14.
5 Ukunaka kwethu imisebenzi kaJehova kuyokhulisa ubukhulu bakhe. Ngakho kumelwe nilazise ilungelo lokuba abenzi bezwi likaNkulunkulu!