Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kokwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-May 1 kuya ku-August 21, 2000. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhalela kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:
1. Impendulo kaGideyoni lapho ekhacwa ngokungafanele ngamadoda akwa-Efrayimi yabonisa ubumnene nokuzithoba kwakhe yawenza ayeka ukumgxeka ngokungafanele futhi kwaba nokuthula. (AbAhl. 8:1-3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke]
2. Nakuba uManowa athi “simbonile uNkulunkulu,” empeleni yena nomkakhe babeboné umkhulumeli kaNkulunkulu esemzimbeni wenyama hhayi uJehova ngokwakhe. (AbAhl. 13:22) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 5/15 k. 23 isig. 3.]
3. KweyabAhluleli 5:31, amazwi athi “abamthandayo” ngokwesiprofetho abhekisela ezindlalifeni zoMbuso ezingu-144 000. [si-ZU k. 50 isig. 28]
4. Azikho izingxenye zencwadi kaRuthe ezatholakala phakathi kwemiQulu yoLwandle Olufile. [si-ZU k. 51 isig. 3]
5. AbAhluleli 21:25 babhekisela enkathini yesikhathi lapho uJehova ashiya isizwe sika-Israyeli singenaso nhlobo isiqondiso. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 6/15 k. 22 isig. 16.]
6. Amakherubi ayephezu komphongolo wesivumelwano ayebonisa ukuba khona kobukhosi bukaJehova, okwakukhulunywa ngaye ‘njengohlezi phezu [noma, “phakathi”] kwamakherubi.’ (1 Sam. 4:4, umbhalo waphansi we-NW) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w81-ZU 6/1 27 isig. 4 [w80 11/1 k. 29 isig. 2.]
7. Lapho amasosha kaSawule edla igazi ngenxa yokuba sesimweni esibucayi futhi engajeziswa, lokhu kwabonisa ukuthi kungase kube nezizathu zokuthethelela ukungawuhloniphi kwesikhashana umthetho waphezulu ukuze kusindiswe ukuphila komuntu. (1 Sam. 14:24-35) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 4/15 k. 31 izig. 7-9.]
8. Nakuba abanye behlanganisa igama elithi “ukuthonya” nokuphamba kanye nobuqili, lingase lisetshenziswe ngomqondo omuhle wokudlulisela umqondo wokukholisa nokushintsha ingqondo ngokubonisana okunengqondo. (2 Thim. 3:14, 15) [w98-ZU 5/15 k. 21 isig. 4]
9. “Umshuqulu wabaphilayo” ubhekisela elungiselelweni laphezulu lokuvikela nokulondoloza, elaliyozuzisa uDavide uma egwema ukuba necala legazi emehlweni kaNkulunkulu. (1 Sam. 25:29) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w91-ZU 6/15 k. 14 isig. 3.]
10. Isivumelwano soMbuso sikaDavide okubhekiselwe kuso kweyesi-2 Samuweli 7:16, sagxiliswa ohlwini lweNzalo olwaluzoholela kuMesiya futhi sasiyisiqinisekiso esingokomthetho sokuthi kwakuyoza othile ngohlu lukaDavide owayezobusa “kuze kube phakade.” [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 2/1 k. 14 isig. 21–k. 15 isig. 22.]
Phendula imibuzo elandelayo:
11. Yisiphi isiqinisekiso esinikezwa yiHubo 34:18? [w98-ZU 4/1 k. 31 isig. 2]
12. Yini eyaboniswa ukunikezwa kukaJosefa isibongo esithi Barnaba? (IzE. 4:36) [w98-ZU 4/15 k. 20 isig. 3, umbhalo waphansi we-NW]
13. Kungani ukulandisa kweBhayibheli kuthi u-Eli wadumisa amadodana akhe ngaphezu kukaJehova? (1 Sam. 2:12, 22-24, 29) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 9/15 k. 13 isig. 14.]
14. Kungani incwadi kaRuthe kufanele iqinise ukuqiniseka kwethu ngezithembiso zoMbuso? [si-ZU k. 53 isig. 10]
15. Ngokweyoku-1 Samuweli 1:1-7, yisiphi isibonelo esivelele esabekwa umkhaya wakubo kaSamuweli? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w98-ZU 3/1 k. 16 isig. 12.]
16. Kungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi ‘amandla engcebo ayakhohlisa’? (Math. 13:22) [w98-ZU 5/15 k. 5 isig. 1]
17. UJonathani omdala wabonisa kanjani ukumqaphela ogcotshiweyo kaJehova, uDavide, futhi lokhu kufanekiselani namuhla? (1 Sam. 18:1, 3, 4) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 1/1 kk. 24, 26 izig. 4, 13.]
18. Nakuba ‘ayengenasici futhi elungile,’ incwadi kaJobe ibonisa kanjani ukuthi lokhu akusho ukuthi uJobe wayephelele? (Job 1:8) [w98-ZU 5/1 k. 31 isig. 1]
19. Asho ukuthini amazwi athi “zikhandleni ngamandla”? (Luka 13:24) [w98-ZU 6/15 k. 31 izig. 1, 4]
20. Lapho sisebenzelana nabanye, yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda kweyesi-2 Samuweli 12:26-28? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w93 12/1 k. 19 isig. 19.]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. Ukukulahla kukaJehova kanzima ukukhulekelwa kukaBali kumelwe kusishukumisele ukuba sizihlukanise ngokuphelele nemifuziselo yosuku lwanamuhla ․․․․․․․․, ․․․․․․․․, ․․․․․․․․. (AbAhl. 2:11-18) [si-ZU k. 50 isig. 26]
22. Isikhathi ․․․․․․․․ saphela ngezinsuku zikaSamuweli, futhi kwaqala isikhathi ․․․․․․․․ ayeyobona u-Israyeli ekugcineni ewela ehlazweni lokulahlekelwa umusa kaJehova. [si-ZU k. 53 isig. 1]
23. Igama laphezulu elithi Jehova lisho ukuthi “․․․․․․․․” futhi linikeza umqondo wokuthi uJehova angagcwalisa noma iyiphi indima edingekayo ukuze afeze ․․․․․․․․ zakhe. [w98-ZU 5/1 k. 5 isig. 3]
24. U-Eli noSawule baba yizehluleki ngoba u-Eli ․․․․․․․․ ukuthatha isinyathelo, futhi uSawule wenza ․․․․․․․․. [si-ZU k. 57 isig. 27]
25. Umfanekiso kaJesu womSamariya olungileyo ubonisa ukuthi umuntu olunge ngempela yilowo ongagcini ngokulalela ․․․․․․․․ kaNkulunkulu kuphela kodwa olingisa ․․․․․․․․ zakhe. (Luka 10:29-37) [w98-ZU 7/1 k. 31 isig. 2]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Imfanelo enkulu kaJehova (ewukuhlakanipha; engamandla; ewuthando) ibonakala ekukhetheni kwakhe umMowabikazi (uRuthe; uNawomi; u-Orpa), owayengumkhulekeli (kaBali; kaKemoshi; kaDagoni), owaphendukela enkolweni yeqiniso ukuba abe ukhokhokazi kaJesu Kristu. (Math 1:3, 5, 16) [si-ZU k. 51 isig. 1]
27. Inkathi yokubusa kwabahluleli yaphela lapho (uSamuweli; uDavide; uSawule) njengenkosi futhi ngokushesha ngemva kwalokho wanqoba (abakwa-Amoni; abakwaMowabi; amaFilisti) ngokusekelwa uJehova. (1 Sam. 11:6, 11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 12/15 k. 9 isig. 2–k. 10 isig. 1.]
28. (Kwakungumphostoli uPawulu; uyise; unina nogogo wakhe) ababephambili ekufundiseni uThimothewu “imibhalo engcwele” kwaze kwaba seqophelweni lokuba abe yisithunywa sevangeli nombonisi okahle kakhulu. (2 Thim. 3:14, 15; Fil. 2:19-22) [w98-ZU 5/15 k. 8 isig. 3–k. 9 isig. 5]
29. Inkonzo (kaDavide; kaSamuweli; kaJonathani) yasebusheni kufanele ikhuthaze abasha ukuba bangenele inkonzo namuhla, futhi ukuqhubeka engakhathali kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakhe kumelwe kuqinise labo asebegugile. [si-ZU k. 58 isig. 30]
30. Isikhathi esihlanganiswa uSamuweli wesiBili sisukela (ku-1077 kuya cishe ku-1040; ku-1077 kuya cishe ku-1037; ku-1070 kuya cishe ku-1040) B.C.E. [si-ZU k. 59 isig. 3]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
AbAhl. 11:30, 31; 1 Sam. 15:22; 30:16-25; 2 AmaKh. 6:15-17; Jak. 5:11
31. UJehova usinikeza isiqinisekiso sokuthi uzosebenzisa amabutho akhe asezulwini ukuze avikele abantu bakhe ngokuvumelana nentando yakhe. [2 AmaKh. 6:15-17] [w98-ZU 4/15 k. 29 isig. 5]
32. Ababonisi bebandla banomthwalo wemfanelo wokunamathela ezivumelwaneni abazenzayo ngisho noma ngezinye izikhathi kubuhlungu futhi kungabalahlekisela kakhulu. [AbAhl. 11:30, 31] [w99-ZU 9/15 k. 10 izig. 3-4]
33. Ukulondoloza ubuqotho lapho sibhekene novivinyo kuletha umvuzo omkhulu ovela kuJehova uNkulunkulu. [Jak. 5:11] [w98-ZU 5/1 k. 31 isig. 4]
34. Uthando oluqotho ngoNkulunkulu lusho ukulalela iziqondiso zaphezulu hhayi nje ukunikela kuye imihlatshelo. [1 Sam. 15:22] [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 6/15 k. 5 isig. 1.]
35. Ukusebenza ngobunye bothando kwabo bonke abantu bakaNkulunkulu namuhla, kungakhathaliseki ukuthi banamaphi amalungelo enkonzo, kungafanekiswa ngalokhu kulandisa. [1 Sam. 30:16-25] [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 1/1 k. 9 isig. 6.]