ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-July 10
INgoma 7
12 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khulumela umbiko webandla wenkonzo yasensimini ka-April. Donsela ukunaka ebhokisini elithi “Bheka Ikhasi Elingemuva,” bese kuba nomboniso wentshumayelo eyodwa kwezisikiselwe engasebenza kahle ensimini yenu. Umbonisi wenkonzo uxoxa ngamalungiselelo okugcina ensimu engabelwe—izinsuku zokuhamba, insimu eyosetshenzwa, indawo yokulala, amalungiselelo ezinto zokuhamba, nezincwadi eziyohanjiswa. Bukeza incwadi ka-May 30, 2000.
15 imiz: “Asinakuyeka Ukukhuluma.” Isethulo sibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Gcizelela izizathu zokuthi kungani isabelo sethu sokushumayela sisithatha ngokungathi sína kangaka. Hlanganisa namaphuzu afanele kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 1997, amakhasi 23-4.
18 imiz: “Zonke Izinto Mazenzeke Ngenjongo Yokwakhana.” Abadala ababili baxoxa ngalesi sihloko. Bafunda isigaba ngasinye nemibhalo ekhonjiwe. Bagcizelela izimiso ezihilelekile. Bagcizelele isidingo sokuqapha lapho kusingathwa izindaba zebhizinisi noma zokuzalisa imali. Bukezani iseluleko esikuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 1997, amakhasi 18-19, 22.
INgoma 15 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 17
INgoma 23
15 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Chaza kafushane indlela yokusebenzisa incwajana ethi IGama LaPhezulu ekusizeni umuntu onesithakazelo ukuba aqaphele isidingo sokwazi nokusebenzisa igama likaNkulunkulu.—Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 245-6.
10 imiz: “Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda.” Imibuzo nezimpendulo. Memezela usuku lomhlangano wesifunda olandelayo, ubakhuthaze bonke ukuba babe khona ngazo zombili izinsuku. Bakhuthaze bonke ukuba benze umzamo okhethekile wokumema izifundo zeBhayibheli. Ukuba khona emhlanganweni kungase kusikhulise ngokushesha isifiso sabo sokuhlanganyela njalo nebandla.
20 imiz: Ubani Okufanele Abe Isibonelo Sakho? Ubaba uqhuba isifundo somkhaya wakhe nengane eyodwa noma ezimbili ezevile eshumini nambili. Muva nje uqaphele ukuthi ingxoxo yazo igxile ezilomweni zezemidlalo, abadlali abaqavile bamafilimu, abantu abavelele kuyi-TV nabaculi. Uzwakalisa ukukhathazeka ngoba lolu hlobo lokuthatheka lubonakalisa umoya wezwe. Baxoxa nge-Phaphama! ka-May 22, 1998, amakhasi 12-14. Le ntsha iyaqaphela ukuthi kunengozi ukudumisa izilomo zezwe futhi iyavuma ukuthi ukuvelela ezweni akuwasizi ngalutho amaKristu. Bacabangela izinzuzo zokubheka abazali, abadala, nabanye abantu abayizibonelo ebandleni—ikakhulu uJesu Kristu—njengezibonelo zabo.
INgoma 34 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 24
INgoma 45
5 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Ukuzitusa Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu. Izinceku ezikhonzayo ezimbili zixoxa ngeseluleko esingokomBhalo esikuyi-Nqabayokulinda ka-December 15, 1998, amakhasi 19-20. Ziqaphela isidingo sokulwela ukufaneleka kahle njengezinceku ezikhonzayo futhi zixoxa ngalokho ezingase zikwenze ukuze zibonise ukuthi ziyazifeza izabelo zazo. Ziyasibona isidingo sokuba izibonelo ezinhle enkonzweni yasensimini futhi zixoxa ngezindlela ezingase zibe usizo ngazo kubadala ekunikezeni usizo lomuntu siqu kwabanye. Ziyavuma ukuthi zifuna ukwenza konke okusemandleni ukuze zisize ibandla liqaphele ukuphuthuma kwezikhathi, likhule futhi lithuthuke ngokomoya.
10 imiz: Ukubhalela Abantu Esingakwazi Ukubathola. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Njengoba kuya kuba nzima ukuthola abantu emakhaya, abanye abamemezeli bathola imiphumela emihle ngokubhala izincwadi. Cabangela lezi ziqondiso: Izincwadi kufanele zibe mfushane, zisekelwe emBhalweni futhi zibonise inhlonipho. Ningathumeli izincwadi ezingasayiniwe ukuthi zibhalwe ubani. Bhalani ngobunono ngesandla noma ngomshini futhi kufundeke kalula. Bhalani ikheli leHholo LoMbuso nezikhathi zemihlangano yebandla futhi nibameme ukuba babe khona. Ningasebenzisi ikheli leNhlangano njengokungathunyelwa kulo impendulo. Bukezani ukusikisela okukwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole, amakhasi 87-8, neBhokisi Lemibuzo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1996.
15 imiz: Sebenzisa Izethulo Eziphumelelayo. Khetha izethulo ezimbili noma ezintathu encwadini Ukubonisana amakhasi 9-15, nixoxe ngokuthi zingasetshenziswa kanjani ngokuphumelelayo ensimini yebandla. Buza izilaleli: “Yiziphi izethulo enizisebenzisayo lapho nixoxa nomuntu emgwaqweni, ngokwethukela noma ngezinye izindlela?” Makube nomboniso wesethulo esisodwa noma ezimbili uma isikhathi sivuma.
INgoma 54 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 31
INgoma 66
12 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-July. IZindaba Ezingokwasezulwini. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho ezikujabulele kule nyanga lapho zihambisa izincwajana.
15 imiz: Izidingo zebandla.
18 imiz: “Ingabe Uyakwazisa Ukubekezela KukaJehova?” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela okufanele mayelana nokubekezela kukaJehova.—Bheka i-Insight, Umqulu 2, amakhasi 263-4.
INgoma 75 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 7
INgoma 88
10 imiz: Izaziso zebandla.
17 imiz: “Ingabe Ungumuntu Onamahloni?” Imibuzo nezimpendulo. Landisa okuhlangenwe nakho okukhuthazayo okuse-Ncwadini Yonyaka Ka-1997, amakhasi 43-4.
18 imiz: Hlakanipha Mayelana Nekusasa Lakho. Inkulumo enikezwa umdala. Intsha ifisa ukuba ikusasa layo nelalabo ebathandayo libe elijabulisayo. Nakuba lokhu kungokwemvelo, kumelwe isebenzise iseluleko sokuhlonipha uNkulunkulu ukuze iphumelele. (IzAga 19:20) Ukukhangwa ababobulili obuhlukile kunamandla entsheni. Uma imizwa ingalawulwa, imiphumela ingaba inhlekelele. Kuye kuphakame imibuzo eminingi mayelana nokuhlakanipha kokuba intsha ihileleke ngokomzwelo nowobulili obuhlukile, ibe nobuhlobo bokukhangana kobulili obuholela ekupholeni. Bukeza iseluleko esisencwadini Intsha Iyabuza, amakhasi 231-5. Qokomisa amaphuzu ayinhloko kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1999, amakhasi 18-23, abonisa ukubaluleka kokuba intsha ifeze sonke isibopho enaso kuNkulunkulu. Khuthaza intsha ukuba icabange ngalesi seluleko futhi ixoxe ngaso nabazali bayo uma inemibuzo.
INgoma 101 nomthandazo wokuphetha.