Ilungiselelo Elenziwe Lula Lokuhambisa Izincwadi
1 Ngo-October no-November 1999, kwachazwa ukuthi kusukela ngo-January 1, 2000, ilungiselelo lokuhambisa izincwadi elenziwe lula lizoqala ukusebenza kuwo wonke amagatsha emhlabeni wonke, kuhlanganise negatsha laseNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi abamemezeli nabantu abanesithakazelo emphakathini bazonikezwa omagazini nezincwadi ngaphandle kwenkokhiso. Ngeke sisasikisela umnikelo othile. Uma umuntu othakazelayo eyithatha incwadi, siyochaza ukuthi umsebenzi wethu womhlaba wonke usekelwa yiminikelo yokuzithandela nokuthi uma ethanda, naye anganikela. Abantu abathakazelayo siyobashiyela izincwadi kungakhathaliseki ukuthi bakhipha umnikelo noma cha.
2 Nokho, asibophekile futhi asifuni ukuba ngokunganaki incwadi siyinike nje noma ubani oyithathayo. Njengoba nje izinto zethu ezibonakalayo sizisebenzisa ngokuhlakanipha, ummemezeli ngamunye unomthwalo wemfanelo wokuzisebenzisa ngokuhlakanipha izincwadi azithola eNhlanganweni ngaphandle kwenkokhiso ngebandla lakubo. Ukuthi iNhlangano inikeza abamemezeli izincwadi ngaphandle kwenkokhiso akusho neze ukuthi akunazindleko zokuzinyathelisa nokuzisakaza. Sonke kufanele sikwazise ngokukhethekile ukuba yinzuzo kwezincwadi zethu ekusizeni abantu abanhliziyo ziqotho abafuna ulwazi olunembile mayelana noJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu Kristu.—Joh. 17:3.
3 INhlangano ikwazi kanjani ukunikeza bonke abantu izincwadi ngaphandle kwenkokhiso? Izindleko ezingenakugwenywa zokunyatheliswa nokusakazwa kwazo zinakekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Umthombo oyinhloko walokhu kusekelwa, uyizikhonzi zikaJehova ezizinikezele. OFakazi BakaJehova ababheki emphakathini ukuba usekele lo msebenzi ophuthumayo wokumemezela ngoMbuso. Asikaze ngaphambili futhi namanje asiwenzi umkhankaso wokuxhaswa umphakathi ngokwezimali. Nokho, siyayazisa iminikelo emincane esiyithola kubantu abanesithakazelo esiqotho nokwazisa esihlangana nabo ensimini.
4 Lolu shintsho endleleni esenza ngayo lo msebenzi lunikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi “asibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu.” (2 Kor. 2:17) Lubonisa nokuthi sihlukile ezweni.—Joh. 17:14.
5 Njengoba ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kusondela, kunengcindezi ekhulayo kuzo zonke izinkolo. Esikukhathalela ngokuyinhloko ukuba umsebenzi obalulekile wokushumayela ngoMbuso uqhubekele phambili ngaphandle kokuphazamiseka, ulethe abaningi ensindisweni.—Math. 24:14; Roma 10:13, 14.