Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/00 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 2/00 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-April no-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Phathani incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ukuze niyinikeze abantu abathakazelayo, futhi nizame ukuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.

◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele bahlole umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona anobunzima bokuhlanganisa amahora afunekayo, abadala kufanele bahlele ukuba anikezwe usizo. Ukuze nithole ukusikisela, bukezani incwadi yeNhlangano yaminyaka yonke i-S-201 ka-October 1. Bhekani futhi izigaba 12-20 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.

◼ Unobhala kufanele aqikelele ukuba iKomiti Yokwakha Yesifunda inikezwe ukwaziswa kwamuva ngabo bonke abamemezeli ababhapathiziwe abafake amafomu okuthiwa i-Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire (S-82). Uma kunoshintsho olwenzekile esimweni somuntu, njengokuthuthela kwenye indawo noma ukumiswa njengenceku ekhonzayo noma umdala, kufanele kugcwaliswe futhi kuthunyelwe amafomu amasha ngokushesha. Uma ikheli lokuthumela noma inombolo yocingo yesisebenzi sokuzithandela ishintsha, noma singasenakho ukuma okuhle ebandleni, abadala kufanele babhale incwadi ngokushesha yokwazisa ikomiti yesifunda.

◼ Amabandla asengaqala uku-oda INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2000 e-odeni lawo lezincwadi lango-February. INcwadi Yonyaka Ka-2000 izotholakala ngesiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiTsonga, isiXhosa nesiZulu. Kuze kube yilapho lezi zincwadi sezitholakala futhi sezithunyelwe, zizofakwa kuma-invoice ngokuthi “Kusazothunyelwa.”

◼ Kusukela ngesonto lika-April 17, 2000, sizofunda incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! eSifundweni Sencwadi Sebandla.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli—ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtalinyane, isiPolish, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu

New World Translation of the Holy Scriptures (bi12)—ngesiXhosa

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela