Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/00 k. 8
  • Imihlangano Iyayizuzisa Intsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Iyayizuzisa Intsha
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingakuzuza Kanjani Okwengeziwe Emihlanganweni YobuKristu?
    I-Phaphama!—1988
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Indlela Yokuthola Injabulo Eyengeziwe Emihlanganweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 8/00 k. 8

Imihlangano Iyayizuzisa Intsha

1 Intombazane eyeve eshumini nambili yathi: “Ngezinye izikhathi ngiye ngicabange ukuthi intsha inesikhathi esinzima kunawo wonke umuntu ekuphileni. Siphakathi kwabantu abahlobongayo, abasebenzisa imilaliso nabaphuzayo.” Ingabe nawe uzizwa ngaleyo ndlela? Uma kunjalo, ucabanga ukuthi yini engakusiza ulwe nala mathonya amabi? Udinga ukholo, ukholo oluqinile lokuthi izindlela zikaJehova zilungile, ngoba ngaphandle kwalokho “akwenzeki ukumjabulisa kahle.” (Heb. 11:6) Ukuba khona emihlanganweni yebandla kuyokusiza ukuba uqinise izinkolelo zakho zobuKristu nokuzimisela ukugwema okubi.

2 Kuningi Ongakuthola Emihlanganweni: Yini eyenza ukudla ukudla okumnandi nabangane kujabulise? Akukhona yini ukudla okumnandi nobungane obujabulisayo esimweni esikhululekile? Imihlangano yethu isinikeza lowo muzwa ojabulisayo, kodwa ngomqondo ongokomoya.

3 Izinto okuxoxwa ngazo emihlanganweni ziyakha, kusuka ezintweni ezimayelana nezinkinga zokuphila zansuku zonke kuya ekufundeni ngeziprofetho zeBhayibheli ezivusa amadlingozi. Kunikezwa imfundo ewusizo ekufundisa ukuthi ungaphila kanjani ngendlela engcono kakhulu nokuthi ungazinqoba kanjani izinselele obhekana nazo. Abangane obathola emihlanganweni bangcono kunanoma ibaphi ongabathola kwenye indawo, futhi isimo esingokomoya siyajabulisa futhi silondekile. (IHu. 133:1) Akumangalisi ukuthi omunye omusha wathi: “Ngisuke ngisesikoleni usuku lonke, futhi ngivele nje ngicobeke. Kodwa imihlangano injengomthombo osogwadule, lapho ngiqabuleka khona ukuze ngibhekane nosuku olulandelayo esikoleni.” Omunye wathi: “Ngiye ngathola ukuthi ukusondelana nabanye abathanda uJehova kungisiza ukuba ngihlale ngiseduze naye.”

4 Ngokubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ufunda indlela yokuqoqa ukwaziswa okuseBhayibhelini, ukuhlele kube inkulumo bese ukunikeza njengengxoxo ezilalelini eHholo LoMbuso. Cabanga ngenzuzo yokuqeqeshelwa ukufundisa abanye ngobuciko amaqiniso eZwi likaNkulunkulu asindisa ukuphila! Ikhona yini enye indawo lapho intsha ingathola khona ukuqeqeshwa okuyinzuzo kangako?

5 Indlela Yokuzuza Kakhulu Emihlanganweni: Ukuze uzuze kakhulu emihlanganweni, kuhileleke izinto ezintathu ezibalulekile. Ukulungiselela, ukuphendula nokukusebenzisa okufundayo.

6 Yilungiselele: Hlela isikhathi sokulungiselela imihlangano njalo. Ungawuvumeli umsebenzi wesikole, itoho noma ukuzilibazisa kukudlele isikhathi osidingayo sokufunda kusengaphambili ukwaziswa okuzoxoxwa ngakho emhlanganweni ngamunye. Kuyasiza ukuba nesimiso esihle. Okokuqala, hambisana nesimiso seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sokufunda iBhayibheli masonto onke. Kudinga nje imizuzu embalwa usuku ngalunye ukufunda nokuzindla ngezahluko ezabelwe lelo sonto. Bekela eceleni isikhathi sokulungiselela iSifundo Sencwadi Sebandla neSifundo Se-Nqabayokulinda. Abanye benza lokhu okungenani kusasele usuku noma ezimbili ngaphambi kwalezo zifundo. Ngezinga ongase ukwazi ngalo, yenza okufanayo nangezinkulumo ezihlelelwe uMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye.

7 Hlanganyela Kuyo: IBhayibheli lithi lapho eneminyaka engu-12, uJesu watholakala ethempelini, elalela, ebuza imibuzo futhi ephendula. (Luka 2:46, 47) Ngamanye amazwi, wayehileleke ngokuphelele. Uyozuza ngokwengeziwe emihlanganweni uma wenza umzamo wokuhlanganyela kuyo.—IzAga 15:23.

8 Kufanele ugxilise ingqondo kulokho okufundiswa emihlanganweni. Ngezinye izikhathi ukulalela inkulumo kunzima kunokuyinikeza. Ngani? Ingqondo yakho ingase izule lapho kukhuluma omunye. Ungakunqoba kanjani lokhu? Ngokubhala amaphuzu. Bhala amaphuzu abalulekile ofuna ukubhekisela kuwo kamuva. Ukubhala amaphuzu kuyokusiza ukuba ingqondo yakho igxile esimisweni. Futhi vula imibhalo, uhambisane nesikhulumi lapho siyifunda.

9 Ngaphezu kwalokho, kwenze umgomo ukuphendula enkulumweni ngayinye yemibuzo nezimpendulo emihlanganweni. Uyozuza ngisho nangokwengeziwe uma ukucabangisisa lokho ofuna ukukusho. IzAga 15:28 zithi: “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.”

10 Kusebenzise Okufundayo: Isinyathelo sokugcina esokuqiniseka ukuthi okufundayo ‘ukusebenzisa kuwe.’ (1 Thes. 2:13) Lapho usebenzisa amaphuzu amahle owafunda emhlanganweni ngamunye, uyosondelana nakakhulu noJehova uNkulunkulu. Uyoba ngokoqobo kuwe, futhi uyothola injabulo enkulu nokwaneliseka njengoba ‘uhamba eqinisweni,’ ulenza libe ngelakho.—3 Joh. 4.

11 Bafowethu nodadewethu abasha, niyoyijabulela ngokugcwele imihlangano uma niyilungiselela njalo, nihlanganyela kuyo, futhi nikusebenzisa enikufundile. Ngesikhathi esifanayo, niyozuza kakhulu kuyo. Ukholo lwenu luyoqina, kuqine nokuzimisela kwenu ukuhlala nithembekile kuBaba wenu wasezulwini, uJehova.—IHu. 145:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela