Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/00 kk. 3-4
  • Ingabe Uyazuza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazuza?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imihlangano ‘Evuselela Uthando Nemisebenzi Emihle’
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Ukuhlangana Ndawonye Ngenjongo Yokukhulekela
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Imihlangano Iyayizuzisa Intsha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Imihlangano Yokuvusa Uthando Nemisebenzi Emihle
    Ukwenza Intando KaNkulunkulu (je)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 8/00 kk. 3-4

Ingabe Uyazuza?

1 Izigidi zabantu namuhla zifuna ukwazi ukuthi zingazinqoba kanjani izinkinga futhi ziphile ukuphila okujabulisayo. Zifunda izincwadi zokuzisiza noma zifune izeluleko emaqenjini nasezinhlanganweni ezithile zokuthi zingakuthuthukisa kanjani ukuphila kwazo. Mhlawumbe abanye bangaveza izinzuzo ezingatheni abaye bazithola. Nokho, uma kubhekwa izinga lokuphila namuhla, ingabe izinhlelo zemfundo zabantu zibafundisile abantu ukuba baphile ukuphila okunokuthula nokwanelisa ngokujulile? Lutho neze!—1 Kor. 3:18-20.

2 Ngakolunye uhlangothi, uMdali wethu unikeza imfundo yamahhala ewusizo kakhulu kubo bonke abalalelayo. UJehova ufuna ukuba bonke abantu bazuze ekufundiseni kwakhe. Uye walungiselela ngomusa iZwi lakhe eliphefumulelwe ukuba liqondise isintu ngobuqotho, futhi uye wenza ukuba izindaba ezinhle zoMbuso wakhe zimenyezelwe emhlabeni wonke. (IHu. 19:7, 8; Math. 24:14; 2 Thim. 3:16) Ukuphila okujabulisa ngempela kuhlobene ngokuqondile nokulalela imiyalo kaJehova.—Isaya 48:17, 18.

3 Isiqondiso sikaJehova siphakeme kakhulu kunaleso esitholakala ezincwadini zokuzisiza noma izinhlelo zokuzithuthukisa ezinikezwa yizwe. Singathola usizo lwangempela nezinzuzo ezihlala njalo uma siwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo kaJehova njengoba echazwe eZwini lakhe futhi efundiswa yinhlangano yakhe.—1 Pet. 3:10-12.

4 Zuza Emihlanganweni Yebandla: Namuhla, uJehova ubonisa isithakazelo esiqotho ekusifundiseni izindlela zakhe, futhi siyazuza ngokulalela ukufundisa kwakhe. Imihlangano yethu emihlanu yamasonto onke inikeza ubufakazi bokukhathalela kukaJehova kothando. Lapho sisemihlanganweni yebandla, ulwazi lwethu ngoNkulunkulu luyakhula. Sifunda ukuthi singazivikela kanjani kokubi ngokusondela kuJehova. Ngale ndlela ingokomoya lethu liyathuthuka.

5 Kunokwengeziwe. Emihlanganweni yebandla siyakwazi ‘ukwanuleka.’ (2 Kor. 6:13) Lokhu kuhilela ukwazi abanye ebandleni. Siyazuza ngokukhuthazana, njengalokho umphostoli uPawulu abhala ngakho encwadini ayibhalela abaseRoma. (Roma 1:11, 12) Lapho ebhalela amaHeberu, wabeluleka ngokuqatha labo okungenzeka base bengenwa umkhuba wokudela ubudlelwane bobuKristu.—Heb. 10:24, 25.

6 Ukwaneliseka okunenjabulo ekuphileni kuhlobene ngokuqondile nokuba nesithakazelo enhlalakahleni yabanye. Sikhuthazwa ukuba sifune izindlela zokwenza abanye bajabule. Ngakho-ke, imihlangano yethu yobuKristu ngokuqinisekile ngeyokuzuzisa thina nalabo esihlakulela ukuba nobudlelwane obakhayo nabo. Okudingeka kithina kuwukuhlanganyela ngokusuka enhliziyweni.

7 Umphostoli uPawulu waveza iphuzu elifanayo eselulekweni sakhe kuThimothewu lapho ebhala: “Ziqeqeshe unokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu njengomgomo wakho.” (1 Thim. 4:7) Singazibuza: ‘Ingabe ngiyaziqeqesha? Ingabe ngiyafunda ukuzuza kulokho engikuzwa emihlanganweni yebandla?’ Siyophendula ngoyebo uma sikulalelisisa esikuzwayo emihlanganweni futhi senze umzamo wokukusebenzisa esikufundayo. Ngeso lokholo, kufanele sikwazi ukubheka ngalé kwabazalwane abafundisayo futhi sibone uJehova njengonguMfundisi Omkhulu wabantu bakhe.—Isaya 30:20.

8 ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini NoMhlangano Wenkonzo: Le mihlangano emibili iklanyelwe ukusisiza ukuba siphumelele enkonzweni yobuKristu. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini siyilokho kanye—isikole esinabafundi abathola imfundo neseluleko njalo. Unethuba lokubonisa intuthuko yakho njengesikhulumi seningi nanjengomfundisi weZwi likaNkulunkulu. Kodwa ukuze uzuze kakhulu esikoleni, kufanele ubhalise, ube khona, uhlanganyele njalo futhi izabelo zakho uzenze ngenhliziyo yonke. Ukwamukela nokusebenzisa iseluleko esinikezwayo kuyokusiza ukuba uthuthuke.

9 UMhlangano Wenkonzo usifundisa ukubaluleka kwenkonzo yobuKristu futhi usibonise indlela esingahlanganyela ngayo emsebenzini wokwenza abafundi. Ingabe wena nomkhaya wakho nizuza ngokugcwele kulokho okufundiswa kule mihlangano emibili? Umbhangqwana ongamaKristu uthi: “Komunye uMhlangano Wenkonzo, sezwa ukuthi kufanele sicabangele itekisi losuku nsuku zonke njengomkhaya. Sasingakwenzi lokhu, kodwa manje siyakwenza.” Uye wazuza kanjani? Uyavuma: “Sithola ukuthi izingxoxo zethu ngezikhathi zokudla zijabulisa ngokwengeziwe. Akusekho ukuphikisana ngesikhathi sokudla.” Ingabe nezingane ziyazuza emihlanganweni? Yebo. Umama uthi: “Kusobala ukuthi imihlangano inethonya kakhulu ezinganeni zethu. Ngelinye isonto sabamba indodana yethu eneminyaka eyisithupha iqamba amanga. Kodwa ngalelo sonto emhlanganweni, inkulumo yokuyala yayikhuluma ngokuqamba amanga. Ibonakala inomuzwa wecala ebusweni, yabuka uyise futhi yabheka phansi esihlalweni sayo. Yalithola iphuzu, futhi asizange sibe nezinkinga ngemva kwalokho.”

10 Udade oyiphayona uthi uyajabula ngokuthi eMhlanganweni Wenkonzo kunikezwa ukusikisela kokuthuthukisa inkonzo yethu. Ngani? Uyachaza: “Ngizithola sengikhuluma into efanayo njalo. Ngezinye izikhathi ngicabanga ukuthi lokho okusikiselwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ngeke kusebenze. Kodwa eMhlanganweni Wenkonzo, lapho ngizwa ukuthi kufanele sikuzame, ngizizwa ngishisekela ukukuzama. Kwenza inkonzo ijabulise!” Ngemva kwamasonto amaningana okukusebenzisa ukusikisela kokuqala isifundo seBhayibheli ekuhambeleni kokuqala, waqala isifundo ekuhambeleni kokuqala nentombazane eyayikade ithandazela usizo.

11 Lapho uzwa inkulumo ehlanganisa iseluleko seBhayibheli mayelana nokukhetha okwenzayo, ingabe uba nawo umuzwa wokuthi uJehova ukhuluma nawe ngokuqondile? Omunye umzalwane wazizwa ngaleyo ndlela. Wathi: “Muva nje komunye umhlangano, kwakunenkulumo umzalwane ayekhuluma kuyo ngezinhlobo zokuzijabulisa ezifanelekile nezingafanelekile kumaKristu. Ngangikuthanda ukubukela isibhakela kuthelevishini. Kodwa ngemva kwalowo mhlangano, nganquma ukuthi lo mdlalo wawuwela emkhakheni wokuzijabulisa okungawafanele amaKristu. Ngakho angisawubukeli.” Yebo, nakuba lo mzalwane ayethanda into enobudlova, wasabela ngokuzithoba ekuqondiseni kukaJehova.—IHu. 11:5.

12 UMhlangano Weningi, ISifundo Se-Nqabayokulinda NeSifundo Sencwadi Sebandla: Izinkulumo zeningi esizizwa masonto onke zihlanganisa izihloko zeBhayibheli ezihlukahlukene. Yini oyizuzayo kulezi zinkulumo? Enye indoda eshadile engumKristu yakhuluma ngezinzuzo eyayizitholile: “Enye inkulumo yeningi yaqokomisa zonke izithelo zomoya. Isikhulumi sathi, ukuze sona sihlakulele lezi zithelo, sasikhetha imfanelo eyodwa bese sisebenzela kuyo kulelo sonto. Ekupheleni kwesonto, sasibheka ukuthi senze kanjani ekubonakaliseni leso sithelo emisebenzini yaso yansuku zonke. Sibe sesisebenzela kwenye imfanelo esontweni elilandelayo. Ngawuthanda lowo mqondo ngase ngiqala ukukwenza nami.” Yeka indlela enhle yokusebenzisa okufundiwe!

13 ISifundo Se-Nqabayokulinda sisifundisa ukuba sisebenzise izimiso zeBhayibheli ezimweni ezihlukahlukene zokuphila. Lokhu kusisiza ukuba sizigcine sinezingqondo nezinhliziyo ezizolile naphezu kwezinkathazo zokuphila. ISifundo Se-Nqabayolinda sisigcina sihambisana namaqiniso athuthukayo. Ngokwesibonelo, asizange yini sizuze ekufundeni izihloko ze-Nqabayokulinda ka-May 1, 1999, ezithi: “Lezizinto Kumelwe Zenzeke,” “Ofundayo Makasebenzise Ukuqonda” nesithi “Yiba Ngoqaphile Futhi Ube Ngokhuthele!” Zakuthinta kanjani wena siqu lezi zifundo? Ingabe uyabonisa ngezenzo zakho ukuthi usithatha ngokungathi sína isixwayiso sikaJesu ngokuphathelene nesikhathi esizayo? Ingabe uyazilungiselela uvivinyo oluzayo lapho sibona “isinengiso esibangela incithakalo . . . simi endaweni engcwele”? (Math. 24:15-22) Ingabe imigomo yakho nenkambo yokuphila kuyabonisa ukuthi okubalulekile kuwe akukona ukuqongelela izinto ezibonakalayo kodwa ukungcweliswa kwegama likaJehova? ESifundweni Se-Nqabayokulinda, ingabe asifundi yini ukuzizuzisa manje?

14 Cabanga nje ukuthi kungakanani esikufunda eSifundweni Sencwadi Sebandla masonto onke. Okwamanje sifunda incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli. Ezinyangeni ezine ebesifunda ngazo le ncwadi yeBhayibheli, ingabe ukholo lwethu belungakhuli yini isonto ngalinye? Njengomprofethi kaJehova othandekayo, uDaniyeli, siqinisa ukholo lwethu ukuze sikhuthazele.

15 UJehova Usifundisa Ukuba Siphile Ngenjabulo: Sigwema izinkinga eziningi uma silalela imithetho kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, sizwa lokho okushiwo ukuphila okujabulisayo. Ngokulandela ukuqondisa kukaJehova, siba abahlanganyeli kanye naye emsebenzini wakhe, asibi nje izibukeli. Futhi labo abenza umsebenzi kaNkulunkulu bangabantu abajabulayo.—1 Kor. 3:9; Jak. 1:25.

16 Cabangisisa ukuthi uzozisebenzisa kanjani izinto ozizwa emihlanganweni yebandla. (Joh. 13:17) Khonza uNkulunkulu ngentshiseko, ngenhliziyo yakho yonke. Injabulo yakho iyochichima. Ukuphila kwakho kucebe ngokwengeziwe, kube nenjongo ngokwengeziwe. Yebo uyozuza.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela