ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-September 11
INgoma 139
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
15 imiz: “Isibusiso SikaJehova Siyasicebisa.” Isethulo sibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.—Bheka i-Insight, Umqulu 2, ikhasi 804, izigaba 6-7.
20 imiz: “Sebenzisa Izenzakalo Zamuva Ukuze Uvuse Isithakazelo.” Ingxoxo nezilaleli kanye nemiboniso. Phawula izenzakalo ezimbalwa eziye zavusa isithakazelo endaweni yakini. Ziye zabangela kuphi ukukhathazeka mayelana nekusasa? Sikisela indlela yokulungiselela isethulo esiyoholela engxoxweni yeBhayibheli, usebenzisa incwadi Ukubonisana amakhasi 10-11. Makube nemiboniso emibili engokoqobo, elungiselelwe kahle.
INgoma 224 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 18
INgoma 2
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Yisho amalungiselelo enkonzo yasensimini ka-September 25. Ingxoxo esingethwe umbonisi wenkonzo yamalungiselelo ensimu engabelwe ngo-October, okuyinyanga yokugcina yomkhankaso. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele.
15 imiz: Sisebenze Kanjani Ngonyaka Odlule? Inkulumo enikezwa umbonisi wenkonzo. Bukeza amaphuzu avelele ombiko webandla wonyaka wenkonzo ka-2000. Tusa ngezinto ezinhle eziye zafezwa. Phawula izindawo okungenziwa kuzo intuthuko. Gxila ekutheni yini ibandla eliye layifeza endabeni yokuba khona emihlanganweni, ekuqaleni nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli nokuba khona njalo enkonzweni yasensimini. Chaza imigomo efinyelelekayo yonyaka ozayo.
20 imiz: “Ukuphila Kusengozini!” Ingxoxo nezilaleli. Funda imibhalo ekhonjiwe esihlokweni.
INgoma 30 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 25
INgoma 93
15 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-September. Bukeza iBhokisi Lemibuzo.
15 imiz: Izidingo zebandla.
15 imiz: Omagazini Bethu Abaphelelwa Isikhathi. Wenze njani uma omagazini abadala be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! benqwabelana? Abanye abamemezeli bayabalahla, becabanga ukuthi izihloko zabo sezidlulelwe isikhathi. Kunokuba sibalahle, INkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1993, ikhasi 3, yasinxusa ukuba sibaphathe lab’ omagazini abadala futhi sibahambise uma kufaneleka. Ungase ukhethe izihloko ezifanelekayo ezingase zikhange abesilisa, abesifazane, abantu abafundile, asebekhulile nentsha; khona-ke hlale ulungele ukubahambisa lab’ omagazini lapho kuvela ithuba. Bonisa indlela esingakhetha futhi sikhulumele ngayo lezi zihloko. Landisa okuhlangenwe nakho okuphumelelayo abamemezeli abaye baba nakho lapho behambisa omagazini abadala.
INgoma 115 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 2
INgoma 169
15 imiz: Izaziso zebandla. Yazisa ibandla ngokusakazwa kwe-Kingdom News No. 36 okuhleliwe, okuyoqala ngoMsombuluko ngo-October 16 kuqhubeke kuze kube ngoLwesihlanu ngo-November 17. Banxuse bonke, kuhlanganise abasebancane nabasanda kuhlanganyela, ukuba bazame ukuhlanganyela ngokugcwele. Abaqhubi bezifundo kufanele baqale manje ukukhuthaza nokuhlela bonke abasemaqenjini abo ukuba bahlanganyele ngentshiseko ngangokunokwenzeka. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okwakhayo kokusakazwa kwe-Kingdom News kwesikhathi esidlule.
20 imiz: “Izikhumbuzo Ngelungiselelo Lokuhambisa Izincwadi Elenziwe Laba Lula.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo esingathwa umbonisi owengamele. Yenze ihambisane nezimo zendawo ngokwazisa ibandla ngezinto eziyinkinga. Bonisa ukwazisa ngendlela ibandla eliwusekela ngayo Umsebenzi WeNhlangano Womhlaba Wonke.
10 imiz: Okuhlangenwe Nakho Ekuqaleni Izingxoxo. ESimisweni SoMhlangano Wenkonzo sangesonto lika-September 11, kuye kwatuswa ukuba silungiselele izethulo sisebenzisa izenzakalo ezisematheni ukuze sivuse isithakazelo futhi siqale izingxoxo enkonzweni yasensimini. Cela izilaleli ukuba zilandise ngemiphumela emihle eziye zayijabulela kuze kube manje ngokusebenzisa lokhu kusikisela.
INgoma 205 nomthandazo wokuphetha.