Ibhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kuyafaneleka ukushaya izandla lapho kumenyezelwa ukubuyiselwa komuntu ekuhlanganyeleni?
Ngesihe sakhe, uJehova uNkulunkulu uye walungiselela indlela engokomBhalo yokuba izoni eziphendukayo ziphinde zizuze umusa wakhe futhi zibuyiselwe ebandleni lobuKristu. (IHu. 51:12, 17) Lapho lokhu kwenzeka, sikhuthazwa ukuba siluqinisekise uthando lwethu ngabantu abanjalo abaphenduke ngobuqotho.—2 Kor. 2:6-8.
Noma kunjalo, nakuba sijabula lapho isihlobo noma umuntu esimjwayele ebuyiselwa ekuhlanganyeleni, kufanele kuthulwe ngenhlonipho lapho ebandleni kumenyezelwa ukuthi ubuyiselwe. INqabayokulinda ka-October 1, 1998, ikhasi 17, yachaza ngale ndlela: “Nokho, kumelwe sikhumbule ukuthi iningi ebandleni alizazi izimo ezaholela ekuxoshweni kwalowo muntu noma ekubuyiselweni kwakhe ekuhlanganyeleni. Ngaphezu kwalokho, kungase kube nabathile ababeye bathinteka ngokuqondile noma balinyazwa ukona kwalowo ophendukile—mhlawumbe ngendlela eyohlala isikhathi eside. Ngakho-ke, ngokucabangela izinto ezinjalo, lapho kwenziwa isaziso sokubuyisela ekuhlanganyeleni kuyaqondakala ukuthi asizenzi izenzo noma sisho amazwi okwamukela kuze kube yilapho sesingakwenza njengabantu ngabanye.”
Nakuba sijabula kakhulu ukubona othile ebuyela eqinisweni, ukushaya izandla ngesikhathi ebuyiselwa ngeke kufaneleke.