Ukwenza Igama LikaJehova Laziwe Emhlabeni Wonke
1 Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuba babe ofakazi ‘ezingxenyeni ezikude zomhlaba,’ wayesebabekele kakade isibonelo sokuba basilandele. (IzE. 1:8) Noma nini nanoma yikuphi lapho ethola khona abantu, wayekhuluma ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu. Silingisa uJesu, isigqila esikholekile sisebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokwenza igama likaJehova laziwe “emhlabeni wonke.”—Isaya 12:4, 5.
2 Lokho Okwakwenziwa Kudala: Eminyakeni edlule, izintshumayelo zazishicilelwa emaphephandabeni; kwenziwa i-“Photo-Drama of Creation” futhi yabukelwa yizigidi zabantu; kwakusetshenziswa izimoto ezinemibhobho; futhi kwakusetshenziswa kakhulu igilamafomu, kanti isikhathi esithile kwakusetshenziswa nomsakazo—konke lokhu ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle. Yiqiniso, bekulokhu kugcizelelwa ukuba ngokuyinhloko kuxhunyanwe ngokoqobo nabantu ukuze kuhlakulelwe isithakazelo esitholakalayo. Ngenxa yalokho, inkonzo yendlu ngendlu iye yaba indlela ephumelela kakhulu yokwenza igama likaJehova laziwe kuyo yonke indawo.—IzE. 5:42.
3 Lokho Okwenziwayo Osukwini Lwethu: Njengoba izikhathi zishintsha izwe lishintsha ngesivinini esikhulu futhi ezindaweni eziningi asivamile ukuthola abantu ekhaya. Bambalwa abathambekele ekuchitheni isikhathi befunda futhi bezindla ngezinto ezingokomoya. Ngakho-ke, inkonzo yethu kumelwe siyivumelanise nezimo. Ngaphandle kokuqhubeka sihlanganisa insimu ngendlu ngendlu, siye sakhuthazwa ukuba siye lapho kunabantu khona futhi ‘sihlale sikulungele’ ukuvikela ithemba esinalo. (1 Pet. 3:15) Lokhu kusho ukuzama ukushumayela kubantu esisebenza nabo, esifunda nabo esikoleni, kubantu abasemgwaqweni nasemapaki noma lapho kupakwa khona izimoto, ezitolo nanoma yikuphi lapho abantu betholakala khona. Ngenxa yokusekelwa uJehova, imizamo yethu iyaphumelela. Ingabe uyahlanganyela ekufinyeleleni abantu noma kuphi lapho bekhona?
4 Kwangathi ngabanye singenza konke okusemandleni ukuze senze igama likaJehova laziwe ensimini yethu. Singathola ukwaneliseka okukhulu ngokuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu, njengoba sibheke kuJehova ukuba adonse abanhliziyo ziqotho.—Joh. 6:44.