UJehova Unika Amandla
1 Yini oyiphawulayo ngomphostoli uPawulu? Njengoba sifunda incwadi yezEnzo, siyayazisa indlela ayekhuthele ngayo enkonzweni kaJehova. UPawulu wakufeza kanjani konke akwenza? Wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.” (Fil. 4:13) Nathi singazuza emandleni esiwanikwa nguJehova. Kanjani? Ngokuzuza emalungiselelweni ayisithupha asenzela wona ukuze sivuselelwe futhi siqiniswe ngokomoya.
2 IZwi LikaNkulunkulu: Njengoba nje kufanele sidle ukudla ukuze silondoloze amandla ethu angokwenyama, kufanele sizondle ngeZwi likaNkulunkulu ukuze sihlale siyimiqemane ngokomoya. (Math. 4:4) IBhayibheli lisinika amandla okusisekela. Ukuze silondoloze ukushisekela kwethu iqiniso, kudingeka sibe nesifundo somuntu siqu esinenjongo futhi sizindle nsuku zonke uma kungenzeka.—IHu. 1:2, 3.
3 Umthandazo: Kubalulekile ukusondela kuJehova, ikakhulukazi ngezikhathi zesidingo esikhethekile. Ngomoya wakhe ongcwele, ubanika amandla aqinisayo labo abawacela kuye ngomthandazo. (Luka 11:13; Efe. 3:16) ImiBhalo isikhuthaza ukuba ‘siphikelele emthandazweni.’ (Roma 12:12) Ingabe uyakwenza lokho?
4 Ibandla: Amandla siwathola nangesikhuthazo emihlanganweni yebandla kanye nasebudlelwaneni obufudumele esibujabulela khona nabafowethu nodadewethu. (Heb. 10:24, 25) Lapho sikhathazekile, bayasikhuthaza futhi basisize ngothando.—IzAga 17:17; UmSh. 4:10.
5 Inkonzo Yasensimini: Ukuhlanganyela njalo enkonzweni kusisiza ukuba sihlale sigxilile eMbusweni nasezibusisweni zawo. Siyaqina lapho sisiza abanye ukuba bafunde ngoJehova. (IzE. 20:35) Akuthina sonke esingathutha siyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona noma sihlanganyele enkonzweni yesikhathi esigcwele, kodwa singahlanganyela ngokunenjongo enkonzweni ngezinye izindlela.—Heb. 6:10-12.
6 Ababonisi AbangamaKristu: Siyazuza esikhuthazweni nasosizweni esilunikezwa abadala. UJehova uye wababela ukuba baluse umhlambi kaNkulunkulu abawuphathisiwe. (1 Pet. 5:2) Ababonisi abajikelezayo bakha amabandla abawakhonzayo, njengoba nje noPawulu enza osukwini lwakhe.—Roma 1:11, 12.
7 Isibonelo Sabathembekileyo: Kuyasivuselela ukucabangela izibonelo eziyisikhuthazo zezisebenzi ezithembekile esikanye nazo, kokubili ezasendulo nezanamuhla. (Heb. 12:1) Lapho udinga ukuvuselelwa, kungani ungafundi enye yezindaba zokuphila ezikomagazini bethu, umbiko owakhayo e-Ncwadini Yonyaka, noma okunye kokulandisa okuvusa amadlingozi komlando wosuku lwanamuhla woFakazi BakaJehova encwadini ethi Abamemezeli?
8 Omunye umzalwane, manje oseseminyakeni yawo-90, wamukela iqiniso eseyinsizwa. Lapho esemncane, ukholo lwakhe lwavivinywa. Okokuqala, abanye ababekade behlanganyela ngenkuthalo nebandla bayishiya inhlangano kaJehova. Kanti nomsebenzi wendlu ngendlu, wayewuthola unzima. Noma kunjalo, wayehlale ethembele kuJehova. Ngokushesha wayeseyijabulela inkonzo. Namuhla-ke? Naphezu kwempilo ebuthakathaka, namanje useyilungu lomkhaya waseBethel yaseBrooklyn, ukhonza eNdikimbeni Ebusayo. Akazisoli ngokunamathela enhlanganweni kaJehova.
9 Udade oyilungu lomkhaya waseBethel yaseBrithani wabhapathizwa eseneminyaka engu-13 ubudala. Ngonyaka olandelayo waqala ukuphayona nomfowabo, futhi ngonyaka olandela lowo, uyise waboshwa ngenxa yokungathathi hlangothi ngeMpi Yezwe II. Wayelokhu ebheke kuJehova ukuze athole amandla, futhi waqhubeka ekhonza uNkulunkulu weqiniso. Ngokuhamba kwesikhathi, washada nomzalwane othembekile futhi bobabili báqhubeka benza intando kaJehova. Ngemva kweminyaka engu-35 beshadile, umyeni wakhe washona kungazelelwe. Waphinda wathola amandla kuJehova, futhi usalokhu eqhubeka kuze kube namuhla, ebheke phambili ekukhonzeni phakade njengelungu lomkhaya kaJehova wasemhlabeni.
10 UJehova uyazisiza futhi azinikeze amandla izinceku zakhe ezithembekile. “Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.” Singazuza kulo mthombo wamandla angapheli ngokuzuza kuwo wonke amalungiselelo ayisithupha okukhulunywe ngawo ngenhla. Khumbula: “Abamethemba uJehova bayathola amandla amasha. . . . Bagijime bengakhathali bahambe bengapheli amandla.” (Isaya 40:29-31) UPawulu wayethembele ngokugcwele kuJehova ukuze athole amandla, nathi kufanele senze kanjalo.