“Asinakuyeka Ukukhuluma”
1 UJesu Kristu uwuqondisa ngokucophelela umsebenzi wokushumayela. (Math. 28:20; Marku 13:10) Nakuba kunabamemezeli abashisekayo abacishe babe izigidi eziyisithupha abanikeza ubufakazi emazweni angu-234, akufanele sicabange ukuthi ukufakaza kwethu sekuphelile. Kuze kube yilapho uNkulunkulu ethi umsebenzi ufeziwe, “asinakuyeka ukukhuluma” ngezinto esizifundile.—IzE. 4:20.
2 Ncika Emoyeni KaNkulunkulu: USathane usebenzisa ukucindezela okukhulu ukuze asidumaze. (IsAm. 12:17) Inyama yethu engaphelele nayo isibangela izinkinga eziningi. Izinto ezinjalo zingaphambukisa ukunaka kwethu zikususe emsebenzini wokushumayela obaluleke kunayo yonke. Nokho, uma sethembela kuJehova, umoya wakhe uzosisiza sibhekane nanoma isiphi isiphazamiso.
3 Lapho ibandla lamaKristu lekhulu lokuqala lishushiswa kanzima, abazalwane bathandaza kuNkulunkulu ukuba abasize baqhubeke bekhuluma izwi lakhe ngaso sonke isibindi. UJehova wawuphendula umthandazo wabo, wabagcwalisa ngomoya wakhe futhi wabanika intshiseko nokuzimisela okudingekayo ukuze baqhubeke beshumayela. Ngenxa yalokho, baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa bememezela izindaba ezinhle ngesibindi.—IzE. 4:29, 31; 5:42.
4 Ningazesabi Izinkulumo Zokugxeka: Umbono wabantu abaningi noma ukunyundelwa kungase kusenze sesabe. Nokho, khumbula amazwi esibindi ashiwo uPetru nabanye abaphostoli kuyiSanhedrini, njengoba elotshwe kuyizEnzo 5:29-32. Njengoba umfundisi woMthetho uGamaliyeli avuma, umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ugumbuqelwe. Awenziwa ngamandla ethu. Lo msebenzi omkhulu usekelwa uNkulunkulu, futhi uyena kuphela ongawufeza!—Zak. 4:6.
5 Masimnxuse nsuku zonke uJehova ukuba asiphe umoya wakhe ukuba usisize simemezele izindaba ezinhle ngentshiseko. Kwangathi singasho njengoba kwasho uJeremiya, ukuthi isigijimi soMbuso sinjengomlilo ovuthayo emathanjeni ethu. (Jer. 20:9) Ngeke sithule!