Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/99 k. 1
  • Ukushumayela Kusenza Sihluke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Kusenza Sihluke
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OFakazi BakaJehova
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Izinkolo Eziningi Kangaka!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Inkolo
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Lingisa UJesu Ngokushumayela Ngentshiseko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 11/99 k. 1

Ukushumayela Kusenza Sihluke

1 Abantu abaningi bayabuza, “Yini eyenza oFakazi BakaJehova bahluke kwezinye izinkolo?” Ubungaphendula kanjani? Ubungachaza ezinye zezinkolelo zethu eziyisisekelo ezisekelwe eBhayibhelini. Kodwa wake wacabanga yini ngokuveza indlela inkonzo yethu yasobala esenza sihluke ngayo kwezinye izinkolo?—Math. 24:14; 28:19, 20.

2 Namuhla, bambalwa abantu abakholwayo abazizwa beshukumiseleka ukuba bahlanganyele izinkolelo zabo nabanye. Bangase bacabange ukuthi kwanele ukulalela imithetho kaKesari, ukuphila ukuphila okuhlanzekile ngokokuziphatha, noma ukwenzela abanye izenzo zomusa. Nokho, abazizwa benesibopho sokusiza abanye ukuba bafunde ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngokuzuza insindiso. Sihluke kanjani?

3 Inkonzo yethu yentshiseko ihluke kakhulu emisebenzini eyenziwa ezinye izinkolo. Iminyaka engaphezu kweyikhulu, oFakazi bosuku lwanamuhla baye bashumayela izindaba ezinhle ngenkuthalo kwaze kwaba semaphethelweni omhlaba belingisa amaKristu akuqala. Injongo yethu yokwenza kanjalo iwukusiza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bavumelanise ukuphila kwabo nentando kaNkulunkulu.—1 Thim. 2:4; 2 Pet. 3:9.

4 Linjani Idumela Lakho? Ingabe waziwa njengomshumayeli oshisekayo weZwi likaNkulunkulu? (IzE. 17:2, 3; 18:25) Ngenxa yomsebenzi wakho wokushumayela, ingabe omakhelwane bakho bawubona kalula umehluko phakathi kwenkolo yabo neyakho? Ingabe waziwa njengomuntu omagange ukuhlanganyela ithemba lakhe nabanye? Ingabe unesimiso sasikhathi sonke sokuhlanganyela enkonzweni? Khumbula ukuthi asizenzi nje sihluke ngegama lethu kuphela kodwa futhi nangokwenza lokho okushiwo yilelo gama—ukufakaza ngoJehova.—Isaya 43:10.

5 Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane lusishukumisela ukuba sihlanganyele emsebenzini wokushumayela. (Math. 22:37-39) Yingakho, thina njengoJesu nabaphostoli, sifuna ukusebenzisa wonke amathuba ukuba sihlanganyele isigijimi soMbuso nabanye. Kwangathi singaqhubeka sishumayela izindaba ezinhle ngentshiseko kulabo abazimisele ukulalela. Ukwenza kanjalo kuyosiza abanhliziyo ziqotho ukuba ‘bahlukanise abalungileyo nababi, abakhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.’—Mal. 3:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela