“Zonke Izinto Mazenzeke Ngenjongo Yokwakhana”
1 Lapho sisebenzelana nabafowethu, kufanele senze okuhle ukuze bakheke. Lokhu kusho ukukhathalela ukuvikela izithakazelo zabo ezingokomoya. Uma kunohlobo oluthile lomsebenzi wokuziphilisa esiwenzayo ohilela ukuthengisa umkhiqizo othile noma ukuqashelwa ukwenza umsebenzi othile, kufanele siqaphele ukuba singenzi lutho oluyokhubekisa abafowethu.—2 Kor. 6:3; Fil. 1:9, 10.
2 Abanye baye bahileleka emabhizinisini ahlukahlukene, bebheka amaKristu abakanye nawo njengangase abe amakhasimende. Ezinye izinhlangano ezithengisayo zikhuthaza abazithengiselayo ukuba babheke wonke umuntu njengongase abe yikhasimende—kuhlanganise nalabo abakholwa nabo. Abanye abafowethu baye bahlela imibuthano emikhulu yoFakazi ngenjongo yokubakhuthaza ukuba bahileleke ebhizinisini elithile. Abanye bathuthukisa ibhizinisi labo ngokunikeza abakholwa nabo izihloko ezithile, izincwajana, ukwaziswa okuthile kuyi-Internet noma amakhasethi bengacelwanga. Kungafaneleka yini ngomKristu ukusebenzisa ubudlelwano obungokwasezulwini ukuze asizakale ngabafowabo abangokomoya? Cha!—1 Kor. 10:23, 24, 31-33.
3 Abafowethu Kufanele Baqaphele: Lokhu akusho ukuthi umKristu akanakulenza ibhizinisi nomfowabo. Leyo yindaba yomuntu siqu. Nokho, abanye baqala amabhizinisi akhuthaza ukuhaha, futhi banxenxe abakholwa nabo ukuba basebenze nabo noma bafake izimali zabo ebhizinisini. Amaningi ala mabhizinisi ayabhuntsha, abalahlekisele imali eningi labo abebekuwo. Nakuba kungenzeka ukuthi labo abawangenela lawo mabhizinisi babeshukunyiswe isifiso sokuceba ngokushesha, umsunguli walo kufanele angacabangi ukuthi akanacala uma libhuntsha. Kufanele akucabangisise kusengaphambili ukuthi inhlalakahle engokomoya nengokwenyama yabafowabo iyothinteka kanjani uma lelo bhizinisi lingaphumeleli. Labo abanamalungelo angokwasezulwini kufanele bayiqaphele ngokukhethekile imizamo yokuziphilisa abayenzayo ngoba kungenzeka ukuthi abanye bayabahlonipha futhi babethemba kakhulu. Kungaba okungafanele ukusizakala ngalokho kwethenjwa. Uma umzalwane engasahlonipheki kwabanye angase alahlekelwe amalungelo enkonzo engcwele.
4 Umgomo wethu kufanele ube ukuba ‘zonke izinto zenzeke ngenjongo yokwakha.’ (1 Kor. 14:26) Kufanele sigweme ukwenza noma yini ethuthukisa ukudayiselana ebandleni. Lezo zinto azihlangene neze nezizathu ezingokomBhalo zokuhlangana ndawonye.—Heb. 10:24, 25.